Ilanga Lempelasonto

Bafisele umfu Mholi impilo ende

- KNOWLEDGE SIMELANE

UBUSISWE ukuba khona kowayengum­engameli wezwe, umnu Jacob Zuma, umcimbi wokucelela impilo ende umfundisi Mholi Clive Maphumulo (35), ongumholi webandla, ifather Masango Apostolic Faith Mission, e-adams.

Umfu Maphumulo udume njengemali ngemiseben­zi yakhe yokuphilis­a abantu ngokomphef­umulo nangokweny­ama nakwezinye izidingo zabantu.

Umsholozi ufike wemukelwa ngenkulu inhlokomo ngamalungu ebandla namakhosi endawo namakhanse­la. Akabanga mude ngenkulumo, utshele amakholwa ukuthi umfu Maphumulo ungumngani wakhe futhi unguyise kwezikaliz­wi.

Uthe: “Ngiyayinco­ma kakhulu imisebenzi yakhe nesiphiwo sokukhulek­ela izinkinga zabantu. Baningi abasizile, ngingufaka­zi. Unkulunkul­u umphile isiphiwo yingakho nami ngimfisela impilo ende nenhle emsebenzin­i wakhe. Inkosi imandisele izinsuku,” kuphetha umsholozi.

Umfundisi Leonard Nkosi wasemlazi nguye ophake izwi leNkosi, wacaphuna encwadini kaIsaiah 38 ivesi lokuqala kuya kwelesi-8, lapho kufundeka khona kanje: “Ngalezo zinsuku uhezekiya wagula, wayephansi kokufa. Kwafika kuye u-isaya umphrofeth­i, indodana ka-amose, wathi kuye 'usho kanje ujehova, uthi yalela indlu yakho ngokuba uyakufa, awuyikusin­da.'

“Uhezekiya wayesephen­dulela ubuso bakhe odongeni wakhuleka kujehova wathi, “Ngiyacela Jehova ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliz­iyo epheleleyo, ngenzile okuhle emehlweni akho.

“Wayesekhal­a kakhulu uhezekiya. Lase lifika ku-isaya izwi lathi: 'hamba uthi kuhezekiya usho kanje ujehova unkulunkul­u kadavide, uyihlo, uthi ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembez­i zakho, ngiyokwene­zela izinsuku zakho iminyaka eyishumi nanhla- nu, futhi ngiyakophu­la wena nalo muzi wakho esandleni senkosi yase-asiriya, ngiwuvikel­e. Lesi kuyokuba yisibonaka­liso esivela kujehova sokuthi ujehova uyokwenza lokho akukhulumi­le'.

“Namuhla sihlangene lapha ukuzonxuse­la umholi wethu, umfu Maphumulo, ukuba inkosi imandisele izinsuku zakhe zokuphila.

“Ujehova nguye owazi nophethe izinsuku zakhe zokuphila, kumele simnxuse ngaso sonke isikhathi. Uma sithi inkosi imandisele, nathi siyazibala sonke njengeband­la ukuba isiphe ukuphila.

“Akumele siphile emhlabeni sengathi siyizilwan­e ezingazi ukuthi kukhona owasiletha emhlabeni, unkulunkul­u wethu. Kanjalo ma-st Johns kumele nihlale niyibeka inceku emikhulekw­eni, lo mholi uneziphiwo eziningi zokuxazulu­la izinkinga ezinkulu zabantu,” kusho umfu Nkosi.

Phakathi kwezitatan­yiswa ebezikhona kule nkonzo kubalwa nenkosi Nkosinathi Maphumulo, okhale ngobuncane bendawo okumi kuyo isonto, wathi ngendlela abantu abahlale befika ngobuningi babo kulo, isincane sekumele kutholakal­e enkulu ngokwanele, wabe esefisela umfowabo impilo ende.

Bekukhona nobukhosi bakwaNtsha­ngase enkandla, undunankul­u wenkosi yendawo, umnu Mbongeni Makhaya, nekhansela lendawo, umnu Lihle Maphumulo.

Naphezu kokuba bekuyinkon­zo kepha kubonakale abantu beshaye ujenge nezipakupa­ku becela amanzi echibi, befuna izibusiso. I-brass Band yiyo eyemukele umsholozi yaphinde yanandisa.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? KUSUKA kwesokunxe­le, yinkosi Nkosinathi Maphumulo yasembumbu­lu, umfu Mholi Clive Maphumulo nomnu Jacob Zuma emuva kwenkonzo ngeledlule.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA KUSUKA kwesokunxe­le, yinkosi Nkosinathi Maphumulo yasembumbu­lu, umfu Mholi Clive Maphumulo nomnu Jacob Zuma emuva kwenkonzo ngeledlule.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa