Uthengele abazali ama-bmw amabili
AKAKUTHANDI ukuqhelelana kakhulu nomndeni wakhe uphakamani “Phaks” Mahlambi (27) osanda kuphula irekhodi labadlali abathengwe yimamelodi Sundowns abebedlala ngaphandle kwakuleli. Ujoyine amasandawana emuva kokuba le kilabhu ikhokhele i-al Ahly yase-egypt u-r13 million ukuze imthole. Lo mdlali udabuka elouwsburg (engoje), Kwazulu-natal. Umahlambi uhambe kubo eneminyaka engu-13 ubudala eyozama inhlanhla etransnet School of Excellence, egoli. Unyelwe yinyoni esandleni ethathwa yibidvest Wits ngesikhathi yenza inhlolokhono. Ukhule edlalela ikilabhu kayise, ilouwsburg Aces, ebigijima kuma-amesha. Umahlambi ufunde elouwsburg Primary wabe esedlulela eschool of Excellence. Esefika kwizitshudeni wenze isiqiniseko sokuphothula umatikuletsheni wakhe ewits School. Ingxoxo kamahlambi NELANGA Langesonto ( I/ L) ngempilo yakhe yangaphandle kwenkundla ihambe kanje:-
I/ L: Ungumuntu onjani?
Mahlambi: Ngingumuntu othanda ukudlala. Ngikukhonzile ukugconana uma ngizihlalele nabangani bami. Nokho kangizwani nomuntu onochuku.
I/ L: Sichazele ngendlela okhule ngayo?
Mahlambi: Nakuba besingenakho konke ekhaya kodwa besikwazi ukulala sidlile nsukuzonke ngenxa yokuzikhandla kwabazali. Ngeke ngibakhohlwe abazali bami ngokusizamela impilo engcono. Ngiphuma endaweni yasemakhaya. Ngidlala ibhola ukuze ngikhunjulwe hhayi ukuthi ngithandwe. Kangizwani nokudliwa.
I/ L: Basaphila abazali bakho?
Mahlambi: Yebo, ubaba ngujohn Zachariah Mahlambi kanti umama nguDudu Mahlambi. Siwu-8 sesisonke ekhaya, mina ngingowesine ozalweni.
I/ L: Yisiphi isipho esikhulu osuke wabapha sona?
Mahlambi: Ngabathengela izimoto ngokwahlukana ngonyaka odlule. Ubaba ngimuphe IBMW 330i kwathi umama ngamthengela IBMW 320i. Lena yindlela engizama ngayo ukubakhombisa uthando, kangifuni ukuthi kube khona abakweswelayo kwazise ngibathanda kakhulu.
I/ L: Yikuphi ukudla okuthandayo?
Mahlambi: Ngishaywa ngaphakathi yinhloko nepapa.
I/ L: Usushadelwe?
Mahlambi: Cha, kodwa nginaye umuntu engiphilisana naye. Sibusiswe ngendodakazi usina- khokonke Mahlambi. Ngiyikhonze kakhulu indodakazi yami.
I/ L: Kwacishe kwaphela ngawe ebholeni, ungasidwebela isithombe ngokwenzeka?
Mahlambi: Kangisoze ngakulibala ukunikwa usizo lwesicubu ngumfowethu, umthobisi Mahlambi, ngesikhathi ngilimele edolweni. Wanginika izicubu zakhe ezenza ngalulama ngokugcwele.
I/ L: Ukuyiphi inkolo?
Mahlambi: Ngiphuma ekhaya lamakrestu. Nokho isikhathi sokuya esontweni kangisenaso kahle ngenxa yokuxinwa yibhola. Kodwa uma ithuba livela ngiyaya enkonzweni ngakithi.
I/ L: Bewenzenjani ngesikhathi useseEgypt uma kuzilwe ukudla ngenxa yenkolo yakhona?
Mahlambi: Benginganaki lutho ngoba isikhathi esiningi bengisichitha ngisendlini. Okwami ebengikwenza wukuqinisekisa ukuthi ngibhekana nomsebenzi wami webhola.
I/ L: Wenzani uma ungekho matasa ngebhola?
Mahlambi: Ngivakashela abangani noma ngihlale ekhaya nendodakazi yami. Ngiyakuthanda nokuvakashela enxanxatheleni yasezitolo. Ngesinye isikhathi sidlala iplay-station.
I/ L: Yimuphi umbala owuthandayo?
Mahlambi: Omnyama.
I/ L: Yisiphi isilwane osikhonzile?
Mahlambi: Ngebhadi kangiyena umuntu okhonze izilwane. Engisizonda kakhulu yinyoka.
I/ L: Yiluphi uhlobo lukamakhalekhukhwini olusebenzisayo?
Mahlambi: Yi-i-phone X. Ingenzela umsebenzi ube lula. Ngikhona ezinkundleni zokuxhumana nakuba ngingagxilile kuzona. Ngikwifacebook, kwitwitter: Phaka32 nakwi-instagram lapho ngisebenzisa khona idilesi elithi: snakho_32.
I/ L: Yiliphi izwe osafisa ukulivakashela?
Mahlambi: Yisegreece. Le ndawo iyangichaza kakhulu. Uma kungavela ithuba noma yikanjani ngiyafisa ukuya khona.
I/ L: Uthanda siphi isiqholo?
Mahlambi: Ngikhonze ukusebenzisa itom Ford kwazise ingenza nginuke kamnandi. Phela indoda yindoda ngephunga layo elihle.
I/ L: Uhamba nganhloboni yemoto?
Mahlambi: Ngihamba ngebmw i335i ewuhlobo oluhle kakhulu. Uma ngiphuthuma ejimini iyakwazi ukushesha ingibeke khona.
I/ L: Iyiphi i- soapie ojwayele ukuyibuka?
Mahlambi: Yithe Queen. Ngithanda indlela alingisa ngayo ubrutus Khoza (Themba Ndaba). Uyangichaza kakhulu.
I/ L: Yini eyokuqala oyenzayo uma uvuka ekuseni?
Mahlambi: Ngivuka ngendlule umbhede. Ngebhadi elikhulu ngihlale ngihluleka ukufika ngesikhathi ejimini ngenxa yokuthi ngiyabuthanda ubuthongo.
I/ L: Yimuphi umculo okhonze ukuwulalela?
Mahlambi: Eqinisweni ngithanda izinhlobo eziningi zomculo kodwa ongishaya ngaphakathi ngokanasty C we- hip hop.
I/ L: Yimuphi usaziwayo ozifela ngaye?
Mahlambi: Ngebhadi akekho engimuthandayo odlula umndeni wami.
I/ L: Zikhona izinhlelo ophezu kwazo uma usuyeke ibhola?
Mahlambi: Uma sengibeke amakhokho ethala ngingajabula uma ngingase ngibe nemizi bese ngikwazi ukusungula isikhungo sabadlali abancane (i- academy).
Kangiziboni ngiba ngumqeqeshi ngoba sengiyakwazi ukuthi yinto enzima, ngeke ngikumele ukuphathwa yikhanda.
Empeleni uma ngibuka upitso Mosimane ngendlela ayithanda ngayo ikilabhu kungenza ngikholwe wukuthi ukuba ngumqeqeshi kuwumsebenzi onzima ngeke ngikwazi ukuwenza.
I/ L: Uthini umyalezo wakho entsheni?
Mahlambi: Kumele ibekezele, iqinise kakhulu esikoleni ngaphambi kokun- gena ebholeni ngoba imfundo iyisikhali sayo esingasoze saphela. Kumele iqikelele ukuthi kayingeni ezidakamizweni.