UZOHLOMULISA NABASAFUFUSA UMCIMBI WEZINDONDO ZEGQOM
AZOHLOMULISA nabasafufusa ama-south African Gqom Awards (SAGA), okuwumcimbi wezindondo omusha wokuklomelisa labo baculi abenza kahle kulolu hlobo lomculo oludla ubhedu.
Umcimbi wokuqala WESAGA lapho kuzomenyezelwa khona abanqobile uzokwenzeka ngonyaka ozayo. Ngokujwayelekile uma kuklonyeliswa abaculi kuklonyeliswa labo abasuke sebekhiphe izingoma noma asebengaphansi kwezinkampani ezithize.
Umsunguli walawa ma- award umnu Thabo Ramokoena uthi kuzohlomula ngisho UDJ wasemakhaya ongakabi nayo inhlanhla yokuthola inkampani azoqopha ngaphansi kwayo inqobo nje uma umphakathi wangakubo umazi ukuthi udlala igqom.
Uthi lokhu bakwenza ngoba baningi abantu abadlale indima ekubeni igqomu ibe la ikhona manje. Uthi igqomu wumculo othokozelwa ngabantu abaningi. Lolu hlobo lomculo uthi balubona ludlondlobala kakhulu kanti okubachazayo ukuthi umsuka walo usethekwini. “Umculo we-gqom ngeke uphele ngoba waqala kudala futhi uyakhula. Uma ukhumbula ngempelaSonto UDJ Black Coffee ubehamba nomculi waphesheya u-usher behamba bedlala yona igqom. “Njengoba usuthandwa ngabantu baphesheya kusho khona ukuthi uyakhula futhi uyasabalala,” kusho uthabo. Ukusungulwa KWESAGA kulindeleke ukuba kubeke abanye abashayi begqom ethubeni lokuyozibonakalisa kwi-carnival in Rio de Janeiro ezokwenzeka kusuka ngomhlaka-1 kundasa (March) kuya kumhlaka-9 kuyo leyo nyanga.
Abayisihlanu abazohlomula ngaleli thuba bazotonyulwa kwabaqokelwe emcintiswaneni wezindondo. Phakathi kwabo abazohlomula kubalwa ODJ abadlala i-gqom, abaculi kanye nabadidiyeli.
“Yize noma igqom isisabalele umhlaba wonke kodwa yaqala khona la ethekwini ingakho lo mcimbi uzohlale wenzeka ethekwini ngempelasonto yama-easter,” kusho uthabo.
Uthi yimikhakha ewu-15 ezobe ivotelwa wumphakathi, kube engu-10 enamajaji bese kuthi engu-5 yona kuzobe kuhlonishwa abantu abadlale indima empumelelweni yawo lo mculo. Ukungenela kuzomenyezelwa ekuqaleni konyaka ozayo.
makhoba@ilanganews.co.za
Umculo we-gqom ngeke uphele ngoba waqala kudala futhi uyakhula...