Imabhida igqemeke udume ngechiefs
Sigadle kwezwela isigwebo SEPSL
BABALISA ngokushayeka ingozi engeqiwa ntwala abemoses Mabhida Stadium ebisingethe umdlalo we-absa Premiership phakathi kwekaizer Chiefs nepolokwane City izolo ngomgqibelo kusihlwa.
Lo mdlalo ubukwe yizihlalo njengoba izimpofana zihlawuliswe ukugijima imidlalo emithathu yasekhaya ezokuba KwazuluNatal ngaphandle kwezibukeli.
Lokhu kulandela ukuziphatha budlabha kwabalandeli bechiefs ngesikhathi ibhekene nefree State Stars kowenedbank Cup ngombasa (April) nonyaka. Umdlalo owodwa ulengisiwe ngombandela wokuthi ingatholakali isephutheni elifanayo.
Uvusi Mazibuko oyimenenja yale nkundla, uthi ukunqatshelwa kwabalandeli ukuthamela lo mdlalo kugadle kwezwela kakhulu kubona.
“Ichiefs idlala kahle kakhulu kulezi zinsuku. Kangingabazi ukuthi bekuzogcwala phama kulo mdlalo. Imabhida idume ngokuhanjelwa ngabathandi abaningi bakanobhutshuzwayo. Kusehlise kakhulu isithunzi senkundla ukusingatha umdlalo obukwa yizihlalo. Ichiefs ishiya umnotho wethu usesimweni esihle nxa ivakashile.
“Ukuza kwayo izobukwa yizihlalo kuwushayile umnotho wedolobha lethu. Nokho-ke kakusizi ukukhalela ubisi oseluchithekile. Lokhu kumele kube yisifundo kubalandeli. Kumele baziphathe kahle ngaso sonke isikhathi ezinkundleni. Sizolahlekelwa yizinto eziningi ezinkulu nxa abantu beziphatha budlabha.
“Miningi imidlalo emikhulu ezohamba kule nkundla. Ukungezi-ke kwemidlalo emikhulu kuzosishaya kakhulu ngoba kuzomele izindleko zenkundla zithwalwe ngumphakathi wasethekwini,” kusho umazibuko obematasa namalungiselelo omkhosi welembe onamuhla ngeSonto kuyona le nkundla.