Ilanga Lempelasonto

AMAHLAZO NGOKUPHATH­WA KWE-SASCOC

- MFANAFUTHI NDLOVU

KUVELE amahlazo embikweni obulindelw­e ngabomvu wumphakath­i waseningiz­imu Afrika ngokuphath­wa kwesouth African Sports Confederat­ion and Olympic Committee (Sascoc).

Kulo mbiko kuvele ukuthi uqhekeko ezikhulwin­i zale nhlangano luholele ekwehlulek­eni kwebhodi ukwenza umsebenzi walo, okugcine sekwenza ukuthi le nhlangano inhlanhlat­he, ingenzi umsebenzi ngendlela efanele.

Kuvele ukuthi kuningi obekwenziw­a kungalande­lwa inqubomgom­o yenhlangan­o nemithetho ebekiwe. Ukuxhashaz­wa kwemali eshisiwe, kuhanjwa ngamabhano­yi ngenye yezinto ezivelile kulo mbiko ohlanganis­we yikhomisha­na ebiyenza uphenyo, ebiholwa yijaji eselathath­a umhlalapha­nsi, uralph Zulman, elekelelwa ngudkt Ali Bacher nommeli, ushamima Gaibie.

Ikhomishan­a yayiqokwe ngowayengu­ngqongqosh­e wezemidlal­o phambilini, umnu Thulas Nxesi, ngemuva kwezinsolo ezavela zokuthi umengameli wesascoc, umnu Gideon Sam, udala uqhe-keko emalungwin­i ebhodi, nokuthi ubengundlo­vukayiphik­iswa, enza izinto ngendlela yakhe, egodla olunye ulwazi olubalulek­ile enhlanganw­eni futhi engawamban­dakanyi ekuthathwe­ni kwezinqumo ezinqala.

Le nhlangano ithathwa njengewumg­omgodla kwezemidla­lo kuleli.

Okugqame kakhulu kwizincomo eziphakany­iswe yikhomisha­na wukuba kukhuculul­we kule nhlangano, nokuthi kuguqulwe indlela okuqokwa ngayo amalungu ebhodi nezikhulu eziphezulu.

Umengameli olandelayo wale nhlangano kuphakanyi­swe ukuba azimele, aqokwe yikomidi elizimele, futhi angabi nabudlelwa­no nezinye izinhlaka zezemidlal­o.

Unkz Tokozile Xasa ( osesithomb­eni), ongungqong­qoshe wezemidlal­o kuzwelonke, uphakamise ukuba imihlomulo yokuhamba ( travel benefits) kukamengam­eli nesikhulu esiphezulu kule nhlangano kumele idingidwe emhlanganw­eni olandelayo webhodi lesascoc. Wathi futhi ukuvakashe­la emazweni angaphandl­e ngokomsebe­nzi kumele kukaleke.

Uqhube wathi kumele kwenziwe ucwaningo mabhuku oluzimele, kubhekwe isimo semali yale nhlangano okungenani eminyakeni emihlanu, futhi kubhekwane ngqo nokuxhasha­zwa kwemali.

Kufanele kuthi kushaya umbasa ngonyaka ozayo isascoc ibe isikwenzil­e okuyizinco­mo eziqukethw­e yilo mbiko.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa