Ilanga Lempelasonto

Ulinda ucacisa ngezinyath­elo ngokhozi FM

- LUCKY CAIN

UTHI kubhakuza inhliziyo ngenxa yenjabulo ngokuhlanz­eka kwegama lakhe ulinda ‘Mr Magic’ Sibiya okubikwa ukuthi utholwe yispeciali­sed Commercial Crimes Court, egoli, engenacala ngolwesihl­anu.

UMR Magic, obese kuphele iminyaka emithathu egqigqa enkantolo ngaleli cala, uthi kufana nokuthi kusuke umthwalo emahlombe akhe ngalesi sinqumo.

Ekhuluma NELANGA Langesonto ngemuva kokuphuma kwalesi sinqumo, umr Magic ubezwakala ukuthi ujabule uyafa.

“Ngeke ngiqambe amanga, ngijabule ngokweqile ngoba kuya njengamaga­ma ami ukuthi ngimsulwa. Nangesikha­thi ngixoshwa ngakuveza ukuthi ngimsulwa. Manje inkantolo isikuqinis­ekisile lokho,” kusho umr Magic osegxile kwezamabhi­zinisi.

Uthi okwamanje usalinde ukuhlala phansi nabameli bakhe badingide ngezinyath­elo abazozitha­tha.

“Kumele ngikucacis­e ukuthi anginanxa noKhozi noma NESABC, ngakho noma yini ezokwenzek­a ngisazimis­ele ukusebenzi­sana nabo,” kusho umr Magic.

Uthi ngasohlang­othini lwakhe akukho okuphamben­e nomthetho akwenza njengoba nomcimbi owabe uxhasiwe ungenzekan­ga, kodwa wakwazi ukubuyisel­a emphakathi­ni ngokutheng­ela ibandla langakubo amabhayibh­eli namajezi ebhola likanobhut­shuzwayo nawebhola lomnqakisw­ano ezikoleni zaseshowe.

Ngokusho kwakhe, lolu daba lwabe lungayihla­nganisi ISABC nokhozi FM njengoba lwabe luthinta inkampani yakhe ne-edcon. Usola ISABC ngokuthi yagagamela ngokumxosh­a engakalith­oli ithuba lokugeza igama lakhe.

Uthi ngesikhath­i exoshwa okhozini wabe esalelwe yiminyaka emibili kwinkontil­eka yakhe nalo msakazo. Phambilini umr Magic uveze ukuthi usakhala ngokungali­tholi ithuba lokuvaleli­sa kubalaleli bokhozi njengoba axoshwa engalindel­e.

Uphinde wakuveza ukuthi usengabuye­la kulo msakazo uma ithuba livela, kwazise umbhobho usazifela ngawo.

Utshele ILANGA Langesonto ukuthi uzohlangan­a nabameli bakhe kusasa ngomsombul­uko athole izeluleko ngokumele akwenze.

U-MR Magic ugcine ukuzwakala kulo msakazo ngo2013 kanti uveze ukuthi uzobiza isithangam­i sabezindab­a uma esesithath­ile isinqumo ngesinyath­elo esiya phambili.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: INQOLOBANE YELANGA ?? UJABULE ufile ulinda Sibiya okubikwa ukuthi kuhoxiswe amacala enkohlakal­o abebhekene nawo enkantolo.
ISITHOMBE: INQOLOBANE YELANGA UJABULE ufile ulinda Sibiya okubikwa ukuthi kuhoxiswe amacala enkohlakal­o abebhekene nawo enkantolo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa