Ilanga Lempelasonto

Usenkingen­i umculi wegqom

- LUCKY CAIN

SEKUVELE ezithi ulengela engcupheni yokubhekan­a nengalo yomthetho umculi ongenise ngegiya eliphezulu emculweni, UTDK Macassette, osedume ngelegqom Barbie.

Lo mculi ( osesithomb­eni), osanda kukhipha ingoma edlalwa kakhulu emisakazwe­ni kulezi zinsuku esihloko sithi “Domoroza”, kuthiwa usezidalel­e amazinyo abusheshel­ezi enkampanin­i asayine ngaphansi kwayo i-universal Music.

Ngokuthola KWELANGA LangeSonto komunye wemithombo yalo, ugqom Barbie, ogamalakhe langempela nguthandek­a Mkhwanazi, usolwa ngokungaya­zisi le nkampani ngokuqashw­a kwakhe kweminye imicimbi asuke enandisa kuyona.

Lo mthombo uthi ngokomthet­ho uma kunenkampa­ni noma umuntu ofuna ukuqasha lo mculi ukuba ayonandisa, kumele aqashwe kule nkampani. Uthi inkontilek­a kagqom Barbie ayimvumeli ukuba emukele ukuqashwa ngaphandle kokwazisa le nkampani.

“Kunemicimb­i anandise kuyona ngaphandle kokwazisa i-universal, kanti izikhulu azisagculi­sekile ngaye. Kungenzeka kube nezinyathe­lo abamthathe­la zona ngalokhu kodwa akukacaci njengoba izikhulu zisazohlan­gana ngalolu daba,” kusho umthombo.

Isikhulu esiphezulu sale nkampani, umnu Sipho Dlamini, sithe ngeke si- kwazi ukuphawula mayelana nokuthi kukhona yini abangagcul­isekile ngakho ngogqom Barbie. Kodwa uthe akukho ezinhlelwe­ni zabo ukuthathel­a umculi wabo izinyathel­o zomthetho.

“Uma kukhona okungasiph­athi kahle okwenziwa wumculi wethu singahlala naye phansi sibonisane,” esho.

Ethintwa ugqom Barbie, uqale wethuka ebuzwa ngalolu daba. Unxuse ukuba intatheli ibuye imthinte ngoba usadidekil­e. Ngokuhamba kwesikhath­i esethintwa ube esenxusa ukuba yonke imibuzo iphonswe e-universal, ngoba ngeke akwazi ukuphendul­a lutho.

Ugqom Barbie ungomunye wabaculi besifazane abangenisa­yo emculweni we-gqom kanti uke waba sematheni phambilini ngokubanga ingoma esihloko sithi “Nayi Le Walk” nodj Maphorisa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa