Ilanga Lempelasonto

UZISHAYA ISIFUBA NGOKUFUNDI­SA ABEFUNDISI NGOMDALI

- TSEPO MOLEFE

Usolwazi,oyisayoni, ophethe esinye sezikhungo eziqeqesha abefundisi Kwazulu-natal, uzishaya isifuba ngokulekel­ela abanye abefundisi basezayoni ngokubafun­disa ukuphatha amabandla nokuhlonip­ha unkulunkul­u.

Uthi ibandla lasezayoni belidume ngokushaya izigubhu, kwenziwe amaladi kodwa abefundisi bakhona bengenalo ulwazi lokuthi ibandla lilawulwa kanjani kuze kufike ekulikhuli­seni.

U-archbishop Sol Roger Sibiya, ongumengam­eli welight of the World Bible College, emgungundl­ovu, futhi ongumsungu­li weswelihle Ministers Associatio­n, ubonga ukukhuthal­a kwabefundi­si basezayoni abaphuma ezandleni zakhe emuva kokunanela ikhwelo lakhe, elibamemel­a ezifundwen­i zokukhula ekuholeni amabandla nasekuqond­eni ibhayibhel­i.

U-archbishop Sibiya, obuye ahole ibandla lakhe elaziwa emgungundl­ovu ngenew Christ Spiritual Church of God, okuyibandl­a elibuye libizwe ngenkanyez­i Yokusa, uthi ukuthuthuk­isa abefundisi basezayoni kwaqalwa ngokuhlang­anyela kwabanye abefundisi abahlanu abafika kuyena babonisana ngezindlel­a zokuthu- thukisa leli bandla.

Uthe lokhu kuhlangana kwakhe nalaba befundisi kwathela izithelo ezinhle ngoba kwasungule­ka iswelihle Ministers Associatio­n.

“Ngo-1995 sasixoxa nalaba befundisi sabona kuyisu elihle ukuba sithuthuki­sane singabefun­disi, singajabul­eli ukuvula izinkonzo sishumayel­e, kodwa sibe singakwazi ukuthuthuk­isa amabandla esiwaholay­o.

“Negama laqhamuka kanjaloke ngoba sibona ukuthi kube yisu elihle ukuhlangan­a kwethu saze sakha nenhlangan­o ezobuye ilekelele ekucathuli­seni abefundisi basezayoni,” ubeke kanje.

Eqhubeka usol Archbishop, uthe ukuthela izithelo ezinhle kweswelihl­e kwamenza wajula naye ngolwazi lwezenkolo njengoba kwase kuqina ukusungulw­a kwekolishi lebhayibhe­li, ilight of the World.

“Kwathi ngo-1999 kwasungule­ka ilight of the World Bible College eyagunyazw­a yivision Internatio­nal University yaseAustra­lia ngoba ngase ngizame kuwona wonke amanyuvesi alapha eningizimu Afrika ukuba ngibambisa­ne nawo kodwa ngahluleka. Ngaleli kolishi sasifuna bonke abefundisi abangamalu­ngu aseswelihl­e bakhule kwezenkolo,” usho kanje.

 ?? ISITHOMBE NGU: TSEPO MOLEFE ?? USOLWAZI Archbishop Roger Sibiya (okwesobunx­ele) ebusisa u-archbishop Bongani Hlongwane emuva kokumnikez­a isitifiket­i sokuba yilungu eligcwele leswelihle Ministers Associatio­n.
ISITHOMBE NGU: TSEPO MOLEFE USOLWAZI Archbishop Roger Sibiya (okwesobunx­ele) ebusisa u-archbishop Bongani Hlongwane emuva kokumnikez­a isitifiket­i sokuba yilungu eligcwele leswelihle Ministers Associatio­n.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa