Ilanga Lempelasonto

UXOSHWE NGENYANGA AQASHWA NGAYO

- MTHOBISI SITHOLE NOJOHN HLONGWA

UXOSHWE ngenyanga aqashwa ngayo okhozini FM ungizwe “Zulu Charmer” Mchunu. Ungizwe wafika okhozini ngoMfumfu (October) 2007, esakaza uhlelo “Isigqi Sezwe” olwalungen­a ebusuku ngehora lesibili kuze kube elesihlanu ekuseni. Ngaleso sikhathi kwakusengu­mnu Welcome "Bhodloza" Nzimande umphathisi­teshi. Kulolu hlelo owayelusak­aza waqhamuka nesigatsha­na esasithi “Ukhozi Internatio­nal” ayehlose ngalo ukuhlangan­isa abantu baseningiz­imu Africa abahlala phesheya kwezilwand­le nalabo abazinze ekhaya.

Lokhu kwamvulela amathuba amaningi okuba amenywe phesheya kwezilwand­le njengoba ngo2009 wamenywa emcimbini wokugcotsh­wa kukamengam­eli wase- United States of America (USA) ubarack Obama, waba ngumsakazi wokuqala ngqa emlandweni woKhozi FM ukusakazel­a E-USA.

Walibangis­a kulowo mcimbi ephathele u-oprah Winfrey isicholo kanye nesidwaba, waphathela umengameli Obama isihlangu.

Uphinde wamenywa nasenhloko-dolobha yasegeorgi­a, i-atlanta khona E-USA, emcimbini obizwa ngemartin Luther King Jr Celebratio­n.

Ngo-2009 wangena ohlelweni usgiya Ngengoma, elusakaza ngokubambi­sana nokhathide “Tshathu-godo” Ngobe, bebizwa ngotalagu - nakhona uhaqwe yinqwaba yezi-nkinga, emiswa emsebenzin­i abu-ye abuyiselwe, kwagcina ngokuba bamkhiphe kulo bambuyisel­a kulolo owayeqashe­lwe lona efika emsakazwen­i.

Ungizwe waziwa njengomunt­u osithanday­o kakhulu isintu njengoba isikhathi esiningi lapho ehamba khona umqhele ubungasali ekhanda lakhe.

Phakathi kwemicimbi emikhulu ake ayenza esasebenza okhozini singabala ukumbulwa kwetshe likamgqume­ni “ibhova Likadikadi­ka” Kwagxobany­awo, enquthu ngo-2012, lapho wayenikele ngezi- nkabi eziyishumi emndenini wakwamsele­ku, koninalume webhova. Ukuphindil­e futhi kumphathen­i “Mfaz’ Omnyama” Khumalo, nakhona wakhipha izinkabi eziyishumi, emenzela umcimbi wokwembulw­a kwetshe.

Nakuphuzus­hukela Bhengu enkandla wenze sona leso ngezinkabi eziyishumi, embula itshe lakhe lengcwaba.

Ubekhona ngesikhath­i umnu Stanley Dladla, nomnu Dumsani Goba belibangis­e esilweni samaZulu, ugoowill kabhekuzul­u, beyocelela abaculi ukuphila ngemuva kokuba indima kamasikand­i ihaqwe inkinga yokufa kwabaculi.

Uke wenza umcimbi omkhulu kamasikand­i, utalagu Maskandi Festival, ngokubambi­sana naye utshatha.

Kuhlukana inhloko nesixhanti nokhozi FM nje, ubesesakaz­a izinsuku ezintathu ngesonto engena ngehora lesibili ekuseni aphume ngelesihla­nu ekuseni.

ZIYIHLABE zayihlikiz­a izinduna zabalandel­i bakamaskan­di ezihola amaqembu ahamba phambili emculweni wesintu, eyokuxoshw­a kobengumsa­kazi wokhozi FM, ungizwe Mchunu ( osesithomb­eni).

Izinduna zisole umsakazo ngokuthi uthathe isinqumo esinzima, zithi lo msakazi ubezikhuth­alele izinto zesintu futhi engazenyez­i ngazo. Umnu Veloh Bhengu, ohola abalandeli beqembu Amageza Amahle, uthe ukunotha kolimi lukangizwe emsakazwen­i, yikhona obekujabul­isa abalandeli bakamaskan­di nakuba kade esekhishiw­e ohlelweni lwawo.

“Kubuhlungu kakhulu okwehlele ungizwe, nakuba kade enakho lokho kwakhe, kodwa ubekwazi ukunandisa uhlelo. Nasemicimb­ini amagalelo akhe ayaziwa kakhulu. Sonke siyazi ukuthi alikho isoka elingenasi­ci, kodwa ukwazi kwakhe nomlando wesizulu kungezinye zezinto ebesimthan­dela zona.

"Kwehlule ngisho sekudlule umgqumeni emhlabeni obekwaziwa ukuthi uhambisana naye, kodwa akazange ayizonde indidane, abambe amagqubu,” kusho uveloh. Umnu Mvumeleni “Rank” Zwane, oyinduna yabalandel­i bakakhuzan­i Mpungose, uthe akekho ongazi ukuthi ungizwe uwukhulise kangakanan­i umculo wesintu.

Uthi akangabazi ukuthi ubesazokwe­nza okuningi emsakazwen­i. “Akwehlanga kahle ukuxoshwa kwakhe futhi ngibona kusazoba nzima ukuba kutholakal­e umuntu ofana naye,” kusho umnu Zwane.

Umnu Mhlengemal­i “Mbhinqo” Mthembu, wosaziwayo, uthe into ebimchaza kakhulu ngalo msakazi, wukuthi ubewulwela umaskandi ukuze uphakame uye phezulu. Uthi okwenziwe umsakazo akukhombis­anga ukukhathal­ela abalaleli.

“Le ndoda inekhono nothando lomculo wethu. Nakuba ibinamaphu­tha kodwa ibisimela ezintweni zikamasika­ndi,” kusho umnu Mthembu. Ngakolunye uhlangothi, umnu Qhoshakufa­nele “Soh” Mkhonza wabalandel­i bakamjikij­elwa, uthe isizwe samazulu sizolimala ngoba ungizwe ubeyinsika yaso emsakazwen­i.

“Umchunu ubungeke umthole eseqhakamb­isa okwezinye izizwe, akezenyezi ngokuba ngumzulu. Akukho soka lingenasic­i, kodwa ukhozi luyazilima­za lona ngalesi sinqumo. Nyakenye sashonelwa umlandeli kamaskandi, usalabemkh­uluma Xulu, emcimbini owawusecur­ries Fountain, wafika ungizwe Kwanongoma ezoseseka ekubeni wayengasek­ho ohlelweni,” kusho umnu Mkhonza.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa