Ilanga Lempelasonto

ZOWAKHA MBATHA

-

Eminye yemicimbi yabo egqame kakhulu yitoy Story Drive, yithe Big Walk nedurban Day.

Ukuhamba kwesikhath­i kulethe nokushints­ha kwezinto kulesi siteshi njengoba namuhla sebebaning­i abamnyama abalalela lesi siteshi nabasisaka­zelayo ngokunjalo nabaphathi imbala njengoba siphethwe nguboni Mchunu kusukela ngo-2015.

Kubalaleli abaningi balesi siteshi akuzange kube lula ukwamukela lezi zinguquko kangangoku­ba abanye phambilini bebeze basabise ngokuwudub­a lo msakazo

Phela kulindelek­e ukuba lo msakazo ulalelwe “ngostshuz Me”, abaphila impilo esezingeni eliphezulu phakathi kukalsm 6-10. Nabamnyama-ke kulindelek­e ukuba babe kulesi sigaba sempilo ephezulu nabakhulum­a ngendlela ethize.

Nakhu okungithat­hile ngilalele uhlelo lwasekusen­i olwenziwa nguDarren Maule (East Coast Breakfast with Darren Maule), elekelelan­a noKeri Miller nosky Tshabalala ogxile kwezemidla­lo.

Lolu hlelo luke lwabasemat­heni naphambili­ni ngesikhath­i laba bexabana kwaze kwaba ukeri uyaduba emoyeni, ekhihla isililo ngojuly nonyaka.

Banesigats­hana esibizwa ngemelusi’s Everyday Zulu. Lapha kuba negama lesizulu abafundisa­na ngalo ukuthi lisho ukuthini futhi lingaseben­ziseka kanjani ukwakha umusho noma ingxoxo.

Lokhu kungibekel­e ngokusobal­a ukuthi I-ECR iyayibona imbobo engangena ngayo kubantu abakhuluma isizulu njengoba kuwulimi olukhuluny­wa ngabaningi EKZN.

Yinto eyaziwayo ukuthi kuyakitaza­na nje ukuzwa umlungu ekhuluma isizulu.

Kangingaba­zi ukuthi ngale kokuba nabasakazi abamnyama abakhipha isingisi ngamakhala, nabenza kube lula ukuba nengxoxo nosaziwayo abamnyama njengasohl­elweni lwabo ntambama, kuyogcina kubazuzela abalaleli ukuzama ukuzifaka kwabamnyam­a.

*Singayitho­kozela neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakaz­o kule email engezansi nasezinkun­dleni zokuxhuman­a okutholaka­la kuzo umbhali. Instagram: @zowakha Facebook: Zowakha Mbatha Twitter: @ Zowakha zowakha@ilanga

news.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa