MALIVEZWE IQINISO NGEYEZITIMELA
MHLELI, iqiniso eningizimu Afrika alisoze laba khona ngoba lihlala lembozwa ngaso sonke isikhathi uma kumele livezwe.
Siqale saxakwa ukuliveza ngabantu bokufika kubheduka udlame ngabo. Alikho izwe elinenkinga njengaleli ngabantu bokufika abangenazimvume nabagcina benza ukungalungi nenhlobo yonke yobugebengu.
Yebo kwakungekuhle beshaywa bebulawa, kodwa kwakucaca ukuthi iningi labo noma kungebona bonke sinenkinga ngabo. Manje nakhu kushiswa izitimela. Akekho noyedwa ovumayo ukuthi zinenkinga izitimela.
Ziyagcwala abantu baminyane, zihambe emva kwesikhathi abantu baxabane nabaqashi babo. Bangaki nje abantu asebexoshiwe ngenxa yenkinga yokuhamba emuva kwesikhathi kwazo?
Nawu uzibandlela (December) uza sizobanjwa inkunzi yizigelekeqe kuzo izitimela. Akukuhle yebo uma zishiswa kubulawa nabashayeli bazo. Kodwa nazo zinenkinga enkulu.
Ebusika uvuka ngovivi uthi uyogibela sona. Uyohlala esiteshini ugodole amahora isitimela singangeni, ube ungazi nokuthi kwenzekeni ngaso. Ababoshwe abangenamathikithi ukuze bajeze, U-PRASA alungise indaba yezitimela zakhe.
Asingabekwa icala lokuntshontsha amakhebuli - awantshontshwa yithi sonke kodwa antshontshwa ngotsotsi abafana nse nabo laba abadla imali, thina silokhu sigitsheliswa imihlahlavu yezitimela ezindala ezifa endleleni, sigcine singafikanga emsebenzini ngesikhathi, nemali yethu esithenge ngayo amathikithi icwile.
Phambili ngeqiniso, phambili!!! Asiyeke amanga nokugubezela iqiniso.
Sibusiso Madoda Hadebe ekatlehong enhlapo Section