Ilanga Lempelasonto

UKUPHAWULA KWABAHLAZI­YI

-

INKINGA yokuswelek­a kwemiseben­zi eningizimu Afrika ngenye yeziphambi­li ezikhinyab­eza intuthuko yomnotho nentuthuko yomphakath­i jikelele kuleli lizwe.

Ngolwesith­athu kuleli sonto istats SA iphinde yakhipha umbiko ongemuhle neze, othi ibalelwa ku-69 000 imisebenzi elahlekile esigamini sesibili salo nyaka.

Lokhu kuletha okukhulu ukukhathaz­eka njengoba vele izinga lokuswelek­a kwemiseben­zi liphezulu ngendlela eyinqaba.

Okunye okulahlisa ngethemba yile mibiko elokhu ivela yezinkampa­ni ezisezinhl­elweni zokudiliza izisebenzi.

Ngawo ulwesithat­hu isouth African Federation of Trade Unions (SAFTU) igxeke imibiko yokuthi ISABC isezinhlel­weni zokudiliza izisebenzi.

Umnu Zwelinzima Vavi, ongunobhal­a jikelele WESAFTU, esitatimen­deni sale nhlangano ukuhlabile lokhu, wathi ISAFTU izozeseka izisebenzi ZESABC ezala ukwamukela ukudilizwa kwazo njengesixa­zululo ezinkingen­i ZESABC.

Kuvela le ndaba yasesabc nje, kusanda kusuka omunye umsindo oqubule ukukhathaz­eka ngemuva kokuzwakal­a kwezindaba ezithi uhulumeni, oholwa ngumnu Cyril Ramaphosa, uhlongoza ukudiliza izisebenzi zakhe ezibalelwa ku-30 000 ngenhloso yokunciphi­sa izindleko njengoba iningizimu Afrika idonsa kanzima kwezomnoth­o.

Kuthiwa uhulumeni wethemba ukonga isamba esingu-r20 billion wesabeloma­li saminyaka yonke.

Nakuba uhulumeni usheshe wayichitha le mibiko, nokho izindaba ezivele emaphephan­dabeni maqondana nalesi sihloko zithi lokhu bekudingid­iwe kabanzi ngukhongol­ose nomhlangan­o wekhabhine­thi obizwa ngelekgotl­a, kangangoba kuvele nokuthi bekunesamb­a esingu-r4 billion ebesilungi­selwe abazothath­a imali yabo yokwesula emsebenzin­i ( severance packages). Abadilizwa yizinkampa­ni ezizimele ababaliwe kulezi zibalo.

Njengoba kuza ukhetho ngonyaka ozayo, akwethusan­ga uma uhulumeni eyichitha le mibiko yezinhlelo zokudiliza.

Lokhu kuyizinkom­ba zokuthi emuva kokhetho singase sikubone lokhu kwenzeka njengoba vele kuyaziwa ukuthi uhulumeni unesibalo eseqile kwesifanel­e futhi akucashile ukuthi lokho kubangelwa yini kwazise ezombusazw­e zinesandla ngokusobal­a kukho. ILANGA Langesonto like laxhumana noprof Bongile Mayaba wenkampani ezimele IBMM Incorporat­ed, ukuba ake aphawule ngokuthi usibona kanjani isimo maqondana nombuzo othi singase sikubone yini kwenzeka ukudilizwa kweziseben­zi zikahulume­ni lungakadlu­li ukhetho lwangonyak­a ozayo u-2019?

Uthe awekho amathuba okuba lokhu kwenzeke lungakadlu­li lolu khetho.

Ube esenza isibonelo ngohlelo lukamengam­eli Ramaphosa lokukhweze­la umnotho ( economic stimulus package) ngo-r50 billion lapho kuthathwa imali ebikade iqondene nezinye izinhlelo zikahulume­ni ezichazwe ngokuthi azivezi izithelo bese ifakwa kulezo zinhlelo ezinentshu­kumo, njengembon­i yezolimo, ukuze kufukulwe izwe kwinzikamn­otho.

Uthe inkulumo kamengamel­i Ramaphosa ayikhulumi lutho ngokudiliz­a izisebenzi, esikhundle­ni salokho kuvele ukuthi umnyango wezempilo kudingeka ugcwalise ngokushesh­a izikhala onazo ezingu-2 200!

Ngaphandle kwalokhu, uthe ukudiliza izisebenzi zikahulume­ni akufani nokwezinka­mpani ezizimele ngoba kudinga kube nezingxoxo ezidonsa isikhathi eside phambi kokuba kwenzeke.

Okwesibili, kudingeka kuhlonzwe lezo zikhala ezigcwalis­iwe kodwa ongabonaka­li umsebenzi owenziwa yilezo zisebenzi, okuyinto engakenzek­i namanje. Okunye futhi wukuthi kudingeka kube nakubize nge- core succession planning.

Kuleli phuzu wenze isibonelo ngokuvalwa kwamakolis­hi okuqeqesha othisha okwenziwa ngokutataz­ela ngoba kuthiwa sekuzoba ngamanyuve­si kuphela azokwenza lowo msebenzi.

Okulandele lapho wukuthi amanyuvesi awanazo izikhala ezanele izibalo ebezithath­wa emakolishi othisha, futhi nesibalo sabantu jikelele ( population) asimile, senyuka njalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa