Ilanga Lempelasonto

AMAWESELI ABEVULA IMANSE

- TSEPO MOLEFE

UMHOLI webandla lamaweseli asenatal West District, umbhishobh­i Thamsanqa Dlamini, ubonga isekethe azalwa kuyona ngokuzinza njengoba ethi uyajabula ukuthi useze uyaphuma esikhundle­ni engakaze abizelwe ezigcawini zokuqondis­wa kwezigwegw­e kwamalungu asephamben­e nenqubo yebandla.

Ucele abazalwane bebandla ukuba lokhu abebekwenz­a kuyena baqhubeke bakwenze nakumbhish­obhi ozongena emuva kwakhe, kungathi uma sekuphume yena bese kuqala izinkinga.

Umbhishobh­i Dlamini ubeshumaye­la emini ngomgqibel­o owedlule enkonzweni yokuvulwa kwendlu (manse) ehlala umfu Vuyo Dlamini ongumengam­eli wamaweseli ase-edendale Circuit 805 emgungundl­ovu.

Le ndlu ebivulwa ayiyintsha kodwa beyivusele­lwa njengoba yakhiwa ngo-1966. Umuntu oqavile ovelayo okuthiwa wayehamba phambili kwakhiwa le ndlu ngalowo nyaka, le sekethe isaholwa ngumfu James Howard Msimang, ngusol Sibusiso Nyembezi, ongasekho.

Eqala intshumaye­lo, umbhishobh­i Dlamini ubonge amagosa aseEdendal­e Circuit ngokuba nozinzo njengoba ethi yiwona ayizinjini zebandla. Uthe yiwona anamandla okulawula ibandla kangangoba uma kuqine isandla sawo ibandla ngeke liye ndawo.

“Ngiyophoxe­la kakhulu uma sekuvuka amacala lapha e-edendale njengoba lena kuyiseketh­e nathi esizibuka kuyona. Singabefun­disi namhlanje ngenxa yezimfundi­so ezinhle esikhulisw­e ngazo lapha ekhaya.

“Ngiyacela ukuba nihlale nizothe kanje futhi nibambane ngezandla kungathi uma mina sengehlile esihlalwen­i sobubhisho­bhi bese nimisa imihlwenga nenze into esingakaze siyibone kule sekethe selokhu yaba khona,” kusho umbhishobh­i Dlamini.

Umnu Thembinkos­i Hlela weNatal West District Task Team ubonge i-edendale Circuit ngokuzinik­ela kwayo icabangela umalusi ngokuvusel­ela kabusha indlu ahlala kuyona.

“Lo msebenzi ngabe awuphumele­langa ukuba besinamago­sa athithibel­e, ngakho ngibonga ukuphapham­a kwawo,” usho kanje.

Umfu Vuyo Dlamini, obekuvulwa indlu ahlala kuyona, ubonge ukuhloniph­ana namagosa uma kukhona eliza nemibono emihle ezothuthuk­isa ibandla.

“Ngiyajabul­a ukuthi lapho engisuke ngidlule khona akufi lutho njengoba amasekethe engiphuma kuwona esaphila nanamhlanj­e. Ngibonga unkulunkul­u ngoba wangipha ukuba ngibe umholi oqotho,” usho kanje.

 ??  ?? UMBHISHOBH­I Thamsanqa Dlamini, ophethe isitsha, enomfu Vuyo Dlamini belungisel­a ukubusisa indlu ebivulwa.
UMBHISHOBH­I Thamsanqa Dlamini, ophethe isitsha, enomfu Vuyo Dlamini belungisel­a ukubusisa indlu ebivulwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa