NGIBHEKENE NESIMO ESINZIMA
UMBUZO: NGITHI angizilahle kuwe njengomntwana kankulunkulu - nginenkinga kangangoba ngiya ngokuya ngilimala engqondweni nasenhliziyweni.
Inkinga yami wukuthi nginomndeni wasekhaya okuyimina owunakekelayo ngayo yonke into, ikakhulu abazali. Abafowethu abanandaba nabo kanti nempilo yami iyacikizela.
Okubuhlungu ukuthi angibatholi nabantwana kanti le ndoda enginayo inaye umntwana ngaphandle, ngenzenjani?
IMPENDULO: DADEWETHU, angiboni ukuthi lokhu okusho lapha yinto esingaze ikuhlukumeze emqondweni ngaphandle uma kukhona okunye ongakuvezi okuhlukumeza umoya wakho.
Ukunakekela abazali bakho kuyinto enhle futhi kukhomba ukuthi ungumuntu onomqondo ophusile. Ngingasho nje ngithi lapho wenza umsebenzi omuhle kakhulu, futhi qhubeka ubanakekele abazali bakho, ngoba lokho kuyisibusiso nakunkulunkulu.
Engingakuxwayisa kukhona wukuthi ungazami ukwenza okungaphezu kwamandla akho ngoba yilokho okuzokufaka enkingeni.
Futhi ungakhohlwa wukuzinakekela phela nawe uze ugcine usubona impilo yakho se- ngathi imile. Ungabuki ukuthi abafowenu benzanjani bona. Musa ukuqophisana nabo, bayeke, mhlawumbe ingqondo nakubo iyoqaqeka.
Enkingeni yokungabatholi abantwana ngicabanga ukuthi kufanele uke uxhumane nodokotela. Baningi abantu abake babhekane nalesi simo kodwa sixazululeke.
Kungenzeka ukuthi kunenkinga encane nje edinga ukuxazululwa yibo odokotela. Futhi-ke kuhle ngoba ungumntwana kankulunkulu, okusho ukuthi uyakwazi ukukhuleka. Ezinye izinto esibhekana nazo uma singamakholwa kufanele sizibhekise kunkulunkulu. akusho ukuthi uzoyidonsa yonke leyo minyaka. Uma umuntu eziphethe kahle ngaphakathi ejele kuyenzeka athole ushwele, isigwebo asiqedele ngaphandle.
Ngicabanga ukuthi kufanele nawe umeseke umyeni wakho, ubekezele, ungasheshi ulahle ithemba.
Ungenzi futhi into oyozisola ngayo esikhathini esizayo. Akufanele ukhombise ukulahla ithemba ngoba lokho kungahlukumeza nabantwana. Zama ukwenza ngayo yonke indlela ukunakekela abantwana bakho. siyadinga ukuba nabantu esibambisene nabo othandweni kodwa uma kungakaqondani, asikho isidingo sokuhambe uziphonsa ngoba uyoze uzilahlele nasemalahleni avuthayo, ushe.
Linda nje, uma isikhathi sesifikile uyomthola umngani noma umaqondana. Zithande, uzinakekele, uzoyithokozela impilo. *Sicela bonke abafisa ukuthumela imibuzo noma abafisa ukusizakala ezinkingeni ababhekene nazo basebenzise inombolo kawhatsapp ethi 082 070 8034. Sizozama ngakho konke ukuyiphendula imibuzo yenu.