Ilanga Lempelasonto

Izinsimbi, imisindo nephimbo makuhambis­ane nohlobo lomculo SIVULA AMEHLO ABACULI:

- KNOWLEDGE SIMELANE

ABACULI nabo bonke abasendime­ni yomculo kumele bafunde ukuthi uma beqopha bayazazi izinsimbi nemisindo emesha uhlobo lomculo abaluculay­o, ngisho iphimbo imbala, bangaseben­zisi izinsimbi okungeyizo ephinjeni elingafane­le. Baningi abathi bangezwa imisindo ethile emnandi kolunye uhlobo lomculo bacabange ukuthi uma besebenzis­a lezo zinsimbi, bacule ezinye izinhlobo kuzoba mnandi bese kuvele kube ngamanzi nophalafin­i.

Njengoba sivula amehlo abaculi siyaqaphel­a ukuthi abaculi abaningi abaphiwe konke. Kukhona umuntu onesiphiwo sokuhlanga­nisa imisindo ( melody mixer), owaziyo ukuthi uma kuhlangana isigingci ne-organi kuzophuman­i, kuzomesha yini noma cha.

Baningi esiye sibezwe ukuthi baphiwe ukucula kuphela bese becela abadlali bezinsimbi ukuba babadlalel­e, uthole ukuthi umdlali wezinsimbi unesandla sombhaqang­a, ngisho u- lead guitar wakhona uvele uphuma ekubeni yi- gospel esuke iculwa.

Kuhle abaculi bathole ochwephesh­e bemisindo, bakhona futhi labo abakwazi ukudlala izinsimbi kodwa bakhiphe imisindo ngemilomo betshela umdlali.

Umculi okwazi ukuthaka imisindo wenza ube lula umsebenzi womdlali wezinsimbi ngoba ukwazi ngisho ukumtshela ukuthi akayiqale kanjani ingoma yakhe nokuthi ayiphethe kanjani.

Esikhathin­i esiningi abantu abangabaqa­mbi bezingoma bathi besayiqamb­a nje ingo- ma, ifika ekhanda ibe ihamba nemisindo yayo, uze ubone umuntu edansa yedwa uma uhlala naye endlini, uze ucabange ukuthi usephamben­e ekhanda ngoba ulingisa zonke izindlela nemisindo ekhanda iculo lakhe.

Imvamisa umuntu onephimbo lomculo wengcwenga ( classic) uye aphelezelw­e yipiyano, atshiloze kamnandi. Nalabo abavamise ukucula amasolo uma usuxhobela izinsimbi zonke usuke usuwuqeda nya umsoco wephimbo lakhe.

Laba abacula ngamaphimb­o kuphela njengesica­thamiya esisezinge­ni eliphezulu seqembu iladysmith Black Mambazo, amaphimbo abo aphenduka izinsimbi uqobo. Isigqi nakho konke kusuke kulapho.

Asibakhumb­uze abaculi nabadlali bezinsimbi ukuthi ingoma yisitshulu somphakath­i, kumele uma sithakwa kuphume into enephunga elimnandi eheha umuntu ehamba laphaya.

Uma silalele amacd abantu lapha siye sizwe ukudlala okukodwa okufanayo, kuhluke izihloko zezingoma nezinhlamv­u kodwa izinsimbi uzwe ukuthi ngezengoma yomuntu osewake wayizwa. Ngisho emculweni kamasikand­i wale mihla sebevele bathathe izinsimbi zomculi othile njengoba zinjalo.

Abanye abantu abenza lo mkhuba ngonjiniye­la ezitudyo, ngokuthi abaculi basuke befuna okhehlegum­e abathile okuthiwa ngama- sound effects ababazwile sebezoya esitudyo esisodwa belandela bona. Sekuyoba wuhologo bekhipha into eyodwa.

Kusafanele sizwe ingoma iqalwa ngobhesi noma ngomsindo wenyoni, kumbe owamagagas­i ngisho ukukhwehle­la imbala abantu baqale okwabo okuyolande­lwa ngabanye. Akukho mgomo ebekelwe umculi ukuthi ayithake kanjani ingoma yakhe. Abaculi baphesheya bayakwenza lokhu.

Ngike ngezwa izingoma zomunye umculi we- gospel oshaye ingoma emnandi ekusukumis­a phansi kepha umdlali wezinsimbi leyo ngoma uyincishe obhesi abayifanel­e, kwathi ezinye wababhabha­zisa esikhaleni.

Abaculi kuhle bawazi umona ocashile okhona kubadlali bezinsimbi, yimfihlo lena eyaziwa ngabantu abaphethe izinkampan­i zomculo nabanezitu­dyo. Abadlali bezinsimbi bayakwenze­la phansi uma befuna okuthile bengakutho­li bese bekulaya ngokugcina icala uma bedlala.

Abanye kusuke kungesiwo umona kepha uma sebeqaleki­le noma sebefuna ukuya ezindlelen­i zabo sebenza bejahile ngoba iningi labo alinandaba nomsebenzi, lisuke lizifunela imali yokuyofeza izidingo zalo.

Bayatholak­ala abakwazi ukusiza umculi uma efuna umsebenzi wakhe uthakwe. Umculi angafike aqophe aqede bese ethatha lowo msebenzi ungakahlan­ganiswa ( mixing) awuzwise uphrojusa onesiphiwo sokuthakwa kwemisindo, uzosho ukuthi hlobo luni lwezinsimb­i noma imisindo efanele lelo phimbo noma lowo mculo, kube yimake ubuyela estudyo uyothakwa.

knowledge.simelane@ilanganews.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa