Ilanga Lempelasonto

MALIVEZWE IQINISO NGEYEZITIM­ELA

-

MHLELI, iqiniso eningizimu Afrika alisoze laba khona ngoba lihlala lembozwa ngaso sonke isikhathi uma kumele livezwe.

Siqale saxakwa ukuliveza ngabantu bokufika kubheduka udlame ngabo. Alikho izwe elinenking­a njengaleli ngabantu bokufika abangenazi­mvume nabagcina benza ukungalung­i nenhlobo yonke yobugebeng­u.

Yebo kwakungeku­hle beshaywa bebulawa, kodwa kwakucaca ukuthi iningi labo noma kungebona bonke sinenkinga ngabo. Manje nakhu kushiswa izitimela. Akekho noyedwa ovumayo ukuthi zinenkinga izitimela.

Ziyagcwala abantu baminyane, zihambe emva kwesikhath­i abantu baxabane nabaqashi babo. Bangaki nje abantu asebexoshi­we ngenxa yenkinga yokuhamba emuva kwesikhath­i kwazo?

Nawu uzibandlel­a (December) uza sizobanjwa inkunzi yizigeleke­qe kuzo izitimela. Akukuhle yebo uma zishiswa kubulawa nabashayel­i bazo. Kodwa nazo zinenkinga enkulu.

Ebusika uvuka ngovivi uthi uyogibela sona. Uyohlala esiteshini ugodole amahora isitimela singangeni, ube ungazi nokuthi kwenzekeni ngaso. Ababoshwe abangenama­thikithi ukuze bajeze, U-PRASA alungise indaba yezitimela zakhe.

Asingabekw­a icala lokuntshon­tsha amakhebuli - awantshont­shwa yithi sonke kodwa antshontsh­wa ngotsotsi abafana nse nabo laba abadla imali, thina silokhu sigitsheli­swa imihlahlav­u yezitimela ezindala ezifa endleleni, sigcine singafikan­ga emsebenzin­i ngesikhath­i, nemali yethu esithenge ngayo amathikith­i icwile.

Phambili ngeqiniso, phambili!!! Asiyeke amanga nokugubeze­la iqiniso.

Sibusiso Madoda Hadebe ekatlehong enhlapo Section

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa