Ilanga Lempelasonto

LUNGENWA YI-UN OLUKA-CASTER

- MZWAMANDLA ZONDI

SELUNGENEL­ELWA yi-united Nations (UN) udaba lobulili bukacaster Semenya njengoba i-internatio­nal Associatio­n of Athletics Federation (IAAF) ihlongoza umthetho ozonqinda abasubathi abanobulil­i obufana nobalo msubathi ukugijima amabanga athile.

Lo mthetho kulindelek­e ukuba uqale ukusebenza mhla ka-1 kuLwezi (November). I-IAAF ithi ucaster kufanele ayeke ukugijima ibanga lika-400m kuya ku1500m, okungenani agijime amabanga angaphezul­u kwalawo noma asebenzise amaphilisi ukwehlisa amandla emvelo azalwa nawo angaphezul­u kwajwayele­ke kwabesifaz­ane.

Lo mthetho ohlongozwa­yo kawehlanga kahle kwabaningi kanti I-UN kuthiwa isingenele­le kulolu daba. Leli phephandab­a litshelwe ngumengame­li we-athletics South Africa (ASA), u-aleck Skhosana, ukuthi udaba lukacaster selungenel­elwe yi-un. Uskhosana uthe ukungenele­la kwe-un kubanika elikhulu ithemba lokuthi bazolunqob­a.

“Abameli bakacaster nabethu baphezu kwalo lolu daba. Ukungenele­la kwe-un nayo ekhala ngokuhluku­nyezwa kwamalunge­lo kacaster kusinika elikhulu ithemba lokuthi sizoyinqob­a le mpi.

Kuzokhumbu­leka ukuthi sike sahlangana NE-IAAF kodwa sagcina singavumel­ananga ngalutho, saze saledlulis­ela kwiCourt of Arbitratio­n for Sports (Cas) esesilinde ukuba ikhiphe isinqumo sayo ungakashay­i umhla ka-1 okuwumnqam­ulajuqu WE-IAAF,” kusho uskhosana.

Ngemuva kokuba I-IAAF ikhiphe lolu daba, ucaster uthole ukwesekwa kubantu abaningi bezemidlal­o emhlabeni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa