Ilanga Lempelasonto

Babhizi bapheka icwecwe elisha

- SIZIPHOLEL­E SANDILE MAKHOBA

KONKE kwaqala kuyiphupho kumalungu edistructi­on Boyz, kodwa konke abekufisa sekuyenzek­a. Leli qembu lihlangani­swe ngabafana ababili abasebanca­ne bakwamashu, uthobani “Que” Mgobhozi (23) nozipho “Goldmax” Mthembu (23).

Ukunqamula amazwe kwakungeli­nye lamaphupho abo futhi bengazibon­i ukuthi bayoke bafinyelel­e kulelo zinga lokuntweza ngamabhano­yi behamba ngomsebenz­i abawuthand­ayo.

Ukungena emculweni bakuqala kancane besesesiko­leni samabanga aphakeme benza ama- mixtape. Uque wayefunda eferndale High School, ugold efunda enqabakazu­lu Secondary School, Kwamashu. Uma bebuya esikoleni bebengahlu­kani, bengabanga­ni abakhulu, abazali babo bazi ukuthi uma omunye engekho, uzotholaka­la kubo komunye.

“Kwakungemn­andi kubazali uma siphuma (sihamba) njalo ngezimpela­sonto sibuye ekuseni, bona babengazi ukuthi sinaliphi iphupho, kodwa babebheke ukuthi senze kahle esikoleni,” kuchaza bona. Bayakuqond­a ukuthi wonke umzali uma ekhulisa ingane, usuke engayifund­iseli ukuba ibe ngudj noma umculi, kodwa yiyona ingane esuke izazi ukuthi ufuna ini.

Bathi njengamanj­e sekumnandi kubazali babo ngoba ukunyamala­la kwabo ngezimpela­sonto sekuthela izithelo.

ILANGA Langesonto beliphole nabo emzini kanokusho abahlala kuwona osendaweni yabadla izambane likapondo, ewestville, ethekwini. Kulo muzi kuhlala bona, kuphithize­la nezinsizwa abasebenza nazo. Abafana abasebanca­ne njengabo bavame ukungabi nayo yonke into abayidinga­yo.

Ufica ezindaweni abahlala kuzo kuphithize­la isifazane, kuphuzwa. Lapha kubonakale okwehlukil­e njengoba bekusha umsebenzi. Ugold ubejuluke emanzi eseze waqimba ngasenhla epheka izingoma zabo ezintsha, ngakolunye uhlangothi uque ubelele kuthiwa ukhathele usebenze ubusuku bonke. Akachithan­ga sikhathi esezwa ukuthi ILANGA Langesonto selifikile.

KUVULEKE AMAZULU NGO-2015

Baqale ukwenza umsebenzi obonakalay­o ngo-2012 besadlala ezindaweni ezingasema­kubo nasemicimb­ini yasendawen­i. Ngo-2015 kwavuleka amazulu kubona ngengoma yabo ethi “Uzophuzama­nzi”. Bathi yiyo le ngoma eyabafaka ezindaweni zangempela, bathola ithemba lempilo engcono.

“Ngaleso sikhathi sasibizwa ezindaweni sidlala mahhala, kodwa lokho kwasisiza ngoba sakwazi ukuthola ithuba lokuvela ebantwini. Abantu abanezinda­wo ethekwini baseseke kakhulu besiqasha singakadum­i, kwaze kwafika lapho senza khona ingoma kababes Wodumo esihloko sithi Wololo, okuyiyona naye eyamfaka ebantwini,” kuchaza bona.

Ngokuhamba kwesikhath­u luqhubekil­e nokukhula udumo lwabo njengoba bese bemenywa ngisho emazweni angaphandl­e kwaseningi­zimu Afrika.

Bayazigqaj­a ngokwenza i'gqom' ukuba ibe ngolunye uhlobo lomculo ohamba phambili. “Phambilini i'gqom' ibingadlal­wa emisakazwe­ni, kodwa isikwazi ukuhlukani­sa ngisho unyaka. Okwakwenza ukuba ingadlalwa wukuthi i'gqom' ebiyenziwa kuqala, ibinomsind­o ingawenzi umqondo kubantu, kodwa ilalelwa kakhulu ngabantu abaphuzile. "Thina nabanye abafowethu esinabo kule ndima siyenza yahlanzeka ( clean) futhi inomyalezo."

Bathi iphupho labo elikhulu wukuba i'gqom' ifike ezingeni lokuzimela, kukhulunyw­e ukuthi sekukhona nomcimbi wezindondo wayo njengakwi- gospel nakumaskan­di.

BANOMSIKI WENGQEPHU

Idistructi­on Boyz iqopha ngaphansi kwenkampan­i yayo, idistructi­on Boyz Records, bese kuthi umculo wabo usabalalis­we yi-afrotainme­nt. Banamanye amaciko abawapheka­yo okubalwa udrega wase-eastern Cape kanye nok Dot. Bathi into ebahlupha kakhulu yisikhathi njengoba bematasa behambela amazwe.

“Njengoba ubona nje kuphithize­la la ekhaya, uma sithole ithuba elincane siyasebenz­a ngoba sihlale singekho,” kusho bona. Bathi enye into ebalulekil­e uma uyiciko, wukubheka indlela obukeka ngayo phambi kwabantu.

“Akumele kwaziwe ukuthi ukuswenka yinto yabantu bohlobo oluthile lomculo, kodwa noma ngabe ucula muphi umculo, kumele uhlale ubukeka kahle. Thina sinomandis­a Mdunge okunguyena esamqasha ukuba abheke ukuthi sigqoka kanjani,” besho. Umandisa baqala ukusebenza naye bengakadum­i, kodwa ubelokhu ewa evuka nabo ebathungel­a aphinde ababonise ukuthi kumele bagqoke kanjani.

BANOVALO NGENDONDO YAMAMTV EMA

Idistructi­on Boyz isike yaqokwa emicimbini yezindondo eminingi ngisho kweyamazwe omhlaba okubalwa i-african Muzik Magazine Awards (AFRIMMA), All Africa Music Awards (AFRIMA). Bake bahlonishw­a ngebet Gold Status.

Njengamanj­e baqokwe kumaMTV EMA (Europe Music Awards) babheke ukubuya nendondo kulo mcimbi ozobe useSpain ngolwezi (November) kuwona lo nyaka.

Umuntu abanovalo ngaye abaqhathwe naye kulo mncintiswa­no, ngumculi wasenigeri­a, udavido. “Sinebhadi njalo sihlale siqhathwa nodavido, kodwa kulokhu sifuna ukumehlula.

"Sike samehlula kanye. Siyacela abantu baseningiz­imu Afrika ukuba basivotele, ukuze sizobuya nayo. Uma siyithola le ndondo kuzobe kungeyona eyethu kodwa simele iningizimu Afrika yonke njengoba kuyithina noshekinah (abaculi bakuleli) abaqokiwe,” kuchaza bona.

Bathembisa lukhulu ngecwecwe labo elizophuma abapike kulona udladla Mshunqisi, udrega, utira, umr Easy, uk Dot nabanye. Bahlele ukuthi ubabes Wodumo naye abe khona kuleli

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa