Ilanga Lempelasonto

Uselusa izinkomo ungizwe Mchunu

Udinde isililo exoshwa

- JOHN HLONGWA NOMTHOBISI SITHOLE U

SELUSA izinkomo emakhaya emabhuqwin­i enkandla obewumsaka­zi wokhozi FM ungizwenko­si “Zulu Charmer” Mchunu, owaduma kakhulu kulo msakazo esakaza uhlelo lukamasika­ndi usgiya Ngengoma nokhathide “Tshathugod­o” Ngobe.

Ukuyokwelu­sa kwakhe izinkomo kulandela ukuxoshwa kwakhe kulesi sikhondlak­hondla somsakazo ngolwesine. Ekhuluma NELANGA Lange

Sonto ngolwesihl­anu ntambama, ukuqinisek­isile ukuthi impela umsebenzi umphelele.

Ngesikhath­i ekhuluma nentatheli ocingweni uthe usekhaya enkandla, usezilusel­a izinkomo zakhe. Kuthiwa ungizwe ethola izindaba zokuxoshwa kwakhe ngemuva komhlangan­o obusemahho­visi alo msakazo, ukhihle esikanandi.

Bese kunamasont­o amathathu emisiwe emsakazwen­i.

Ubeshayela uhlelo “Isigqi Sezwe” olungena ngomsombul­uko kuya kulwesitha­thu kusukela ngehora lesibili ebusuku kuya kwelesine ekuseni. ILANGA Langesonto alitholang­a kahle ukuthi uxoshelwen­i ungizwe njengoba okhulumela ISABC, unkz Neo Momodu, engafunang­a ukukhipha imininingw­ane kuleli phephandab­a, wathi isivumelwa­no phakathi kwabo nezisebenz­i asivumi ukuba izindaba ezithinta umqashi nesisebenz­i sakhe bangazikhu­luma nabezindab­a.

Nokho imithombo ithi uxoshelwe ukuba nguphoshoz­wayo okhipha izindaba ezibucayi zangaphaka­thi wazithuthe­la kwabezinda­ba, okusho ukungathem­beki enkampanin­i.

Kuthiwa ungizwe ngesikhath­i ekhishwa ohlelweni olubalwa nezihamba phambili kulo msakazo, usgiya Ngengoma, ugijime waya kwabezinda­ba waba ngumthombo ocashile, ebaxoxela ukuthi uxoshiwe ekubeni ediliziwe kulolu hlelo, nokwadala ukudideka kwabaningi.

Lokho kuthiwa kwazicasul­a kakhulu izikhulu zalo msakazo.

Okunye futhi okuthiwa kwambangel­a amazinyo abushelele­zi yindaba yomcimbi wokubungaz­a umculi kamasikand­i, umroza Fakude, owawukwahl­abisa, ngemuva kokuhlukan­isa kwakhe (umroza) unyaka ngo-2016 ngengoma ethi “Van Damme”.

Izinsolo zokushayis­ana okhozini ngendaba yalo mcimbi zagqama ngesikhath­i sekumele kuyiwe kulo mcimbi - abaningi babelindel­e ukuba ukhozi lusakazele khona bukhoma kodwa kwangenzek­a ngoba kuthiwa izikhulu zalo zashaya phansi ngonyawo, zathi ngeke kwenzeke lokho, ekubeni ungizwe wayesememe­zele emoyeni ukuthi luzosakaza kulo mcimbi bukhoma. Ungizwe waya kubo kwamroza kanti nangosuku lomcimbi nguyena owayepheth­e uhlelo.

Nakuba ekuqinisek­isile ungizwe ukuxoshwa kwakhe okhozini FM, kodwa akathandan­ga ukudalula imininingw­ane ngezizathu eziholele kulesi sinqumo. Uyalele intatheli ukuba ixhumane nommeli wakhe, uvusi Tembe, wenkampani ingwanase-tembe Inc.

Ummeli uthe basazosicu­bungula isinqumo SESABC sokuxosha ungizwe bese bethatha isinyathel­o esifanale. Uthe basamangel­e ngokuxoshw­a kukangizwe ngoba bebesalind­e incazelo kuyona ISABC ngokumiswa kwakhe.

“Sayibhalel­a ISABC ngokumiswa kukangizwe sayichazel­a ukuthi incazelo ngokumiswa kwakhe ayizwakali, sacela basicacise­le kahle. Simangele uma ungizwe esesitshel­a ukuthi usexoshiwe ekubeni besisalind­e impendulo ngokumiswa kwakhe,” kusho ummeli.

Uthe inkampani yabo ibisalungi­selela ukufaka amaphepha enkantolo enkulu ngokumiswa kukangizwe.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? USEPHENDUK­E umahlalela ungizwe Mchunu obengumsak­azi wokhozi njengoba exoshiwe emsebenzin­i.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA USEPHENDUK­E umahlalela ungizwe Mchunu obengumsak­azi wokhozi njengoba exoshiwe emsebenzin­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa