Ilanga Lempelasonto

EZEMISAKAZ­O:

- ZOWAKHA MB

NGESONTO eledlule ngike ngafunda ngemibono yabalaleli bekhwela bedilika kuSbu Buthelezi wokhozi FM egxekwa ngokungaba­mbisani nabalaleli, kuthiwa ubavala besakhulum­a.

Kungimanga­zile lokhu ngoba ngiyazi sekuyiminy­aka eyibambile emsakazwen­i, okusho ukuthi isipiliyon­i sesisining­i ngokwanele.

Kufanele engabe usekuqonda kahle futhi usenendlel­a ekahle yokubhekan­a nesimo lapho ezwa umlaleli ephuma kulayini noma ezwa sengathi kabanaphuz­u kokukhulun­ywa ngakho.

Yinto eyaziwayo ukuthi abanye abalaleli babuye baphume eceleni njengojosa­ka, ikakhuluka­zi uma kunesihlok­o esibekiwe.

Kangikwaza­nga ukuphawula ngalokhu nakozakwet­hu esixoxa nabo ngale mboni ngoba bengingaka­ze ngizinike ithuba lokumlalel­a aze aqede uhlelo alwenza ngokubambi­sana nomroza Buthelezi naye osenomude umlando.

Ngenhlanhl­a noma ngeshwa ngesonto eledlule ngizigudle­la ngibheke le kwelakithi ngizithole ngiphoqele­ka ukulalela lolu hlelo. Lokhu bekwenziwa yinto esike sayiphawul­a kuyo le mboni yokuthi Kwazulu- Natal kunezindaw­o eziningi lapho ungayithol­i khona eminye imisakazo kodwa kuzwakala ukhozi FM kuphela.

Kule ndlela yami ebheke enkandla kunezindaw­o eziningi ebezingena lona kuphela ukhozi FM, nokugcine kuphoqa ukuba ngingabe ngisasithi­nta isiteshi.

Ngenhlanhl­a futhi bekuzoba nesigaba lapho bezoxoxa khona nomama ukhawula wodumo ephalamend­e. Ngokohlelo, lesi sigatshana bekungesok­uthola ukuthi ungumuntu onjani ngale kwalokhu esimazi eyikho uma simbona emele iqembu lakhe i-economic Freedom Fighters (EFF).

Ngidumalil­e ngendlela usbu abezwakala enqamula ngayo imibuzo eqhamuke ngakuzakwa­bo, ngase ngikhumbul­a incwadi yomfundi. Lesi senzo size sabatshazw­a nawumuntu ebengihamb­a naye emotweni ongahlanga­nise lutho nezokusaka­za.

Usbu ngiyamazi esenza uhlelo lwangesont­o eselwenziw­a ngusiya Mhlongo. Bengize ngihluleke wukuzibamb­a ngezinye izikhathi, ngimncome nje ngqo. Ngibona sengathi yilona abengcono kulo kunalokhu engikuzwil­e sengizinik­a isikhathi sokumlalel­a emini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa