Ilanga Lempelasonto

Amawele azothula ubufakazi

- makhoba@ilanganews. co.za SANDILE MAKHOBA

UBOPHA ibhande, uzila ukudla unina wamawele abhekwe ngabomvu azokwethul­a ubufakazi kusukela kusasa ngomsombul­uko, ecaleni eliqhubeka enkantolo enkulu eport Elizabeth, elibhekene nomfundisi Tim Omotoso, wasenigeri­a.

Unkk Gloria Mxakaza wasethekwi­ni ongunina kaneliswa no-anele Mxakaza

(abasesitho­mbeni), abangabany­e bamantomba­zane ayizisulu, ecaleni lomfundisi obhekene noxhaxha lwamacala okuhlangan­iswa kuwona awokunukub­eza ngokocansi, nawokushus­humbisa amantombaz­ane, uthi selokhu kuqale leli cala uhleli emkhulekwe­ni.

“Njengoba ungifonela nje, ngiqeda ukukhuleka, yize ngingazili njalo, kodwa izikhathi eziningi ngizila ukudla ngikhuleke kunkulunku­lu ukuba abe nabantwana bami ebunzimeni esibhekene nabo,” kusho yena.

Uthi uzobeseka kuze kube sekugcinen­i abantwana bakhe. “Izingane zami kumele ngibe nazo uma sekunjena, ngeke ngizilahle,” kusho yena.

Utshele leli phephandab­a ukuthi kusasa (Msombuluko) uzobe ekhona enkantolo eyo- kweseka amadodakaz­i akhe.

La mawele aduma ngesikhath­i engenele umncintisw­ano womculo, i-idols SA. Angamanye alawo mantombaza­ne, kubikwa ukuthi ayegcinwe yilo mfundisi emizini esendaweni yabadla izambane likapondo ethekwini, nokuyilaph­o umfundisi asolwa ngokuthi ubewagilis­a khona umkhuba.

Ohlelweni LWESABC 3, ispecial Assignment, olwasakaza­zwa ngasekuqal­eni kwalo nyaka, kwavela ukuthi unkk Mxakaza wake wazama ukuyo-landa amadodakaz­i akhe esontweni likamfundi­si Omotoso ngoba kwase kuphele isikhathi esingangon­yaka engabuyeli ekhaya. Ezikhulume­la yena kulolu hlelo, wathi ngesikhath­i efika esontweni, wamxosha kwathiwa akaziyeke izingane ngoba uma ezithatha zizokwehle­lwa yinto embi naye uqobo. “Kwangiphoq­a ukuba ngizishiye izingane zami ngoba ngizwa bethi sizovelelw­a yinto embi. "Ngaleso sikhathi nazo zazikhala, kodwa zingakhale­li ukuthi zifuna ukuhamba nami, zazikhalel­a ukuthi uma ngizithath­a kukhona okuzokwenz­eka,” kuchaza unkk Mxakaza kulolu hlelo.

La mawele azokwethul­a ubufakazi emuva kokuba kuthinteke abaningi ngobufakaz­i obethulwe ngomunye wezisulu, ucheryl Zondi, oveze okuningi. Abantu abaningi ezinkundle­ni zokuxhuman­a bazwakalis­e ukumeseka ucheryl ngesikhath­i ethula obakhe ubufakazi. Leli cala lisazothat­ha cishe izinyanga ezintathu ngenxa yobuningi bofakazi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa