Ushone esewethulile umbiko ngemarikana
Kuthinteke nobheki Cele ngokushona kukajaji Ntshangase
LISHONE lisanda kuphothula umbiko ngesibhicongo sasemarikana ijaji ebeselithathe umhlalaphansi futhi lingusomabhizinisi odumile emtubatuba, ijaji udavid Sakhelene Vusumuzi Ntshangase (78) ( osesithombeni).
Ukudlula emhlabeni kwejaji untshangase kuthinte nongqongqoshe wezamaphoyisa kuleli, umnu Bheki Cele, otuse ubuhlakani bakhe obukhulu.
Umnu Ntshangase ubedume ngelikaqalakancane ngenxa yamabhizinisi akhe ezobumnandi namabhodlela sitolo abizwa ngeBit By Bit.
Ushone ekwakhe, Kwamsane, ngolwesithathu emuva kokugula isikhashana.
Umnu Cele uthe: “Nakuba ngizwa ubuhlungu obukhulu kepha ngiyethulela isigqoko le ndoda. Ngihlangane nayo okokuqala ngqa ezinyangeni ezimbili ezedlule izokwethula umbiko wayo (nge-marikana). Iyindoda engithole ukuthi inobuhlakani obu- khulu. Izincomo zayo siphezu kwazo, siyazicubungula. Ikugcizelele ukuthi izothokoza uma sizoqikelela ukuthi labo abatholakala benecala bayajeza ngokufanele.”
ILANGA ligcina ukukhuluma nejaji untshangase lixhunywe ipayipi lokuphefumula, lathi: “Ngiyagula impela kepha ngifuna kuthi noma ngizunywa wukufa kodwa ngibe sengiwuphothulile lo msebenzi (umbiko ngemarikana).
“Kumele baboshwe laba bantu ababa budedengu kangaka. Kangikaze ngibone abantu bebulawa njengezimpukane ekubeni umthetho ukhona.”
Okhulumela umndeni, umnu Anthony Ntshangase, uthe umufi uzofihlwa ngomgqibelo ozayo emathuneni asenorwood, emtubatuba, emuva kwenkonzo ezoqala ngo-9 ekuseni ehholo elisha Kwamsane.
Unxuse izikhulumi ezizonikwa ithuba ukushaya ngesisoka ngenxa yokwaziwa kukamufi.
Inkosikazi yakhe yokuqala, unkk Mimi (Mangcobo) Ntshangase, yashona ngo-2009.
Ushiye emhlabeni umkakhe, unkk Siphiwe (Makhumalo) Ntshangase nezingane.
knowledge.simelane@ilanganews.co.za