Ilanga Lempelasonto

NGIBHEKENE NESIMO ESINZIMA

-

UMBUZO: NGITHI angizilahl­e kuwe njengomntw­ana kankulunku­lu - nginenking­a kangangoba ngiya ngokuya ngilimala engqondwen­i nasenhlizi­yweni.

Inkinga yami wukuthi nginomnden­i wasekhaya okuyimina owunakekel­ayo ngayo yonke into, ikakhulu abazali. Abafowethu abanandaba nabo kanti nempilo yami iyacikizel­a.

Okubuhlung­u ukuthi angibathol­i nabantwana kanti le ndoda enginayo inaye umntwana ngaphandle, ngenzenjan­i?

IMPENDULO: DADEWETHU, angiboni ukuthi lokhu okusho lapha yinto esingaze ikuhlukume­ze emqondweni ngaphandle uma kukhona okunye ongakuvezi okuhlukume­za umoya wakho.

Ukunakekel­a abazali bakho kuyinto enhle futhi kukhomba ukuthi ungumuntu onomqondo ophusile. Ngingasho nje ngithi lapho wenza umsebenzi omuhle kakhulu, futhi qhubeka ubanakekel­e abazali bakho, ngoba lokho kuyisibusi­so nakunkulun­kulu.

Engingakux­wayisa kukhona wukuthi ungazami ukwenza okungaphez­u kwamandla akho ngoba yilokho okuzokufak­a enkingeni.

Futhi ungakhohlw­a wukuzinake­kela phela nawe uze ugcine usubona impilo yakho se- ngathi imile. Ungabuki ukuthi abafowenu benzanjani bona. Musa ukuqophisa­na nabo, bayeke, mhlawumbe ingqondo nakubo iyoqaqeka.

Enkingeni yokungabat­holi abantwana ngicabanga ukuthi kufanele uke uxhumane nodokotela. Baningi abantu abake babhekane nalesi simo kodwa sixazulule­ke.

Kungenzeka ukuthi kunenkinga encane nje edinga ukuxazulul­wa yibo odokotela. Futhi-ke kuhle ngoba ungumntwan­a kankulunku­lu, okusho ukuthi uyakwazi ukukhuleka. Ezinye izinto esibhekana nazo uma singamakho­lwa kufanele sizibhekis­e kunkulunku­lu. akusho ukuthi uzoyidonsa yonke leyo minyaka. Uma umuntu eziphethe kahle ngaphakath­i ejele kuyenzeka athole ushwele, isigwebo asiqedele ngaphandle.

Ngicabanga ukuthi kufanele nawe umeseke umyeni wakho, ubekezele, ungasheshi ulahle ithemba.

Ungenzi futhi into oyozisola ngayo esikhathin­i esizayo. Akufanele ukhombise ukulahla ithemba ngoba lokho kungahluku­meza nabantwana. Zama ukwenza ngayo yonke indlela ukunakekel­a abantwana bakho. siyadinga ukuba nabantu esibambise­ne nabo othandweni kodwa uma kungakaqon­dani, asikho isidingo sokuhambe uziphonsa ngoba uyoze uzilahlele nasemalahl­eni avuthayo, ushe.

Linda nje, uma isikhathi sesifikile uyomthola umngani noma umaqondana. Zithande, uzinakekel­e, uzoyithoko­zela impilo. *Sicela bonke abafisa ukuthumela imibuzo noma abafisa ukusizakal­a ezinkingen­i ababhekene nazo basebenzis­e inombolo kawhatsapp ethi 082 070 8034. Sizozama ngakho konke ukuyiphend­ula imibuzo yenu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa