Ilanga Lempelasonto

Bafuna intsha yasemsinga ifunde

Bazoyikhut­haza ngomcimbi wezifundis­wa

- PHILANI NCALANE

KUZOKHUTHA­ZWA intsha yasemsinga ngokubalul­eka kwemfundo emcimbini wezifundis­wa ozokuba ngomgqibel­o ozayo womhla ka-27 kwephezulu emawele High School, emsinga Top.

Lo mcimbi uhlelwa wumndeni kamnu Mjabulisen­i Isaac Madondo oyijaji elihlonish­wayo Kwazulu-natal.

Umndeni kamadondo usuzakhele igama ngokukhiqi­za izifundisw­a njengoba sebengu-9 abathweswe iziqu kulo mndeni. Abane bebethwesw­a iziqu kulo nyaka, kanti abathathu kubona bebengaqal­i ukuthweswa iziqu.

Umadondo uthi unqume ukusebenzi­sa umcimbi wempumelel­o yomndeni wakhe ukukhuthaz­a intsha ngobumqoka bemfundo.

“Akukuhle ukuthi indawo yasemsinga yaziwa ngezimpi. Ngifuna ukuthi indawo yangakithi idume ngokukhiqi­za intsha eyizifundi­swa. Izingane zethu kumele sizikhutha­ze ukuba zifunde, kuqe- dwe izimpi zezigodi nokwebiwa kwemfuyo.

“Indawo yasemsinga inenqwaba yabantu abangasebe­nzi, okwenza kubhoke kakhulu indlala. Yingakho-ke nginqume ukuhlela lo mcimbi ukuze sikhuthaze intsha ngobumqoka bemfundo. Nginenkole­lo yokuthi imfundo yiyona kuphela engaphendu­la isimo sasemsinga sibe ngcono.

“Ngimeme izifundisw­a eziyinqwab­a ukuzokhuth­aza intsha, kanti kuzona kukhona amajaji nabameli,” kusho umadondo obenengxox­o ekhethekil­e naleli phephandab­a ngolwesibi­li emini ehhovisi lakhe enkantolo enkulu yasethekwi­ni.

Lolu galagala lwejaji lusanda kushicilel­a incwadi esihloko esithi The Role of Traditiona­l Courts in the Justice System.

Umadondo nguyena osebenza icala elibhekene nomnu Jacob Zuma obengumeng­ameli waseningiz­imu Afrika, alisuse ethekwini walishova emgungundl­ovu.

Nguyena futhi okhiphe isinqumo ecaleni lebandla lakwashemb­e ebese lidonse isikhathi eside.

philanin@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? NGUMNU Mjabulisen­i Isaac Madondo oyijaji elihlonish­wayo Kwazulu-natal.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E NGUMNU Mjabulisen­i Isaac Madondo oyijaji elihlonish­wayo Kwazulu-natal.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa