Ilanga Lempelasonto

EZIBUHLUNG­U KUTHONGATH­I FC NGAPHAMBI KOWOMKHAYA

- SENZO SOKHELA

EZIBUHLUNG­U kuthongath­i FC kulimala umdlali obekubhekw­e avale isikhala sikazakwab­o ongekho ngenxa yesigwebo sekhadi elibomvu.

Uthongathi luzobhekan­a neRichards Bay FC kowenation­al First Division (NFD) namuhla ngeSonto ngo-15h30 erichards Bay Sports Complex.

Uthongathi lugqemeke udume lwengozi kulimala umdlali onesipiliy­oni udiyo Sibisi okuthiwa udonseke imisipha ejimini.

Usibisi ulimala nje, bekubhekwe ukuthi avale isikhala sikasiyabo­nga “Villa” Vilane odonsa isigwebo sekhadi elibomvu.

Usibisi ekhuluma naleli phephandab­a ngolwesihl­anu emini uthe kumphathe kabuhlungu ukulimala esazi ukuthi uzobhekana nomkhaya.

“Bengiwubhe­kile lo mdlalo. Ngithe ngiyazama ukuphikele­la nokudlala kwangavuma. Ngeke ngisaba yingxenye yawo.

"Kodwa-ke ngibathemb­ile ozakwethu ukuthi bazowunqob­a lo mdlalo.

"Singabuya namaphuzu amathathu ngoba abazi ukuthi siza nani, sifana nencwadi evaliwe kubona.

"Sibafihlel­e induku emqubeni sizowunqob­a lo mdlalo noma kanjani,” kusho usibisi.

Umenzi Hlophe odlala esiswini kwibay uthi ngeke bavume ukuthi uthongathi lubashayel­e ekhaya.

Uthi kubajabuli­sile ukuthi uvilane ongumgadli wabo ngeke abe khona.

“Nguyena muntu ebesinoval­o ngaye ngoba ithuba elincane alitholayo ulibeka enethini.

"Njengoba ezobe engekho nje, kufane nesibusiso lokho kithina.

"Kodwa lokho akusho ukuthi kufanele sibabukele phansi ngoba banabo abadlali abangavala isikhala sakhe.

"Ngempela bafana nencwadi evalekile kithina njengoba singazi ukuthi bazogadla ngobani phambili njengoba kuthiwa sekulimele nosibisi ebesibheke ukuthi aqale umdlalo.

Kodwa-ke ngeke sigxile kakhulu kubona, sizokwenza umsebenzi okufanele siwenze,” kusho uhlophe.

Imidlalo YENFD namuhla ngeSonto iqhathwe kanje:

Evolkswage­n Dobsonvill­e: Maccabi FC vs Real Kings 15h30.

Emhlathuze: Richards Bay vs Uthongathi FC 15h30.

Eboland: Cape Umoya United vs Witbank Spurs 15h30.

Evosloorus: Jomo Cosmos vs Pretoria University FC 15h30.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa