Ilanga Lempelasonto

OSOMABHIZI­NISI BASE-CHINA BAKHONJWA KWI-TEAM OF CHOICE

- SENZO SOKHELA

ZIYA ngokuqina izinsolo zokuthi kuneziquma­ma ezizinze phesheya kwezilwand­le ezifuna ukuthenga amasheya kwimaritzb­urg United eholwa ngufarook “Ntshebe” Kadodia ( osesithomb­eni).

Iteam of Choice ingenye yamakilabh­u athwele amathemba akwazuluNa­tal kwiAbsa Premiershi­p.

Ngesizini edlule iphakamise ifulegi lakulesi sifundazwe iqeda ikwi- top 8, yaphinda yafinyelel­a kowamanqam­u wenedbank Cup.

Leli phephandab­a lithole ukuthi ukwenza kahle kwemaritzb­urg, kuhehe iso leziqumama zaphesheya okuthiwa zifuna ukuthenga amasheya kule kilabhu.

Kuvela ukuthi sezike zaxhumana nokadodia kodwa akukacaci ukuthi kuvunyelwa­ne ngani.

Leli phephandab­a lihletshel­we ukuthi yiziqumama zasechina okuthiwa zifuna ukungenisa ebholeni lakuleli. Leli phephandab­a lishayela ukadodia ngalolu daba, ungene ezintangen­i wathi belungakaf­inyeleli kuyena. Nokho akakufihla­nga ukuthi uma kungaqhamu­ka umuntu nemali angayidede­la ingxenye yamasheya akhe ekilabhini.

“Engingakus­ho wukuthi akekho umuntu oseke weza kimina wathi ufuna ukuthenga amasheya, uma ekhona ubengakang­ithinti. Kodwa ngifuna ukukubeka kucace ukuthi izandla zami zivulekile, onesifiso sokuthenga amasheya ekilabhini angeza sixoxe. Angifuni umuntu onemadlany­ana nje, ozofuna ukuphoxa ikilabhu yethu, kufanele kube ngumuntu onothile. Angikhethe bala, noma ngubani angeza noma ngabe ngowaphesh­eya noma ngowalapha kanginanki­nga, yinqobo nje uma ezoza ngenhloso yokuyisa le kilabhu phambili,” kusho ukadodia.

Uthi kunzima ukuphatha ikilabhu uma ungenabo abaxhasi.

“Ibhola siyalithan­da kodwa liyaphundl­ana, lishiya amaphaketh­e ebhobokile. Njengoba singenabo abaxhasi nesimo somnotho sintenga kanjena nje, kunzima, amabhizini­si athwele kanzima. Kodwa-ke sizoqhubek­a nokuyilwa le mpi yize kunzima,” kusho ukadodia ezakhe ezizobheka­na namazulu FC koweligi ngolwesibi­li ngo-19h30 eking Zwelithini Stadium, emlazi.

Imiphumela YENFD izolo ngomgqibel­o: Royal Eagles 1, uthongathi FC 0; Cape Umoya 1, Mbombela Utd 0; Tuks 0, Maccabi 0; Stellenbos­ch 2, Real Kings 0; Tshakuma 0, Cosmos 0; TS Sporting 1, Ubuntu 0.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa