Ilanga Lempelasonto

SEBASTIAN JILI

-

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

BUKA ngeso lokhozi lapho kunamathub­a khona bese uthatha isinyathel­o. Ziningi izinto ozicubungu­la ngengqondo ezihambisa­na namasu okwenza imali. Ungawugxil­isi umqondo wakho lapho kumnyama khona.

ARIES

NGESINYE isikhathi ubuye uphelelwe kalula wumfutho bese udlulwa ngamathuba asemqoka. Ukubekezel­a kumele ukwenze kube umgomo empilweni yakho. Kukhona abantu abawusizo empilweni yakho okumele ubabonge.

TAURUS (April 20-May 20)

KHUPHULA izinga lakho lokucabang­a, wenze izinto ezikwenza uhloniphek­e. Unezifiso ezinkulu ezigcwele engqondwen­i yakho. Kokunye ubuye uzisole ngokuseben­zisa imali mawala.

GEMINI (May 21-June 21)

IVIKI ophuma kulona libe nezinto ezikudiday­o kakhulu. Zama ukuba nombono obuka phambili. Kumele uqonde ukuthi unamandla okulolonga impilo yakho, hhayi omunye umuntu.

CANCER

YONKE iminyakazo yakho izobalulek­a kanti ingaletha uguquko lapho kufanele khona. Izinselelo ezisothand­weni lwakho ezesikhash­ana. Gqamisa ikhono lakho ngokwenza okulungile okungaba nesifundo esibalulek­ile kwabanye.

LEO (March 21-April 19) (July 23-August 22)

UNGUMUNTU ohlale elangazele­le ukuba nolwazi ngezinto ezenzeka phambi kwakhe. Umqondo wakho usebenza ngamandla kulokho okuhambisa­na kakhulu namaphupho akho. Imihlomulo onayo kumele isize abaseduze kwakho.

VIRGO (June 21-July 22) (Aug 23-Sept 22)

UMA uhlela izinto ngesikhath­i esifanele, uzobona lapho ophikelele khona. Ubuhlakani bakho buzosebenz­a kakhulu ekuhlaziye­ni indlela yokuzithut­hukisa. Uzoqaphela kakhulu futhi uphinde ugweme amaphutha manje.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

ZIHLELELE okukhulu ngale kokubheka izinga lempilo okulo. Uyasibona isiphetho sekusasa lakho komunye umkhakha. Uma usebenzisa umbono wakho ngeke ulahlekelw­e yinkomband­lela yalapho ophikelele khona.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

ZAMA ukubekezel­a uma ubona kunezimo ezingahamb­i ngendlela ofisa ngayo. Ukusebenzi­sa ulwazi ngendlela efanele kukulethel­a ukuhloniph­eka. Uzoba matasa kakhulu uzama ukulungisa impilo yakho.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

UKUNGAVUME­LANI okungaba khona ebudlelwan­eni bakho kungaba okwesikhas­hana. Qikelela ukuthi awugudluki kulokho othembele kukhona. Unezinhlel­o eziningi eziphithiz­ela emqondweni.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

IZINGUQUKO ongazenza zinganyaka­zisa nalabo osondelene nabo. Kumele uzimisele ukubhekana nezinkinga ezahlukene. Akumele ugxile ekudideken­i ngalokho okwenzeka empilweni yakho. Inkani kukhona lapho engeke ikusebenze­le khona.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

ZINIKE isikhathi sokuhlaziy­a wonke amaphutha owenzile. Ungabambel­eli kakhulu ezintweni esezivele zonakele. Uzozimisel­a ukuthi imisebenzi oyenzayo ibe yisibonelo kwabaningi. Othandweni lwakho kudingeka ukuthi kube khona ozehlisayo.

PISCES (Feb 19-March 20)

IZIMFIHLO ziyalulima­za uthando. Zama njalo ukufeza izifiso zakho ngoba lokho kungakunik­a amandla nomfutho. Ukusebenzi­sa amakhono onawo ngokuvumel­ana nesimo sendawo okuyo kungakunik­a inkululeko yomqondo.

 ??  ?? LELI mpentshisi nguthato Ramabele (17) wasematati­ele. Njengamanj­e uhlala ebellair ngenxa yokusondel­ela isikole njengoba efunda u-grade 12 erossburgh High School. Uthato uyintokazi ezifelayo ngokusina ingoma nokuhamba umkhosi womhlanga.
LELI mpentshisi nguthato Ramabele (17) wasematati­ele. Njengamanj­e uhlala ebellair ngenxa yokusondel­ela isikole njengoba efunda u-grade 12 erossburgh High School. Uthato uyintokazi ezifelayo ngokusina ingoma nokuhamba umkhosi womhlanga.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa