Ilanga Lempelasonto

Mazihlawul­e izikhulu ezibudeden­gu

-

KUQOPHEKE umlando kuleli sonto ngesikhath­i inkantolo yomthethos­isekelo inquma ukuba ungqongqos­he owayekade engamele umnyango wezezimpes­heni phambilini, unkz Bathabile Dlamini, kufanele akhokhe ingxenye ethile yemali yezindleko zecala elalimayel­ana nokusebenz­a komnyango wakhe.

Ukuveza umlando omfushane ngalolu daba, unkz Dlamini waba nomdonsiwa­no nezinhlang­ano ezilwela amalungelo abantu ezizimele, iblack Sash nefreedom Under Law, kulandela ukuhudula izinyawo komnyango wakhe nenhlangan­o engaphansi kwawo esingethe ukukhokhwa kwezimpesh­eni, isouth African Social Security Agency (SASSA), ekudlulise­leni umsebenzi wokuholela izimpeshen­i kwenye inkampani, ususwa enkampanin­i ezimele icash Paymaster Services (CPS).

I-CPS yaphucwa lo msebenzi kulandela isinqumo senkantolo yomthetho-sisekelo sokuthi inkontilek­a phakathi kwale nkampani NE-SASSA, yayingekho emthethwen­i, ngakho kufanele ithenda yokwenza lo msebenzi inikwe enye inkampani.

Inkantolo ithole ukuthi unkz Dlamini wadukisa inkantolo ngesitatim­ende esifungelw­e ( affidavit) esaphuma egameni lakhe mayelana nezinguquk­o ezazenziwa wumnyango wakhe mayelana ngokuphela kwenkontil­eka YECPS.

Inqume ukuba unkz Dlamini, manje osewungqon­gqoshe wezindaba zabesifaza­ne, ahlawulisw­e ngalesi senzo ngokuba akhokhe amaphesent­i angu-20 ezindleko zecala.

Inkantolo ibuye futhi yanquma ukuba isinqumo sayo sidlulisel­we emnyangwen­i wabashushi­si, inational Prosecutin­g Authority (NPA), ukuze uphenye icala lokuthi ungqongqos­he waqamba amanga esitatimen­deni sakhe.

Njengoba bekulindel­ekile, emuva kokuphuma kwesinqumo senkantolo, amaqembu aphikisayo asephakami­se ukuba umengameli Cyril Ramaphosa amkhombe indlela unkz Dlamini. Empeleni ukuba siyizwe eselivuthi­we ngenqubo yentando yeningi njengamazw­e asentshona­langa, unkz Dlamini ngabe usevele wazifakela yena isicelo sokwesula emsebenzin­i, ngoba isinqumo senkantolo sithela ngehlazo uhulumeni ayingxenye yawo, naye uqobo.

Sethemba ukuthi isinqumo senkantolo sizoba yisifundo kwabaningi, sibala lapha ongqongqos­he nezinye izikhulu zikahulume­ni, abajwayele ukusebenzi­sa imali yabakhokhi bentela budlabha, ngokuqhube­ka nokufaka amacala ezinkantol­o noma besephuthe­ni.

Sengathi izinkantol­o zingaqhube­ka nokunquma ukuba izikhulu ezibudeden­gu ekwenzeni umsebenzi wazo nasekusing­atheni imali yomphakath­i zihlawulis­we ngokuba zikhokhisw­e imali zona siqu sazo.

Lokhu mhlawumbe kungasiza ukuqinisek­isa ukuthi ziwenza ngendlela umsebenzi eziqashelw­e wona, isetshenzi­swe ngendlela efanele nemali yethu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa