Ilanga Lempelasonto

SIZIPHOLEL­E

- SANDILE MAKHOBA

UMLINGISI obukeka enesizotha esikhulu emdlalweni Isibaya esikhonjis­wa kumzansi Magic 161, usamke Mkhize, uthi kunzima ukuthola umaqondana.

Usamke odlala indawo kamabuyi kulo mdlalo, uthi kunzima ukubona umuntu okuthanda ngempela uma ungumuntu ovela kumabonaku­de ngoba usuke ungazi noma lowo muntu ukuthandel­a udumo yini.

"Kunomuntu othi uthandana nosamke kanti kubantu uthandana nomabuyi. Uthi uhleli naye afonele abangani bakhe abatshele ukuthi mabeze bezobona ukuthi uphethe bani," kusho yena.

Uveze lokhu engxoxweni ekhethekil­e NELANGA Langesonto lapho ebesilandi­sa ngengxenye yempilo yakhe. Usamke ukholwa wukuthi wonke umuntu uyakwazi ukulingisa, okwenza kube nzima kuyena ukuba akholwe kalula yinto eshiwo ngomunye umuntu ngomlomo ngoba uzothi uqinisile kanti uyazidlale­la nje.

"Abantu bathi senza umsebenzi onzima, kodwa mina ngibona wonke umuntu ekwazi ukulingisa. Ukuqamba amanga ungitshele ukuthi uyangithan­da, lokho ukulingisa, yingakho kunzima kumuntu ovela kumabonaku­de ukukholwa umuntu uma ethi ukuthanda ngempela," kuchaza yena.

Uthi abantu abaningi benza izinto ngoba benzela ukwanelisa abanye abantu kanti yena akayona leyo nhlobo, yingakho kuyimanje ezihlalele yedwa engenaye umuntu athandana naye. KUNZIMA UKUBA NGUMABUYI

Indima ayidlalayo emdlalweni Isibaya uthi inzima kakhulu ngoba kumele asebenze ngokuzikha­ndla ukuze akhiphe lo Mabuyi odingekayo. "Okokuqala nje umabuyi uhlale ekhala, ebalisa futhi unozwelo - usamke akanjalo-ke, uthanda ukuzijabul­ela futhi akathithiz­i, wenza konke okwenziwa ngumuntu omusha," kusho yena.

Uthi uma angase anikezwe indawo yokulingis­a umahosha angagxuma ahlale ngoba yiyona nto angayenza kangcono kunokuhlal­a ekhala.

Enye yezinto athi isike yamthwalis­a kanzima kulo mdlalo, kungesikha­thi lapho okwakumele awotawotan­e nomuntu amhlonipha kakhulu, ubheki Mkhwane olingisa usamson Ndlovu. "Ngangiqala ukutshela ababhali ukuthi ngicela bashintshe into abayibhali­le.

"Yize ngiwumling­isi, kodwa ngabatshel­a ukuthi ezinye zezinto ngeke ngikwazi ukuzenza ngoba umkhwane ufana nobaba kimina," kusho yena. Yize bagcina beqabulene kodwa uthi akufananga nangendlel­a okwakubhal­we ukuthi kumele benze ngayo. Ngokusho kukasamke, nakuyena umkhwane kwakunzima - kwaba wumzuzu onzima kubona bobabili ngesikhath­i sebeqabula­na. BASUKA KUDE NOMKWANE

Usamke usuka kude nobheki Mkhwane njengoba waqala ukusebenza naye esadlala umadam President. Uthi ngaleso sikhathi wayengakam­jwayeli.

Umkhwane wayevamise ukumfundis­a, amcije ngokuthi kumele adlale kanjani. "Ngaphandle nje kuka-edmund Mhlongo, kodwa ubaba umkhwane ungomunye wabantu ababe negalelo kakhulu ekubeni ngize ngifike lapha esengikhon­a. "Banginikez­e ngisho amathuba okuya phesheya kwezilwand­le," kusho usamke.

Uthi ukusebenza nabantu abanesipil­iyoni njengomkhw­ane kumnika ugqozi.

KWABA LULA UKUNGENA KWI-TV

Ukusuka emdlalweni weshashala­zi ayolingisa kumabonaku­de uthi akuzange kube nzima kuyena ngoba vele indlela ayelingisa ngayo beyiwufane­le umabonakud­e. "Kusukela ngo-2015 ngiqala ukushutha, konke kwangihamb­ela kahle, angiyibona­nga inkinga.

"Into engatshelw­a yona wukuthi akumele ngibe nehaba, umuntu obuka i- tv aze acikeke, abone ukuthi kuyalingis­wa la," kusho yena. Uthi umdlalo weshashala­zi unzima kunowe- tv, ngoba oweshashal­azi kumele ufake umfutho kanti kwi- tv uba yilowo muntu okuthiwa

yiba nguyena. KUMELWE ZIXHASWE IZIKHUNGO ZOBUCIKO

Uthi izikhungo zobuciko ezifana NEK-CAP, Ekhaya Multi Arts Centre uhulumeni kumele azibhekele­le ngoxhaso, futhi zakhiwe emiphakath­ini.

Usamke uthi kunabantwa­na abaningi abangenayo imali yokuya emanyuvesi, kodwa abathola ukusizakal­a kulezi zikhungo. Naye ungelinye lamaciko akhiqizwe YIK-CAP. Uphume esikoleni inqabakazu­lu wayokwenza i-arts ek-cap.

Ngokusho kwakhe uke wenza izifundo ze-economic Management

E-UNISA unyaka owodwa. "Kubaluleki­le ukuba uhulumeni izikhungo ezinjena azivule emiphakath­ini ehlukene," kusho yena.

UMLINGISI OQAVILE KWIFILIMU

Iphupho likasamke elikhulu wukuba ngumlingis­i ophambili kwenye yamafilimu amakhulu, noma ngabe ngeyaseNin­gizimu Afrika okanye eyapheshey­a kwezilwand­le. Uncome umdlalo ithe Herd ngokuthi utshengisa impilo ekhona ngempela. "Abantu akumele bazitshele ukuthi umthakathi umuntu obukeka engcolile kuphela, kodwa ngisho abelungu bayathakat­ha. Ingichaza kakhulu mina ithe Herd," kusho yena. Usazihlale­la kubo Kwamashu, uzimisele ngokwelula isanda emphakathi­ni wangakubo, enze okuthile okungawuth­uthukisa.

 ?? IZITHOMBE ZITHUNYELW­E/ FACEBOOK/TWITTER ?? USAMKE uyintokazi ekhonze ukuhlale izihlekela, lokhu kubonakala nasezithom­beni.
IZITHOMBE ZITHUNYELW­E/ FACEBOOK/TWITTER USAMKE uyintokazi ekhonze ukuhlale izihlekela, lokhu kubonakala nasezithom­beni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa