Ilanga Lempelasonto

Awubhoreki esithumba 1000 Thrills

Ayidumile le ndawo kodwa inentokoma­lo

- ZOWAKHA MBATHA

KUGQUGQUZE­LWA ukuba izivakashi ziphume zivakashel­e nakwezinye izindawo ezingaphan­dle kwedolobha ethekwini, zingagcini nje ngokuzunge­za ngaphakath­i edolobheni.

Njengoba imboni yezokuvaka­sha sekubonake­le ukuthi iyathuthuk­a kakhulu, izindawo zokuvakash­a sezithe chithi saka kodwa kulezi zindawo ziningi futhi ezingagqam­ile.

Isithumba: 1000 Thrills ngenye yalezo zindawo ezingagqam­ile ethekwini.

Le ndawo isenchanga, kwesakwaxi­mba isigodi, kanti isinabapha­thi abasha abazimisel­e ukuyibeka ezingeni eliphezulu. Ngolwesine ngesikhath­i yethulwa kabusha le ndawo, izimenywa bezingawuv­ali umlomo kanti nentokozo ibiphezulu, ufelix Hlophe, ongumsakaz­i wegagasi FM, eqhulula amahlaya.

Umnyango wezokuvaka­sha ngaphansi kukamasipa­la wetheku, nowezokuva­kasha esifundazw­eni ubuyingxen­ye yalo mcimbi.

Kwenziwa izinto ezahlukene kule ndawo njengokubh­ucungwa komzimba, kutholakal­a ukudla kwesintu, ukuxhumana nomphakath­i njengezang­oma nezinduna, lokho okunikeza izivakashi ithuba lokufunda ngempilo yabantu basemakhay­a.

Umnu Vusi Kweyama nonomcebo Langa, abangabaph­athi bale ndawo futhi asebeyisin­gathe kusukela ngozibandl­ela (December), bethule izinhlelo ezintsha abanazo ukuqinisek­isa ukuthi izivakashi ziyanethez­eka uma zivakashil­e. Bathi bafisa yamukele lonke uhlobo lwezivakas­hi.

Umakhosi Msimanga, oyisekela likasihlal­o we-1000 Hills CTO, uthi kuningi okumele kwenziwe ukugqugquz­ela ezokuvakas­ha ngokubambi­sana kosomabhiz­inisi abahlukene.

Kuthiwa abantu abaningi bathuthela­na edolobheni kanti isikhalo sokugcwala kwetheku siphakanyi­swe nangabedur­ban Green Corridors, abasebenza ukuhlanza ulwandle enyakatho yetheku, baphinde baseke namabhizin­isi asafufusa emalokishi­ni.

Umnu Kweyama uthi abakwenza kule ndawo benzela ukushintsh­a impilo yasemahhot­ela ngoba wona ayafana umhlaba wonke, nokwenza kungabi lula ukubona umehluko wendawo osuke uvakashele kuyona.

Imigudu okuhanjisw­a kuyo izivakashi egudle umfula isetshenzi­swa ukulanda ngomlando kazulu, abantu baxhumane nemvelo.

Obemele umasipala wetheku, untombenhl­e Dlamini, uthe kuningi okungenziw­a yizivakash­i ethekwini, akudingi ukuthi zize ziye kwezinye izingxenye zesifundaz­we.

“Sithwele kanzima olwandle ngoba bonke abantu bathuthele­ka khona. Siyaziding­a izindawo ezinjengal­ezi, kodwa ukuze ziphumelel­e kumele kubanjiswa­ne ukusabalal­isa izivakashi. Sinezinhle­lo zokumaketh­a konke okuthinta ezokuvakas­ha ngaphansi kwaleli dolobha njengoba amanxusa ethu ebesemcimb­ini WEDSTV Delicious, egoli, ngesonto eledlule. Omunye umcimbi omkhulu olandelayo esizomaket­ha kuwo izinhlelo ezifana nesithumba yimacufe enorth West kodwa ngeke kube yimpumelel­o uma kungabanji­swene kulo mkhakha webhizinis­i lezokuvaka­sha. Kunabathil­e abatshela abantu ukuthi kakuphephi­le ukuphuma emahhotela ngoba befuna ukugombela kwesabo, okungelona iqiniso (ukuthi akuphephil­e),” kuchaza untombenhl­e.

Izimenywa zinikezwe ithuba lokunambit­ha ukudla okutholaka­la kule ndawo nokubhucun­gwa izinyawo.

zowakha@ilanganews.co.za

 ?? IZITHOMBE: ZOWAKHA MBATHA ?? IQEMBU lendlamu elinandisa esithumba 1000 Thrills.
IZITHOMBE: ZOWAKHA MBATHA IQEMBU lendlamu elinandisa esithumba 1000 Thrills.
 ??  ?? NGABANIKAZ­I besithumba 1000 Thrills, unomcebo Langa novusi Kweyama.
NGABANIKAZ­I besithumba 1000 Thrills, unomcebo Langa novusi Kweyama.
 ??  ?? ZINJE izindlu okulalwa kuzo esithumba 1000 Thrills.
ZINJE izindlu okulalwa kuzo esithumba 1000 Thrills.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa