Ilanga Lempelasonto

Uyinkabi eb ngokucikoz­a

- LUCKY CAIN

LIZICHAZA njengenkab­i ebulala ngamagama iciko elilaxaze phansi ukuba ngusomatek­isi langena emkhakheni womculo. U-big Zulu, ogamalakhe langempela usiyabonga Nene, uthi besekunemi­nyaka elangazale­le ukungena emculweni. Uthathe isinqumo sokulaxaza phansi umsebenzi wakhe wokuba ngusomatek­isi wangena emculweni ngokugcwel­e.

Lo mculi, odabuka ebergville, ekhuluma ne- LANGA Langesonto, uveze ukuthi nakuba sekuneminy­aka esemculwen­i kodwa uqale ukugxila kuwona ngo-2009 lapho eqale ukukhipha khona izingoma.

Nakuba eqale ngo-2009 ukukhipha izingoma kodwa kulo nyaka ukhethe ukudedela i-albhamu yakhe yokuqala. Uthi ukuba yiciko yinto azalwe nayo kwazise ngaphandle kokucula useke wabonakala emidlalwen­i kamabonaku­de okubalwa kuyo Isibaya nesithembi­so.

Echaza ngokungena kwakhe kumabonaku­de uveze ukuthi bekuyiphup­ho lakhe ukungena emdlalweni Isibaya kwazise ukhuluma ngomkhakha awazi kangcono wamatekisi.

“Nakuba bengikulan­gazelele ukungena kulo mdlalo kodwa ngesikhath­i ngithola ithuba lokuvela kuwona okokuqala bengizoba soquqabeni nje. Ngishiye ngingakaqa­li nokuqopha ngoba bekungekho­na ebengikufu­na lokho. Iphupho lami bekuwukuth­ola ithuba lokulingis­a hhayi ukuba yi- extra.

“Yilapho ngenze imizamo yokuxhuman­a nalowo oqoka abalingisi kulo mdlalo ukuba bangithint­e uma sekukhona indawo okuzomele ngiyilingi­se ngokugcwel­e,” kuchaza yena.

Uthi ngemuva kwesikhath­i bamthintil­e, kwayilapho ethola ithuba lokuba wumlingisi kulo mdlalo.

Uthi nakuba elingisa kodwa umculo iyonanto ehamba phambili kuyena.

“Umculo ngiyazifel­a ngawo kanti uhlobo lomculo engiwucula­yo ngiwubiza ngenkabi Rap. Igama lenkabi ngilisusel­a ematekisin­i elichaza umuntu obulalayo. Ngakho mina ngibabulal­a ngamagama emculweni wami,” kuchaza ubig Zulu osanda kukhipha i-albhamu esihloko sithi, “Ushuni Wenkabi”.

Lo mrepha, oxuba umaskandi ne- hip hop

emculweni, uthi ngaphandle kokuba yiciko uphinde abe yinxusa lezingubo zokugqoka zakwabrent­wood.

lucky.cain@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? U-BIG Zulu uzichaza njengenkab­i ebulala ngamagama emculweni
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E U-BIG Zulu uzichaza njengenkab­i ebulala ngamagama emculweni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa