Ilanga Lempelasonto

Kubuya izinduku kwabasinda enkembeni

- ZOWAKHA MBATHA

HALLOWEEN UMQONDISI: David Gordon Green ABADLALI ABAPHAMBIL­I: Jamie Lee Curtis (Laurie Strode), Judy Greer (Karen Strode), Andi Matichak (Allyson Strode), Nick Castle & James Jude Courtney (Michael Myers), Haluk Bilginer ( Dr Ranbir Sartain), Miles Robbins (Dave), Will Patton (Frank Hawkins), Toby Huss (Ray). UHLOBO: Horror

IMINYAKA: 18 H/L/V UMHLAZIYI: Zowakha Mbatha

ABALANDELI balolu hlobo lwamafilim­u bayawazi amanye aphume phambilini kusukela ngo-1978. Isuka lapho-ke indaba, sekuphele cishe iminyaka engama-40 ulaurie asinda umichael ebulala kwasani ahlangana nayo ngo-1978.

Indaba iqala ngezintath­eli ezimbili ezivakashe­la umichael esikhungwe­ni agcinwe kuso elulekwa ngudr Ranbir ngenhloso yokuxoxisa­na naye ngokwenzek­a kuleyo minyaka.

Uyinto engakhulum­i kulesi sikhungo nakuba lo dokotela wakhe eqinisekis­a ukuthi useyakhulu­ma futhi wazi konke ngokwenzek­a ngobusuku bezimanga.

Ulaurie ongunina kakaren nogogo ku-allyson uyazi ukuthi ngelinye ilanga umichael uyobuya azoziphind­iselela ngakho-ke uvivile.

Indodakazi yakhe kayizwani naye ngoba icabanga ukuthi akathathi kahle ekhanda selokhu kwehla lesi sigameko kanti umzukulu wakhe umkhonzile. Okungicace­le ekugcineni wuku- thi umndeni ubalulekil­e njengoba kunguye ogcina ebahlenga nakuba ehlulekile wukuhlenga umkhwe wakhe udave obulawa nguye umichael nabanye abaningi okufaka phakathi nezintathe­li ebezilande­la udaba, nenqwaba yamaphoyis­a. Bonke laba ubabulala emuva kokweqa ngosuku olufanayo nalolo abulala ngalo eminyakeni edlule.

Engingakut­hiphisa ngakho nje wukuthi uma ungeyena umlandeli walolu hlobo lwamafilim­u kungakuhle uyibuke kusesemini, kusaneziny­e izinto ozozenza, hhayi usuzophuma e-cinema uqonde embhedeni. Ingenile e-cinema ngolwesihl­anu lwayizolo.

zowakha@ilanganews.co.za

NGEZANSI nguhlu lwe-top 10 yamafilimu ahambe phambili ngokubukwa ngempelaso­nto edlule yomhlaka-12-14 October nabeholwa phambili YIHOTEL TRANSYLVAN­IA 3: A MONSTER VACATION ngokufaka imali (R18 751 419).

 ?? ISITHOMBE: THEVERGE ?? NGESINYE seziqephu ulaurie esebhekene ngqo nomichael.
ISITHOMBE: THEVERGE NGESINYE seziqephu ulaurie esebhekene ngqo nomichael.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa