SIZIPHOLELE
UMLINGISI obukeka enesizotha esikhulu emdlalweni Isibaya esikhonjiswa kumzansi Magic 161, usamke Mkhize, uthi kunzima ukuthola umaqondana.
Usamke odlala indawo kamabuyi kulo mdlalo, uthi kunzima ukubona umuntu okuthanda ngempela uma ungumuntu ovela kumabonakude ngoba usuke ungazi noma lowo muntu ukuthandela udumo yini.
"Kunomuntu othi uthandana nosamke kanti kubantu uthandana nomabuyi. Uthi uhleli naye afonele abangani bakhe abatshele ukuthi mabeze bezobona ukuthi uphethe bani," kusho yena.
Uveze lokhu engxoxweni ekhethekile NELANGA Langesonto lapho ebesilandisa ngengxenye yempilo yakhe. Usamke ukholwa wukuthi wonke umuntu uyakwazi ukulingisa, okwenza kube nzima kuyena ukuba akholwe kalula yinto eshiwo ngomunye umuntu ngomlomo ngoba uzothi uqinisile kanti uyazidlalela nje.
"Abantu bathi senza umsebenzi onzima, kodwa mina ngibona wonke umuntu ekwazi ukulingisa. Ukuqamba amanga ungitshele ukuthi uyangithanda, lokho ukulingisa, yingakho kunzima kumuntu ovela kumabonakude ukukholwa umuntu uma ethi ukuthanda ngempela," kuchaza yena.
Uthi abantu abaningi benza izinto ngoba benzela ukwanelisa abanye abantu kanti yena akayona leyo nhlobo, yingakho kuyimanje ezihlalele yedwa engenaye umuntu athandana naye. KUNZIMA UKUBA NGUMABUYI
Indima ayidlalayo emdlalweni Isibaya uthi inzima kakhulu ngoba kumele asebenze ngokuzikhandla ukuze akhiphe lo Mabuyi odingekayo. "Okokuqala nje umabuyi uhlale ekhala, ebalisa futhi unozwelo - usamke akanjalo-ke, uthanda ukuzijabulela futhi akathithizi, wenza konke okwenziwa ngumuntu omusha," kusho yena.
Uthi uma angase anikezwe indawo yokulingisa umahosha angagxuma ahlale ngoba yiyona nto angayenza kangcono kunokuhlala ekhala.
Enye yezinto athi isike yamthwalisa kanzima kulo mdlalo, kungesikhathi lapho okwakumele awotawotane nomuntu amhlonipha kakhulu, ubheki Mkhwane olingisa usamson Ndlovu. "Ngangiqala ukutshela ababhali ukuthi ngicela bashintshe into abayibhalile.
"Yize ngiwumlingisi, kodwa ngabatshela ukuthi ezinye zezinto ngeke ngikwazi ukuzenza ngoba umkhwane ufana nobaba kimina," kusho yena. Yize bagcina beqabulene kodwa uthi akufananga nangendlela okwakubhalwe ukuthi kumele benze ngayo. Ngokusho kukasamke, nakuyena umkhwane kwakunzima - kwaba wumzuzu onzima kubona bobabili ngesikhathi sebeqabulana. BASUKA KUDE NOMKWANE
Usamke usuka kude nobheki Mkhwane njengoba waqala ukusebenza naye esadlala umadam President. Uthi ngaleso sikhathi wayengakamjwayeli.
Umkhwane wayevamise ukumfundisa, amcije ngokuthi kumele adlale kanjani. "Ngaphandle nje kuka-edmund Mhlongo, kodwa ubaba umkhwane ungomunye wabantu ababe negalelo kakhulu ekubeni ngize ngifike lapha esengikhona. "Banginikeze ngisho amathuba okuya phesheya kwezilwandle," kusho usamke.
Uthi ukusebenza nabantu abanesipiliyoni njengomkhwane kumnika ugqozi.
KWABA LULA UKUNGENA KWI-TV
Ukusuka emdlalweni weshashalazi ayolingisa kumabonakude uthi akuzange kube nzima kuyena ngoba vele indlela ayelingisa ngayo beyiwufanele umabonakude. "Kusukela ngo-2015 ngiqala ukushutha, konke kwangihambela kahle, angiyibonanga inkinga.
"Into engatshelwa yona wukuthi akumele ngibe nehaba, umuntu obuka i- tv aze acikeke, abone ukuthi kuyalingiswa la," kusho yena. Uthi umdlalo weshashalazi unzima kunowe- tv, ngoba oweshashalazi kumele ufake umfutho kanti kwi- tv uba yilowo muntu okuthiwa
yiba nguyena. KUMELWE ZIXHASWE IZIKHUNGO ZOBUCIKO
Uthi izikhungo zobuciko ezifana NEK-CAP, Ekhaya Multi Arts Centre uhulumeni kumele azibhekelele ngoxhaso, futhi zakhiwe emiphakathini.
Usamke uthi kunabantwana abaningi abangenayo imali yokuya emanyuvesi, kodwa abathola ukusizakala kulezi zikhungo. Naye ungelinye lamaciko akhiqizwe YIK-CAP. Uphume esikoleni inqabakazulu wayokwenza i-arts ek-cap.
Ngokusho kwakhe uke wenza izifundo ze-economic Management
E-UNISA unyaka owodwa. "Kubalulekile ukuba uhulumeni izikhungo ezinjena azivule emiphakathini ehlukene," kusho yena.
UMLINGISI OQAVILE KWIFILIMU
Iphupho likasamke elikhulu wukuba ngumlingisi ophambili kwenye yamafilimu amakhulu, noma ngabe ngeyaseNingizimu Afrika okanye eyaphesheya kwezilwandle. Uncome umdlalo ithe Herd ngokuthi utshengisa impilo ekhona ngempela. "Abantu akumele bazitshele ukuthi umthakathi umuntu obukeka engcolile kuphela, kodwa ngisho abelungu bayathakatha. Ingichaza kakhulu mina ithe Herd," kusho yena. Usazihlalela kubo Kwamashu, uzimisele ngokwelula isanda emphakathini wangakubo, enze okuthile okungawuthuthukisa.