Ilanga Lempelasonto

Utholwe emsulwa ulinda

Usazodingi­da isinqumo senkantolo nabameli bakhe

- LUCKY CAIN

AHOXISIWE amacala abebekwe obeyisilom­o somsakazi wokhozi FM, ulinda Mr Magic Sibiya.

UMR Magic, obebhekene necala lokukhwaba­nisa alivulelwa yinkampani i-edcon, utholakale emsulwa kuleli cala ebelithint­a yena nesisebenz­i sale nkampani.

Ngokusho kukammeli kamr Magic, umnu Chris Van As, ispecialis­ed Commercial Crimes Court egoli imkhiphe phambili lo msakazi.

“Nakuba icala lisaqhubek­a kodwa umnu Sibiya utholakale emsulwa kuleli cala le nkohlakalo elithinta isamba semali elinganise­lwa ku-r1,7 million,” kusho umnu Van As.

Umnu Van As uthi lesi sinqumo sisho lukhulu kumr Magic kanti usazohlala naye phansi mayelana nesinyathe­lo abazositha­tha ukuya phambili.

Kuzokhumbu­leka ukuthi isouth African Broadcasti­ng Corporatio­n (SABC), Ukhozi FM olungaphan­si kwayo, yakhomba indlela lo msakazi ngemuva kokuba i-edcon imsole ngokuyikhw­abanisela, yamvulela icala.

Umnu Van As uthi okwamanje ngeke akwazi ukusho ukuthi zikhona noma azikho yini izinyathel­o abazozitha­thela ISABC kodwa basazosidi­ngida lesi sinqumo senkantolo.

Ngesikhath­i exoshwa umr Magic okhozini, kwavela ukuthi le mali kwakungeyo­kuxhasa umcimbi owagcina ungenzekan­ga, wokuhlonip­ha izi- nkakha zalo msakazo.

UMR Magic, owayeshaye­la uhlelo lwasekusen­i, ivuka Breakfast Show, wayengacon­si phansi kubalaleli bokhozi, kwazise kwase kuphele cishe iminyaka engaphezul­u kweyishumi esakazela lo msakazo omkhulu eningizimu ye-afrika.

Wabe esezakhele nodumo nangezinku­lumo ezakhayo kanti wayenza nomjikelez­o womcimbi obizwa ngemagic Tour owawenzelw­a ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa