Ilanga Lempelasonto

Umholi weda uthi akasona isichuse

Ugcizelele ukuthi izinqumo zithathwa nguyena

- LUCKY CAIN

AKUDIKIZI nqulu ngamahlebe­zi asabalele ngekusasa lakhe kwida umholi waleli qembu KwazuluNat­al, umnu Zwakele Mncwango.

Umncwango ekhuluma ngokukheth­ekile NELANGA Langesonto, uthe okubalulek­ile kuyena wukubumban­a kwekhokhas­i yalesi sifundazwe nokuyisa leli qembu okhethweni oluyimpume­lelo ngonyaka ozayo.

Lo mholi ukhulume kanjena ngemuva kwemibiko yokuthi angase akhonjwe indlela kuleli qembu ngezinsolo zokuthi udlela esitsheni esisodwa neqembu elibusayo, I-ANC.

Lokhu kulandela ukuvela kwemibiko yokuthi uphezu kwemizamo yokuketula usotswebhu weda, umnu John Steenhuise­n, ngoba ethi akanazo iziqu zemfundo ephakeme.

Umnu Mncwango utshele leli phephandab­a ukuthi akananxa nomnu Steenhuise­n futhi uyamhlonip­ha njengosopo­litiki osemnkants­hubomvu eqenjini.

“Okwamanje ngeke ngikwazi ukuphawula ngemibiko esabalalel­e ngoba eminingi yayo isengamahl­ebezi nje antanta emoyeni,” kusho umnu Mncwango othi uyakweshwa­ma ukuthi kunemibiko ethi udlela esitsheni esisodwa neANC.

“Engikwaziy­o wukuthi ngithembek­ile kwida. Abantu bayohlale bekhuluma. Okubalulek­ile kithina wukuba singadidis­eki kodwa sigxile kulokhu okubalulek­ile kubantu basekzn,” kusho umncwango ojoyine leli qembu ngo-2001.

Uthi ngesikhath­i ejoyina IDA ubengabhek­ile izikhundla njengoba ebeziseben­zela kahle emkhakheni awufundele we-electrical Engineerin­g.

“Ngijoyine ngoba ngifuna ukuba yingxenye yoshintsho ezweni engiphila kulona. Ngenxa yeqhaza ebengiliba­mba ngaphakath­i eqenjini yikhona okungenze ngakhula kulona njengoba sengihola isifundazw­e,” kulanda yena, eveza nokuthi ulwazi lwezepolit­iki uluncele kumnu Roger Burrows oke wahola leli qembu Kwazulu-natal.

 ??  ?? UMNU Zwakele Mncwango ongumholi weda Kwazulu-natal uthi akulona iqiniso ukuthi leli yiqembu labamhloph­e.
UMNU Zwakele Mncwango ongumholi weda Kwazulu-natal uthi akulona iqiniso ukuthi leli yiqembu labamhloph­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa