Ilanga Lempelasonto

Useqophe nodj Maphorisa owaswazini

- ZOWAKHA MBATHA zowakha@ilanganews.co.za

KUBUKEKA uya kude umshikashi­ka ka-amanda Sitanzile Motsa obizwa ngo

Amanda

Mo emculweni njengoba kunengoma entsha ayenze nodj Maphorisa ayidedele ngolwesihl­anu ethi Phula. Kuyaziwa ukuthi izingoma ezivutshel­we ngumaphori­sa zishisa izikhotha nakwamanye amazwe imbala njengayo le ayenze nale ntokazi yasembaban­e eswazini, phambilini esike sabika ngokungeni­sa kwayo emculweni.

Ingoma yayo edlalwa nxazonke ngenodj Qness ethi "You", esihlale kweziphamb­ili ezinhlanu ezidlalwa kakhulu emsakazwen­i isikhathi eside.

Lo mzwilili akagcini nje ngokudlisa ngephimbo kodwa uhlome nangemfund­o njengoba ephothule izifundo ze-environmen­tal Science e-university of Kwazulu-natal.

Abe-icon PB okuyinkamp­ani aqopha ngaphansi kwayo nokuyiyo egqamise usands wetigi Tigi kuleli bathi kubageze ubebebe ukusebenza nomaphoris­a.

Uphilani Dlamini wale nkampani uthi basezinhle­lweni zokudedela i-albhamu ephelele ngolwesihl­anu esibheke kulo emva kwempumele­lo yezingoma abazenzile.

“Le esiyenze nomaphoris­a isiyathola­kala kuzo zonke izitolo ezidayisa umculo kwi-internet kusukela kuthangi kanti nakanjani ngoLwesihl­anu sizobe sesimemeze­la nge-albhamu esizoyikhi­pha ngalo lolo suku,” usho kanje efunga ukuthi abathanda isitayela sika-amanda Mo ngeke bazisole ngalo msebenzi abawukhiqi­zile, ILANGA Langesonto

eseliwuzwi­le nalo abazowuded­ela ngolwesihl­anu.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ISITHOMBE: UKHOZI FM ?? UTHEMBISA lukhulu u-amanda Mo osenengoma nodj Maphorisa
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ISITHOMBE: UKHOZI FM UTHEMBISA lukhulu u-amanda Mo osenengoma nodj Maphorisa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa