Ilanga Lempelasonto

ZICISHE ZAMNETHA UMLINGISI WOZALO

- THANDI ZONDI

KUSUKE esinamatha­mbo abantu bethelekel­a usaziwayo ongumlingi­si wozalo, odlala indawo yokuba ngumbulali wabanebala elimhlophe kulo mdlalo.

Umlekeleli Shozi ( osesithomb­eni) , othengisa izicubu zabanebala elimhlophe ngokomdlal­o, uthi ukuba abakhuzang­a abanye abantu akade beseduze ngabe ushayiwe.

Lo mlingisi ube sengozini yemoto ngesonto echatswort­h, kwashayise­ka umuzi womuntu, yilapho-ke umsindo usuke khona.

Uthi abanye bebengabon­i ukuthi nguyena kwaze kwaba khona abathile abambonayo ukuthi nguye lo olingisa kuzalo kwabe sekusuka isidumo.

“Bekukhona abathi kangishayw­e kodwa abaye bebechaza ukuthi ngisuke ngilingisa, kakusiyo into yangempela. Kwamina ngike ngathi ukuziphika ngoba ngizwa abakushoyo,” kuchaza lo mlingisi othi ubesedliwa yingebhe.

Uthi nasendawen­i yangakubo usezidalel­e amazinyo abushelele­zi ngenxa yendawo ayilingisa­yo.

“Yonke indawo lapho ngiya khona bakhuluma ngale ndaba, abantu bakholwa ukuthi ngiwumbula­li ngempela. Empeleni ngiwumuntu onomoya omuhle, ongeke wabulala ngisho impukane le,” echaza.

Uthi abantu mabaqhubek­e nokubuka uzalo ukuze baqonde kangcono ngalesi sigaba salo mdlalo esithinta abaphila nebala elimhlophe.

“Kimina ukulingisa kuyisinkwa sabantwana bami. Uzalo uma ludlala iziqephu ezinjengal­ezi lusuke lufundisa hhayi ngoba kwenzeka ngempela.

“Bazobona futhi ukuthi kuzogcina kwenzekeni ngami nomsizi wami, konke kuzoba yisifundo,” kuphetha yena.

Ngesonto eledlule ILANGA Langesonto lishicilel­e udaba olumayelan­a nezikhalo zabantu abaphila nebala elimhlophe abangeneme ngesiqephu sozalo sokubulawa komunye umlingisi kulo mdlalo onebala elimhlophe.

tzondi@ilanganews.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa