Amawele azothula ubufakazi
UBOPHA ibhande, uzila ukudla unina wamawele abhekwe ngabomvu azokwethula ubufakazi kusukela kusasa ngomsombuluko, ecaleni eliqhubeka enkantolo enkulu eport Elizabeth, elibhekene nomfundisi Tim Omotoso, wasenigeria.
Unkk Gloria Mxakaza wasethekwini ongunina kaneliswa no-anele Mxakaza
(abasesithombeni), abangabanye bamantombazane ayizisulu, ecaleni lomfundisi obhekene noxhaxha lwamacala okuhlanganiswa kuwona awokunukubeza ngokocansi, nawokushushumbisa amantombazane, uthi selokhu kuqale leli cala uhleli emkhulekweni.
“Njengoba ungifonela nje, ngiqeda ukukhuleka, yize ngingazili njalo, kodwa izikhathi eziningi ngizila ukudla ngikhuleke kunkulunkulu ukuba abe nabantwana bami ebunzimeni esibhekene nabo,” kusho yena.
Uthi uzobeseka kuze kube sekugcineni abantwana bakhe. “Izingane zami kumele ngibe nazo uma sekunjena, ngeke ngizilahle,” kusho yena.
Utshele leli phephandaba ukuthi kusasa (Msombuluko) uzobe ekhona enkantolo eyo- kweseka amadodakazi akhe.
La mawele aduma ngesikhathi engenele umncintiswano womculo, i-idols SA. Angamanye alawo mantombazane, kubikwa ukuthi ayegcinwe yilo mfundisi emizini esendaweni yabadla izambane likapondo ethekwini, nokuyilapho umfundisi asolwa ngokuthi ubewagilisa khona umkhuba.
Ohlelweni LWESABC 3, ispecial Assignment, olwasakazazwa ngasekuqaleni kwalo nyaka, kwavela ukuthi unkk Mxakaza wake wazama ukuyo-landa amadodakazi akhe esontweni likamfundisi Omotoso ngoba kwase kuphele isikhathi esingangonyaka engabuyeli ekhaya. Ezikhulumela yena kulolu hlelo, wathi ngesikhathi efika esontweni, wamxosha kwathiwa akaziyeke izingane ngoba uma ezithatha zizokwehlelwa yinto embi naye uqobo. “Kwangiphoqa ukuba ngizishiye izingane zami ngoba ngizwa bethi sizovelelwa yinto embi. "Ngaleso sikhathi nazo zazikhala, kodwa zingakhaleli ukuthi zifuna ukuhamba nami, zazikhalela ukuthi uma ngizithatha kukhona okuzokwenzeka,” kuchaza unkk Mxakaza kulolu hlelo.
La mawele azokwethula ubufakazi emuva kokuba kuthinteke abaningi ngobufakazi obethulwe ngomunye wezisulu, ucheryl Zondi, oveze okuningi. Abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana bazwakalise ukumeseka ucheryl ngesikhathi ethula obakhe ubufakazi. Leli cala lisazothatha cishe izinyanga ezintathu ngenxa yobuningi bofakazi.