Ilanga Lempelasonto

KONKE KUYENZEKA NGOKUZIMIS­ELA

- ZOWAKHA MBATHA

NIGHT SCHOOL

UMQONDISI:

ABADLALI ABAPHAMBIL­I: Kevin Hart (Teddy Walker), Tiffany Haddish (Carrie), Rob Riggle (Mackenzie), Taran Killam (Stewart), Romany Malco (Jaylen), Megalyn Echikunwok­e (Lisa)

UHLOBO: Comedy

IMINYAKA: 16 L/P/V UMHLAZIYI: Zowakha Mbatha

ZIMBILI izinto engizicosh­e kule filimu enamahlaya njengoba inokevin Hart nayikhiqiz­e qobo lwakhe. Okokuqala wukuthi ungazami ukuzenza into ongeyona ngoba nakhu ufuna ukumukelek­a kwabathile, ikakhuluka­zi uma kuthinta ezothando.

Okwesibili wukuthi kuyadlulek­a ebunzimeni inqobo nje uma uzimisela. U-teddy uyisahlule­ki uma kuza emsebenzin­i wesikole, agcine esishiya engakaqedi, ayosebenza.

Iphutha alenzayo ngelokuqam­ba amanga, akhohlise intombi yakhe ulisa ngomsebenz­i awenzayo, ezenza umuntu onemali kanti zizomshube­la izinto uma sekuvela amaqiniso kungalinde­lekile.

Uyaphoqele­ka ukuqhubeka namanga entombini aseyenze nengoduso njengoba esephoqele­ka ukuyofunda esikoleni sabadala ebusuku ukuze alungise imiphumela yakhe.

Uthish’ omkhulu kulesi sikole ngustewart abebefunda naye besebancan­e bengezwani, nowenza konke okusemandl­eni ukumbamba ngophondo njengoba ucarrie onguthisha wabo enza imizamo yokuba baphumelel­e bonke. Ngeshwa ingoduso igcina ithola ngawo wonke la manga akhe ize imshiye.

Ekugcineni bayaphasa bonke kodwa yena uyafeyila. Ngeke ngikutshel­e nokuthi uphinda kangaki ukubhala izivivinyo efeyila kanti noyise ugerald akakaze amnike ithuba empilweni.

Okubalulek­ile wukuthi ekugcineni uyayinqoba le mpi, abuyelane nengoduso yakhe. Ingenile e- cinema ngolwesihl­anu, hamba uyozikholi­sa.

zowakha@ilanganews.co.za

BEKULINDEL­EKILE ukuba UJOHNNY ENGLISH afike ahlale esicongwen­i ngempelaso­nto angene ngayo e- cinema nje-ngoba kwenzekile ngale edlule yomhlaka-21-23 September.

I-THE MEG iqengqelez­e phambili ngokufaka imali njengoba ifinyelele ku-r17 987 622 kanti uhlu oluphelele lwamafilim­u ayishumi ahambe phambili lumi kanje:

1. JOHNNY ENGLISH: STRIKES AGAIN 2. HOTEL TRANSYLVAN­IA 3: A MONSTER VACATION

3. THE NUN

4. EQUALIZER 2

5. CRAZY RICH ASIANS

6. THE PREDATOR

7. ELLEN

8. MILE 22

9. MEG

10. THE CHILDREN ACT

 ?? ISITHOMBE NGABE: DELL MONITOR ?? U-TEDDY enostewart osenguthis­h’ omkhulu esikoleni.
ISITHOMBE NGABE: DELL MONITOR U-TEDDY enostewart osenguthis­h’ omkhulu esikoleni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa