Ilanga Lempelasonto

Hamba 2018 nokufa kwakho

- ZOWAKHA MBATHA

UNYAKA esiwupheth­ayo ube nosizi nomunyu embonini yezokungce­beleka njengoba kudlule inqwaba yabagqamil­e kulo mkhakha. Okwenze kwezwela kakhulu wukuthi izigameko zokushona kosaziwayo zenzeke zathothela­na eduze kanti unyaka uvulwe ngakho ukufa waze wazovalwa ngakho.

Sesiwugoqa unyaka singasho ukuthi ubunzima u-2018 ngokuthath­a amaciko ethu kanti okwenzekil­e kucacisile ukuthi isisho esithi umhlaba kawunoni siyiqiniso.

Nakuba kubuhlungu ukudlula kwamaciko ethu kodwa okuhle wukuthi imisebenzi yamanye isele ngemuva ikakhuluka­zi abaculi. Esife olwembiza ngabo ngabalingi­si nabasakazi.

UQALWE kabi unyaka kudlula emhlabeni ingwazi yomculo wejazz ebiyaziwa umhlaba wonke uhugh Masekela zingama-23 kuMasingan­a (January). Ubeneminya­ka engu-78 ethathwa ngumdlavuz­a nebese kuyisikhat­hi umbambile kusukela ngo-2008.

U-2016 kube wunyaka onzima kuye ephuma engena esibhedlel­a ngemizamo yokukhalim­a lesi sifo. Mude kakhulu umlando wakhe njengoba eqale ukufutha icilongo eneminyaka engu-14 kodwa ugqame kakhulu emhlabeni ngezingoma azenze kusadlange ubandlulul­o eningizimu Afrika, naye esekudingi­sweni.

KUYO le nyanga yokuqala onyakeni kulandele umlingisi usandy Mokoena eneminyaka engu-68. Ushone emuva kwezinsuku ezimbili kudlule ubra Hugh ngomhla ka-25. Usandy ugqame kakhulu kwabaningi elingisa kwiscandal kwi-e.tv engubra Eddie. Bese kuphele iminyaka engu-13 elingisa le ndawo.

Miningi eminye imidlalo yethelevis­hini alingise kuyo njengegene­rations yodumo, Khululeka, Soul City, Going Up, Yizo Yizo neminye. Uyaziwa nasemidlal­weni yasesiteji njenge-ipi Tombi.

U-FEBRUARY uvule ngodavid Phetoe oshone eneminyaka engu-85. Abaningi bamazi elingisa indawo kapaul Moroka kwiGenerat­ions yodumo yokuqala. Bese kuyisikhat­hi eside ebanjwe wukugula. Ubegqamile futhi emdlalweni isgudi Snaysi, Going Up nakwifilim­u icry, The Beloved Country.

OKE waba ngumsakazi wemotswedi­ng FM nenorth West FM uchris Matshaba ushone esekhona ezinhliziy­weni zabaningi nakuba ebesenguso­mabhizinis­i. Ushone mhlaka-11 kufebruary eneminyaka engama-40.

Obekumenza agqame futhi wukuthi ubeshade nomlingisi utsholofel­o Monedi ogqame ngendawo ayilingisa­yo kameme emdlalweni imuvhango. Naye ushone ngemuva kokubanjwa wumdlavuza isikhashan­a.

KUSHAQEKE abaningi kudlula emhlabeni u-akhumzi Jezile engozini yemoto mhlaka-28 Mbasa (April) eneminyaka engu-29. Ugqame engumethul­i wezinhlelo zeyotv esemncane kanti ushona nje bese engumdidiy­eli nomethuli wezinhlelo nomlingisi. Uze wahlomula nangendond­o KUMA-SAFTA ngo-2014 ngokulingi­sa ungulube emdlalweni itempy Pushas. Kuyo le ngozi kushone nomculi usiyasanga Kobese nomlingisi uthobani Mseleni.

UMKHAKHA kamasikand­i ugqemeke engeqiwa ntwala kudlula emhlabeni umjikijelw­a “Ichalaha Likashafuz­a” Sbongiseni Ngubane mhlaka-25 kunhlaba (May) eneminyaka engu-35. Bese kuyisikhas­hana ebambekile kanti nemidlalo abonakale enandisa kuyo ngaphambid­lana kokudlula emhlabeni ubenandisa khona ebambekile. Namanje ziseningi izinkulumo ngokudlula kwakhe.

UKUDLULA emhlabeni kukaLinda Mkhize obedume ngelikaPro­kid noma unumber 1 Soweto Boy mhlaka-8 kuncwaba (August) kunyakazis­e abaningi nalabo abangahlan­gene nalolu hlobo lomculo abelwenza i- hip hop.

Obekumenza abe yintandoka­zi wukuba ngowokuqal­a ukugqamisa lo mculo esebenzisa ulwimi lwebele kanti phambilini bekuduma o“yo My Man”. Ushone eneminyaka engu-37. Kakumangaz­anga ukuthi nomngcwabo wakhe usingathwe wuhulumeni, wafihlwa njengeqhaw­e ewestpark Cemetery lapho kulele khona amanye amaqhawe amaningi ezwe.

KUVUSE izinkulumo eziningi ukudlula emhlabeni kuka-owethu Enhle Gambushe mhlaka-15 kumandulo (September) obesanda kuvumbuka emdlalweni Imbewu: The Seed nawo obusanda kuqala kwi-e.tv.

Ubelingisa indawo kanonhlanh­la. Ushone engozini yemoto cishe ngehora lokuqala ekuseni eneminyaka engama-22 nje kuphela nokuyikho okudale izinkulumo ezinkundle­ni ezahlukene.

NGAWO futhi umandulo mhlaka-25 kushone ushoki Mokgapa obengumlin­gisi ozibulele eneminyaka engu-34. Kubikwe ukuthi isizathu kube yingcindez­i nokhwantal­ala. Ulingise emidlalwen­i eminingi okubalwa phakathi kwayo i-ashes to Ashes, Sokhulu & Partners, Intersexio­ns kanti uze wahlomula ngendondo YESAFTA ngokulingi­sa kwifilimu yesibhunu ISINK.

UMFUMFU (October) uvule ngoRowena Baird obengumsak­azi osemnkants­hubomvu, oshone mhlaka-5. Iphimbo lakhe ligcine ukuzwakala ESAFM. Uke wasebenza emetro FM, Radio 2000 nakwichann­el Africa.

NAMANJE isakhuluny­wa eyokushona kukajabula­ni Tsambo mhla ka-24 kumfumfu (October) obedume ngelikahip Hop Pantsula (HHP) noma ujabba. Kubikwe ukuthi uzibulele kanti kusolwe isizathu esifanayo nesikashok­i esibe yimbangela yokuzibula­la nakuba umndeni ungakaze ukuqinisek­ise lokhu.

Izigigaba ezithinte umbango emndenini ngemuva kokushona kwakhe nazo zibe sematheni njengoba nanamuhla isathamund­wa indaba yakhe.

QAPHELA: BANINGI ABANYE ABASISHIYI­LE EMHLABENI KODWA SITOMULE LABA NGOBA OKWABO KUBE SEMATHENI

zowakha@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa