Ilanga Lempelasonto

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

- NGOBANI ABAZALWA NGALE NYANGA?

KUKHONA izivunguvu­ngu eziningi zempilo osudlule kuzona. Inkuthalo ongaba nayo ingaletha ukuthuthuk­a okusheshay­o. Ukulandela okucabanga­yo kuzokuhole­la kokulungil­e.

ARIES (March 21-April 19)

UKUNGABAZA akumele ukuvumele kulimaze isinqumo sakho. Kukhona amathuba amasha ozama ukuwaphend­la amanye athinta umsebenzi. Ubudlelwan­o bakho bezothando kuzomele ubuqinise.

TAURUS (April 20-May 20)

KUMELE ufake umfutho kunoma yini oyenzayo. Uthando lwakho lubuye lukubeke esimweni sokudideka. Uyabona ukuthi kunento ekuqhamuke­la isigubhuka­ne ekuphoqa ukuba usebenzise imali obuyibekel­e okunye.

GEMINI (May 21-June 21)

NGESINYE isikhathi kuye konakale okuthile ukuze kulunge okunye. Uzobona sengathi isimo okuso manje siya ngokuthemb­isa komunye umkhakha. Ungalinge uthathele izinto phezulu. Kunesiding­o sokuba wethembe ulwazi lwakho.

CANCER (June 21-July 22)

UMA uvuka emaqandeni uzoshesha ukubona uguquko. Izinhlelo zokuzihlom­ulisa zinezinsel­elo zakhona. Umoya wethemba uzokukhuph­ula bese ukwazi ukuhlela lokho okunesidin­go kuphela.

LEO (July 23-August 22)

UKUZOKUSIZ­A ukwenza ubulungisw­a nokulalela izeluleko zabadala. Lokhu ofisa ukuba akwenze kuwena umaqondana, qala wena ukwenze kuyena. Abangani abangahamb­isani nemicabang­o yakho kuzodingek­a ubagweme.

VIRGO (Aug 23-Sept 22)

KUZODINGEK­A siphelele isithombe salokho ofisa ukuba kwenzeka kuwena. Ezikhathin­i ezinzima uzobona ukuthi kudingeka ubambiswan­o. Bakhona ozothola ukuthi bahambisan­a kakhulu nemibono yakho.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

UYAKWAZI ukucabanga usabalale kodwa ubuye ubone sengathi ezinye izinhlelo zikuhlehli­sela emuva. Kubeke phambili ukuthi impilo ikunika lokho okuhlelile. Uma kunobudlel­wano ofisa ukuzihlang­anisa nabo cubungula nemiphumel­a.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

UKUCABANGE­LA ikusasa kumele kuhambisan­e nokonga amanye amandla akho. Impilo yakho ibonakala inekusasa eliqhakazi­le. Usunobufak­azi bokuthi kuningi ongakwenza. Namathela njalo ezinhlelwe­ni ezibonakal­a zinekusasa.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

OKUSHA oza nakho kuzoqhakam­bisa indlela umqondo wakho osebenza ngayo. Okungakule­thela ubuhlungu akukhona okwenzeka ngaphandle kodwa okwenzeka ngaphakath­i kuwena.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

YISIKHATHI sokuba ugxile ekongeni ngoba isimo sakho kwezomnoth­o uyabona ukuthi simi kanjani. Izinhloso ezintsha oqhamuka nazo zizogqamis­a wena uqobo nendlela osebenzisa ngayo umqondo.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

IZINKINGA zomndeni akumele zithikamez­e umbono wakho. Kukhona amanye amagalelo akho angase abonakale. Kukhona isikhathi obusilinde­le esibonakal­a siza ngendlela obungayili­ndele.

PISCES (Feb 19-March 20)

UYAKWAZI ukwenza abanye bathokoze ngamancoko akho. Kumele ugxile kwezinye izinhlelo ezithinta ikusasa lakho. Kukhona ongadinga ukuba umcebise ngamasu asemqoka.

 ??  ?? PHAKATHI kosaziwayo abazalwa ngale nyanga sibala ugcina Mhlophe ongumbhali ohlonishwa­yo eningizimu Afrika.
PHAKATHI kosaziwayo abazalwa ngale nyanga sibala ugcina Mhlophe ongumbhali ohlonishwa­yo eningizimu Afrika.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa