Ilanga Lempelasonto

Kubhidlizw­e umuzi kasfiso Ncwane

Baqale ngamafasit­ela, izicabha, ama-tiles nezitini

- ZAMA NDUKUDE

KUPHELILE ngomuzi kasfiso Ncwane ashone ngo-2016 ewakha e-adams Mission emuva kokuba izigilamkh­uba seziwendlu­le kwasala izindonga.

ILANGA Langesonto lithole ukuthi usfiso ushone eseqedile ukwakha indlu engurawond­i kule ndawo enemizi emihle eyakhiwe ngabampish­olo eningizimu yeTheku.

Kuthiwa le ndlu ibisinakho konke njengoba bese kusele ukuba kungenwe, kuhlalwe kuyona.

Leli phephandab­a lizifikele mathupha kulo muzi osuphenduk­e inxiwa njengoba sekusele izindonga.

Likhulume nomakhelwa­ne onxuse ukuba ligodlwe igama lakhe, othe: “Usfiso ushone eseqedile ukwakha umuzi lapha e-adams Mission. Ubesengang­ena noma yinini, kwazise bese kufakwe amafasitel­a, izicabha nophahla lwama- tiles. “Ubekhombis­a uthando lokuzohlal­a lapha ngoba ubefika njalo ezobheka le ndlu. Ubenomoya omuhle kakhulu ngoba ubefika asibingele­le endaweni njengomakh­elwane bakhe.”

Uthe lezi zigilamkhu­ba zaqala ngokukhiph­a amafasitel­a, zalandelis­a ngesicabha, zakhipha nama- tiles phezulu.

“Zigcine sezintshon­tsha ngisho izitini imbala kwangathi kakukaze kube khona lutho. Selokhu ashona kangikaze ngibone muntu ozobheka leli nxiwa, ngisho nomkakhe imbala kangikaze ngimbone lapha.

“Sekuze kwamila ukhula enxiweni. Sikhathaze­kile siwumphaka­thi ngokungana­kwa kwenxiwa likasfiso, besingatha­nda kube- khona okwenzekay­o noma kwakhiwe indawo eyisikhumb­uzo sakhe,” kusho lo makhelwane.

Unina kasfiso, ufikile Ncwane, uthe uyazi ukuthi indodana yakhe inalo inxiwa kodwa akakaze alubhade kulona.

“Usfiso washona esanda kungitshel­a ukuthi unendawo ayithenge e-adams Mission. Wangitshel­a ukuthi useqedile ukwakha futhi wayephezu kwezinhlel­o zokuyongik­hombisa indlu yakhe.

“Ngebhadi washona engakwenza­nga lokho. Kuyimanje kangiwazi nokuthi ungakuphi. Kangisafis­i ukukhuluma kakhulu ngezindaba ezithinta usfiso ngoba zingifikis­ela ngezinyemb­ezi,” kusho ufikile.

Umnu Mbongeni Makhanya, oyinduna e-adams Mission, uthe: “Ngingakuqi­nisekisa ukuthi usfiso ubenalo inxiwa lapha kodwa eyendlu kangiyazi. Njengoba engasekho nje ngu-ayanda ozonquma ukuthi wenzanjani ngalo. Ngigcine ukukhuluma no-ayanda ngonyaka odlule, ubekhuluma indaba yokuthi inxiwa usalidinga futhi usazoliseb­enzisa. Ngaleso sizathu sizomlinda ngeke silinike omunye umuntu.”

Selokhu ashona kangikaze ngibone muntu ozobheka leli nxiwa.

 ??  ??
 ?? IZITHOMBE NGU: ZAMA NDUKUDE ?? UMUZI kasfiso Ncwane e-adams Mission usugcwelez­we waze wasala ubukeka kanje.
IZITHOMBE NGU: ZAMA NDUKUDE UMUZI kasfiso Ncwane e-adams Mission usugcwelez­we waze wasala ubukeka kanje.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa