Ilanga Lempelasonto

Ukhuza ibuya umastermin­d kuzalo

Kunabanye abasha abazojoyin­a lo mdlalo

- THANDI ZONDI

IKHUZA ibuya intandokaz­i yabalandel­i bozalo, untokozo Dlamini owaziwa ngelikaMas­termind kulo mdlalo kamabonaku­de odlala ligamenxe ihora lesi-8 phakathi nezinsuku. Lo mlingisi useke wanyamalal­a isikhathi eside kulo mdlalo.

Phambilini kwavela izinsolo ezithi uxoshiwe ngenxa yokwehlule­ka wukuhlonip­ha umsebenzi nokugcine sekucika ababhali balo mdlalo.

Ekhuluma nesinye isiteshi somsakazo, waziphika lezi zinsolo wathi uyashiya kulo mdlalo ngoba efuna ukuya egoli ukuze asondelane nonina wengane yakhe (Jessica Nkosi).

Lo mlingisi ugcine ukubonakal­a ezinyangen­i ezedlule lapho kade eseboshiwe khona.

Umthombo ongaphakat­hi utshele ILANGA Langesonto thi usebuyile kulo mdlalo, njengamanj­e ushutha iziqephu zasejele okuyizona azobonakal­a kuzona. uku-

Okuphinde kwatholwa yileli phephandab­a wukuthi lo mdlalo uzojoyinwa ngabadlali abasha okubalwa kubo unkanyiso Makhanya ongumethul­i wohlelo olutshengi­swa kwi-etv olwaziwa ngelecraz-e kanti uphinde alingise nasemdlalw­eni obizwa ngeHope, edlala kwimoja Love (Dstv channel 157), nentokazi esencane, uthuthuka Mthembu.

Ummamitse Thibedi, ongumqondi­si omkhulu kuzalo, uthe:

“Yebo, umastermin­d uyabuya kumabonaku­de, uzovela esejele. Akukho okuningi esingakuve­za, esingakush­o nje ukuthi kuzoshuba. Unkanyiso nothuthuka nabo bazojoyina Uzalo. Uthuthuka musha kumabonaku­de, siyamethul­a kubantu,” kuphetha yena.

Kuleli sonto kuvele izindaba zokuqopha umlando kozalo ngokufinye­lela ku-10 million wababukeli balo mdlalo, okuyinto engakaze yenzeke emidlalwen­i kamabonaku­de kuleli.

tzondi@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGABE: OKMZANSI. CO.ZA ?? BAZOTHOKOZ­A abalandeli bozalo njengoba untokozo Dlamini olingisa indawo kamastermi­nd ekhuza ibuya.
ISITHOMBE NGABE: OKMZANSI. CO.ZA BAZOTHOKOZ­A abalandeli bozalo njengoba untokozo Dlamini olingisa indawo kamastermi­nd ekhuza ibuya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa