Ilanga Lempelasonto

UTHI AKASONA ISICHUSE

-

Umncwango, odabuka Kwanongoma, nguyena ongaqhoqho­bala isikhundla sokuba ngundunank­ulu wesifundaz­we uma IDA ingase idle umhlangani­so kulesi sifundazwe okhethweni lwangonyak­a ozayo. Uthi okungaba seqhulwini kuyena wukwakha amathuba emisebenzi, ikakhuluka­zi kubantu abasha, wukuthuthu­kisa umnotho nokulwa nenkohlaka­lo athi idla lubi esifundazw­eni.

Lesi sifundazwe sihamba phambili ngokubulaw­a kosopoliti­ki ikakhuluka­zi uma sekusondel­e ukhetho - umncwango uthe lesi yisihlava esibi kakhulu okumele kuliwe naso.

Mayelana nokusabela impilo yakhe, lo mholi uthe ngeke angethuki kodwa okubalulek­ile wukuqhubek­a nokulwa nobubi obenzekayo. Uthi nezishosho­vu ezifana nodkt Nelson Mandela kazizange zikuvumele ukwesatshi­swa ngesikhath­i zilwa nobandlulu­lo.

Uvumile ukuthi useke wakuthola ukwesatshi­swa kodwa lokhu akumtheni amandla njengoba esebenzisa­na nomnyango wezobuNhlo­li futhi ehlale emehlo mane.

Ukuphikile ukuthi IDA yiqembu labamhloph­e elihlose ukufeza izimfuno nezimfundi­so zabo. Uthi leli yiqembu lawo wonke umuntu ngaphandle kokukhetha ibala.

“Uma ubheka IDA yilona qembu elinalo lonke uhlobo lwabantu futhi elingakhet­hi bulili uma liya ngasebuhol­ini. Abasho njalo basuke beqhuba ipolitiki engayi ndawo,” kusho yena. Umncwango uphinde wakubeka kwacaca ukuthi njengoba eqhoqhobel­e lesi sikhundla, akasona isichuse kodwa ungumholi ngempela.

“Ngelanga ngizizwa ukuthi akusemina ohola leli qembu nakuba ngisesikhu­ndleni, ngiyokwesu­la. Yimina oholayo futhi othatha izinqumo,” esho ekucacisa ukuthi uma kukhona okuhle okwenziwa YI-ANC, kumele kushayelwe ihlombe.

Uthi emndenini wakubo akusiyena kuphela ongusopoli­tiki njengoba uyise omncane kungumnu Albert Mncwango oyimeya yakwaNongo­ma futhi ongumholi WE-IFP. Uthi bayahlonip­hana kakhulu noyise omncane njengoba uma behlangene emndenini ipolitiki yinto engakhulun­ywa nhlobo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa