ZOWAKHA MBATHA
Eminye yemicimbi yabo egqame kakhulu yitoy Story Drive, yithe Big Walk nedurban Day.
Ukuhamba kwesikhathi kulethe nokushintsha kwezinto kulesi siteshi njengoba namuhla sebebaningi abamnyama abalalela lesi siteshi nabasisakazelayo ngokunjalo nabaphathi imbala njengoba siphethwe nguboni Mchunu kusukela ngo-2015.
Kubalaleli abaningi balesi siteshi akuzange kube lula ukwamukela lezi zinguquko kangangokuba abanye phambilini bebeze basabise ngokuwuduba lo msakazo
Phela kulindeleke ukuba lo msakazo ulalelwe “ngostshuz Me”, abaphila impilo esezingeni eliphezulu phakathi kukalsm 6-10. Nabamnyama-ke kulindeleke ukuba babe kulesi sigaba sempilo ephezulu nabakhuluma ngendlela ethize.
Nakhu okungithathile ngilalele uhlelo lwasekuseni olwenziwa nguDarren Maule (East Coast Breakfast with Darren Maule), elekelelana noKeri Miller nosky Tshabalala ogxile kwezemidlalo.
Lolu hlelo luke lwabasematheni naphambilini ngesikhathi laba bexabana kwaze kwaba ukeri uyaduba emoyeni, ekhihla isililo ngojuly nonyaka.
Banesigatshana esibizwa ngemelusi’s Everyday Zulu. Lapha kuba negama lesizulu abafundisana ngalo ukuthi lisho ukuthini futhi lingasebenziseka kanjani ukwakha umusho noma ingxoxo.
Lokhu kungibekele ngokusobala ukuthi I-ECR iyayibona imbobo engangena ngayo kubantu abakhuluma isizulu njengoba kuwulimi olukhulunywa ngabaningi EKZN.
Yinto eyaziwayo ukuthi kuyakitazana nje ukuzwa umlungu ekhuluma isizulu.
Kangingabazi ukuthi ngale kokuba nabasakazi abamnyama abakhipha isingisi ngamakhala, nabenza kube lula ukuba nengxoxo nosaziwayo abamnyama njengasohlelweni lwabo ntambama, kuyogcina kubazuzela abalaleli ukuzama ukuzifaka kwabamnyama.
*Singayithokozela neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakazo kule email engezansi nasezinkundleni zokuxhumana okutholakala kuzo umbhali. Instagram: @zowakha Facebook: Zowakha Mbatha Twitter: @ Zowakha zowakha@ilanga
news.co.za