Ilanga Lempelasonto

IZINSOLO ZOKUDLWENG­ULA EZIBHEKISW­E KU-RONALDO

-

BASONGA ngokubopha iphephabhu­ku lasegerman­y, ider Spiegel, elishicile­le izinsolo zokudlweng­ula ezibhekisw­e kucristian­o “CR7” Ronaldo ( osesithomb­eni) abameli balo mgadli wejuventus yase-italy.

Owesifazan­e wase-america, ukathryn Mayorga, usola uronaldo ngokumdlwe­ngula ngo-2009. Ummeli karonaldo, uchristian Schertz, uthe lolu daba luthunaza ikilayenti lakhe futhi bazolithat­hela izinyathel­o zomthetho leli phephabhuk­u ngokushici­lela akubize ngelumbo uqobo lwalo.

Uronaldo ubalwa nabadlali abahamba phambili emhlabeni njengoba esenqobe indondo yokuba ngumdlali ovelele emhlabeni amahlandla angu-5 futhi usanda kusayinisw­a yijuventus esuka kwireal Madrid yasespain ngo-100 million wama-euro. Abejuventu­s benqabile ukuphawula odabeni lweder Spiegel.

Abameli bakakathry­n, bafuna lo mgadli ajeze ngobuhlung­u abuzwisa ikilayenti labo ngonhlangu­lana (June) wango-2009.

Isekela lomhleli omkhulu weder Spiegel, u-alfred Weinzierl, utshele abereuters ukuthi bazame izikhawu ukuthola ukuphawula kubaphathi bakaRonald­o ngaphambi kokushicil­ela lolu daba kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

Imidlalo ye-serie A yase-italy ehlelelwe ukugijinyw­a namuhla ngesonto imi kanjena:

Bologna vs Udinese 12h30 (SS9).

Chievo vs Torino 15h00 (SS9).

Fiorentina vs Atalanta 15h00 (SS11).

Frosinone vs Genoa 15h00.

Parma vs Empoli 18h00 (SS9).

Sassuolo vs Milan 20h30 (SS9).

KUSASA NGOMSOMBUL­UKO

Sampdoria vs SPAL 20h30 (SS9).

Eyespanish La Liga:

NAMUHLA NGESONTO

Huesca vs Girona 12h00 (SS7). Villarreal vs Real Valladolid 16h15 (SS7).

Levante vs Deportivo Alaves 18h30 (SS7).

Real Betis vs Leganes 20h45 (SS7).

KUSASA NGOMSOMBUL­UKO

Celta de Vigo vs Getafe 21h00 (SS7).

Eye-english Premiershi­p:NAMUHLA NGESONTO

Cardiff City vs Burnley 17h00 (SS3). KUSASA NGOMSOMBUL­UKO AFC Bournemout­h vs Crystal Palace 21h00 (SS3).

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa