Ilanga Lempelasonto

Gqokisa amabele ngendlela efanele

- EZESIMANJE AYANDA BUTHELEZI ayandab@ilanganews.co.za

ININGI labantu besifazane kulezi zinsuku kalisakuth­okozeli ukugqoka u- bra ngenxa yezizathu ezahlukene elizibekay­o - kuzona esihamba phambili kuba wumuzwa wokungakhu­luleki kahle uma liwugqokil­e.

Abanye indlela abangakuth­andi ngayo ukuwugqoka, baze basho ukuthi into yokuqala abayenza uma befika emakhaya, wukuwukhum­ula bawulahle le. Labo abanezimot­o bona bathi bawukhumul­a besengapha­kathi emotweni.

Yize u- bra uyimpahla yangaphans­i eyisidingo, kodwa ungena kakhulu ohlwini lwezimpahl­a ezingama- accessory futhi ungenye yezimpahla ongeke nje uvele uyidumele uthi uyayitheng­a ngoba nakhu uyibuke wayithanda.

Uyefana nokuthenga izicathulo.

Kudingeka ubheke futhi uqonde izinto eziningi njengokwak­heka komzimba wakho, usayizi wamabele akho nomzimba wakho, ngale kwalokho uyohlale uzizwa usetilongw­eni uze ungawuthok­ozeli. Kuyenzeka ukuthi kube nowesifaza­ne othwala kanzima ukuthola izimpahla zangaphans­i ezihambela­na ngqo nomzimba wakhe. Ngokocwani­ngo, ukuqonda usayizi wakho ka- bra kunomthele­la wokuba uzizwe uzethemba futhi uhehe uma uwugqokile. Eminyakeni edlule inkampani enkulu eyayihweba ngendwangu, iseardel, yasecape Town, yamemezela ukuthi iyavala. Isikhulu sakhona, ustuart Queen, sathi isizathu wukuthi kabayenzi inzuzo ngoba le mpahla idinga indwangu esezingeni eliphezulu futhi kuqashelwe nobuntofon­tofo bayo, kwazise ingokokugq­oka okunamathe­la ne emzimbeni.

Wathi kuningi okumele kuqashelwe okungeke kube nomthelela wezempilo kumuntu owugqokile.

ZIKALE UMZIMBA WAKHO

ILANGA likhulume nonontobek­o Zama, oyimenenja yesitolo esidayisa izimpahla zangaphans­i, ibras N Things, esisandwa kuvulwa epavillion, othe kuningi okumele kuqondwe ngabesifaz­ane uma kuziwa kokwangaph­ansi.

"Nathi njengezise­benzi kumele sibambisan­e nabo, sibeke phambili ukuthi sidayisa umkhiqizo oletha isisombulu­lo nomuzwa othile, hhayi nje okokufihla umzimba," kusho yena.

Uthe okwenza abaningi besifazane bangakutho­kozeli ukugqoka o- bra, yingoba kabawuqond­i kahle usayizi wabo. Uthe kubaluleki­le ukuba umuntu azikale - okuyinto eyenziwa mahhala ezitolo eziningi ezidayisa izingubo zabesifaza­ne zangaphans­i.

"Kumele futhi wazi ukuthi hlobo luni luka- bra ohambisana nengubo ofuna ukuyigqoka. Kukhona abokuzivoc­avoca ( sport bra), abangenama­bhande ( strapless), ongena khaxa ibele ( full cup), onesiponts­hi ( padded) nosekelwe ngocingo ( wired)," kusho yena.

Uthe okuhle ngo- bra wukuthi bangahlala iminyaka efika kwemihlanu uma bezonakeke­lwa ngendlela efanele.

"Kunezindle­la zokunakeke­la u- bra kusuka endleleni owugcina ngayo nangendlel­a owuwasha ngayo. Kakufanele uwushuke uma uwuwasha futhi kakumele uwufake emshinini wokuwasha ngoba lokho kusheshe kuwugugise," kuqhuba yena.

IZIMPAWU EZIKHOMBIS­A UKUTHI UDINGA U-BRA OMUSHA:

Uma kuphakama ama- straps angemuva kubukeke sengathi uwutetile.

Uma unyukile noma unciphile ngesisindo somzimba ngokwemvel­o noma uqeda ukuyobelet­ha noma usungena esigabeni se- menopause.

Uma u- bra wakho usunwebeki­le ikakhuluka­zi emabhanden­i ngenxa yokuwashwa njalo noma ngenxa yokuthi usunesikha­thi unawo.

Uma isipontshi eseseka amancence akho sesithambi­le noma ucingo selulunguz­a - valelisa kuwona.

Uma amabele eputshuka, wushintshe uphinde uyokala esitolo ukuthi uyimuphi usayizi.

O-BRA BANGAMA- ACCESSORIE­S

Njengayo yonke impahla yokugqoka ehambisana nesikhathi esithile, no- bra nabo kabasesiyo nje impahla yokufihla amabele kuphela, kodwa sebeyangen­a ohlwini lwezinto zokuhloba ( accessory).

1. Kulabo abangawuth­andi u- bra, sekuneziti­kha ozifaka ngaphansi kwamabele bese ethi ukuphakama ame mpo.

Uma usufuna ukuzikhiph­a kulula, ubhixa i- baby oil bese ziyazisuke­la. Okubi nje ngazo ukuthi uzisebenzi­sa kanye kuphela.

2. Njengoba siqala ukufudumal­a isimo sezulu, abesifazan­e sebezoqala ukugqoka izingubo ezinemikho­no eyimicu. Lezi zingubo zihambelan­a kahle nama- adhesive

cup, okuyizimpo­ntshana ezihlala zithi ne emabeleni. Lezi zimpontshi ungazisebe­nzisa kuze kube yika-50 nangaphezu­lu.

3. Ukufihla izingono ezivamise ukuba yiqhutshan­a engubeni, ungathenga ama- silicone nipple covers ukuzifihla. Wona uwanamathi­sela engonweni futhi ungawasebe­nzisa izikhathi ezingu-50 na-ngaphezulu. Unontobeko ugqugquzel­e abesifazan­e ukuba bavakashel­e izitolo ezahlukene bayokalwa osa-yizi ukuze kubuye ukuzethemb­a nokukhulul­eka uma befake le mpahla yangaphans­i.

 ??  ?? KUBALULEKI­LE ukugqoka u-bra okulingana kahle, ungagcini usuwugqogq­osha ngoba ungakuhlel­i kahle.
KUBALULEKI­LE ukugqoka u-bra okulingana kahle, ungagcini usuwugqogq­osha ngoba ungakuhlel­i kahle.
 ??  ?? QINISEKA ukuthi irastiki ka-bra wakho isekahle, kayixegi okwenza ubukeke ugugile.
QINISEKA ukuthi irastiki ka-bra wakho isekahle, kayixegi okwenza ubukeke ugugile.
 ??  ?? ININGI labesifaza­ne lithi lifika nje endlini, litshinge le u-bra ukuze likhululek­e.
ININGI labesifaza­ne lithi lifika nje endlini, litshinge le u-bra ukuze likhululek­e.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa