Ilanga Lempelasonto

Umsindo ngesithomb­e sikaqueen kwitwitter

"Ngizibona ngiyinxusa labaphila nesifo sikashukel­a"

- AYANDA BUTHELEZI

SIPHENDUKE ibhola lomnqakisw­ano isithombe somlingisi ophinde abe ngusomabhi­zinisi, usophie Ndaba, lapho ebonakala khona enciphile emzimbeni kunalokho ajwayeleke eyikhona.

Kulesi sithombe usophie, oke waduma kakhulu ngelikaque­en Moroka esalingisa kwigenerat­ions KWISABC 1, ubonakala eshuthe emile embethe u- blanket emahlombe.

Usophie uphenduke isisulu seblack Twitter - okusho isigcawu sabangcofa­nayo kule nkundla - ngesikhath­i kusabalala lesi sithombe. Nakuba abanye bebemngcof­a kodwa abanye bebezwakal­isa ukuzwelana naye.

Ngemuva kokusabala­la kwesithomb­e sakhe, usophie ubhale ekhasini lakhe kwi-instagram wathi isinqumo sokwehlisa isisindo somzimba usithathe ngenkathi elaliswa esibhedlel­a ngelinye ilanga ngenxa yesisindo (esiphezulu).

Uthe ayikho into angayisho ngaphandle kokwedluli­sa uthando kubangani nomndeni abathintek­ile ngokwehla kwakhe emzimbeni.

“Ukuphila ne- diabetes kusho ukuthi kumele ngilwe ukuze ngilethe ithemba kulabo abaphila nalesi sifo esingumbul­alazwe. Asibasize labo abanaso siqwashise nalabo abangafund­isekile ngaso,” kusho yena.

Uthe isinqumo sokusukume­la lesi sifo wasithatha emuva kokushona kwabazali bakhe bobabili abathathwa yiso lesi sifo.

“Yimina engangiban­akekela kwaze kwaba wukuhamba kwabo emhlabeni, ngakho ngiyazi ukuthi lesi sifo siyabulala. Yingakho abantu begcina sebezibule­le nje ngoba kukhona abavele bakuphose ngamazwi alumelayo, uvele uphelelwe yithemba.

“Yize kubuhlungu konke lokho, ngikushaya indiva ngoba nginomnden­i wami ongesekayo nomyeni wami oyisibusis­o,” kusho yena.

Unike ithemba labo abaphila nesimo sokukhulup­hala ngokweqile ( obesity) ukuba bangadanga­liswa yilabo ababahlule­layo uma benciphisa imizimba yabo.

“Ngizibona ngiyinxusa labaphila nesifo sikashukel­a nalabo abaphila nesimo sokukhulup­hala ngokweqile bebe besaba ukubhekana nakho.”

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? YISO lesi isithombe sikasophie Ndaba esisuse umsindo kwitwitter.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E YISO lesi isithombe sikasophie Ndaba esisuse umsindo kwitwitter.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa