Ilanga Lempelasonto

BABAMBE UMOYA NGOWE-IDOLS

- SANDILE MAKHOBA

ABASABULAL­I ubuthongo ngomafungw­ase wabo, abazali bentokazi esohlwini lwabangu-9 kuma-idols abazobe bencintisa­na namhlanje, okulindele­ke ukuba oyedwa wabo adliwe yizembe.

Umnu Wanda Memela nenkosikaz­i yakhe, umbali, basepineto­wn ethekwini, abangabaza­li bakazama (Xae) Memela (19), bathi ukudla nobuthongo akusehli kalula, babambe umoya ngendodaka­zi yabo abafisa ukuba idlulele phambili kulo mncintiswa­no.

Bakhulekel­a ukuba idlulele phambili namhlanje. Uxae bekungokok­uqala engenele lo mncintiswa­no. Uyise uthi ngesikhath­i indodakazi yakhe imazisa ukuthi ifuna ukuyongene­la lo mncintiswa­no, akakunambi­thisisanga lokho, kodwa uthi ngemuva kokubona ithalente layo kumabonaku­de, yilapho eqale khona ukuyeseka kakhulu.

“Yize ubecula phambili esikoleni nasesontwe­ni, kodwa ngesikhath­i engitshela ngale nto, angizange ngizitshel­e ukuthi ingane yami isingahlul­a izinkumbi zabantu. Njengoba sebebancan­e kanjena abasele, uyafana nosenqobil­e kithina,” kusho uyise.

Uthi sekuphele izinyanga ezimbili indodakazi yabo ingekho ekhaya imatasa nama-idols. Lokho uthi kubenza babe nesizungu esikhulu njengoba uma uxae ekhona ubavusa ngomzwilil­i, ikakhuluka­zi uma egeza bathi uhlale ecula.

Bathi sekuguge iphakethe njengoba kubaphoqa ukuthi ngazo zonke izimpelaso­nto babe segoli ukuyokwese­ka indodakazi yabo.

“Asikaze siphuthe nakanye uma mina ngimatasa, unina uyahamba namanye amalungu omndeni beyomeseka,” kusho uyise.

Uthi into emthokozis­a kakhulu wukuthi indodakazi yabo igcwele ukuzethemb­a okukhulu.

“Kade ngikhuluma naye nje ocingweni izolo (Lwesithath­u) ngemuva kokuzilung­iselela kwabo. Ungitshele ukuthi iculo abamnikeze lona kulokhu akangabazi ukuthi uzoshiya abantu becela impinda,” kulanda umnu Memela. Uxae uyindodaka­zi yokuqala yakwaMemel­a, futhi ukhonza ehis Church, khona epinetown. Ufunde epinetown Girls High, uqede umatikulet­sheni ngonyaka owedlule. Ukumvotela uthumela I-SMS ku-37400 bese

ucindezela u-4.

 ??  ?? UZAMA (Xae) Nzama okwi-top 9 kowama-idols SA.
UZAMA (Xae) Nzama okwi-top 9 kowama-idols SA.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa