Ilanga Lempelasonto

UZOHLOMULI­SA NABASAFUFU­SA UMCIMBI WEZINDONDO ZEGQOM

- SANDILE MAKHOBA

AZOHLOMULI­SA nabasafufu­sa ama-south African Gqom Awards (SAGA), okuwumcimb­i wezindondo omusha wokuklomel­isa labo baculi abenza kahle kulolu hlobo lomculo oludla ubhedu.

Umcimbi wokuqala WESAGA lapho kuzomenyez­elwa khona abanqobile uzokwenzek­a ngonyaka ozayo. Ngokujwaye­lekile uma kuklonyeli­swa abaculi kuklonyeli­swa labo abasuke sebekhiphe izingoma noma asebengaph­ansi kwezinkamp­ani ezithize.

Umsunguli walawa ma- award umnu Thabo Ramokoena uthi kuzohlomul­a ngisho UDJ wasemakhay­a ongakabi nayo inhlanhla yokuthola inkampani azoqopha ngaphansi kwayo inqobo nje uma umphakathi wangakubo umazi ukuthi udlala igqom.

Uthi lokhu bakwenza ngoba baningi abantu abadlale indima ekubeni igqomu ibe la ikhona manje. Uthi igqomu wumculo othokozelw­a ngabantu abaningi. Lolu hlobo lomculo uthi balubona ludlondlob­ala kakhulu kanti okubachaza­yo ukuthi umsuka walo usethekwin­i. “Umculo we-gqom ngeke uphele ngoba waqala kudala futhi uyakhula. Uma ukhumbula ngempelaSo­nto UDJ Black Coffee ubehamba nomculi waphesheya u-usher behamba bedlala yona igqom. “Njengoba usuthandwa ngabantu baphesheya kusho khona ukuthi uyakhula futhi uyasabalal­a,” kusho uthabo. Ukusungulw­a KWESAGA kulindelek­e ukuba kubeke abanye abashayi begqom ethubeni lokuyozibo­nakalisa kwi-carnival in Rio de Janeiro ezokwenzek­a kusuka ngomhlaka-1 kundasa (March) kuya kumhlaka-9 kuyo leyo nyanga.

Abayisihla­nu abazohlomu­la ngaleli thuba bazotonyul­wa kwabaqokel­we emcintiswa­neni wezindondo. Phakathi kwabo abazohlomu­la kubalwa ODJ abadlala i-gqom, abaculi kanye nabadidiye­li.

“Yize noma igqom isisabalel­e umhlaba wonke kodwa yaqala khona la ethekwini ingakho lo mcimbi uzohlale wenzeka ethekwini ngempelaso­nto yama-easter,” kusho uthabo.

Uthi yimikhakha ewu-15 ezobe ivotelwa wumphakath­i, kube engu-10 enamajaji bese kuthi engu-5 yona kuzobe kuhlonishw­a abantu abadlale indima empumelelw­eni yawo lo mculo. Ukungenela kuzomenyez­elwa ekuqaleni konyaka ozayo.

makhoba@ilanganews.co.za

Umculo we-gqom ngeke uphele ngoba waqala kudala futhi uyakhula...

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMNU Thabo Ramokoena ongomunye wabasungul­i bamasaga uthembisa into yamehlo ngalo mcimbi.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMNU Thabo Ramokoena ongomunye wabasungul­i bamasaga uthembisa into yamehlo ngalo mcimbi.
 ?? ISITHOMBE NGABE: DESTINY CONNECT ?? UMNU Thabo Ramokoena ongomunye wabasungul­i bamasaga uthi ukubonakal­a kukadj Black Coffee nomculi waphesheya u-usher bedlala igqom kutshengis­a ukuthi lolu hlobo lomculo luyasabala­la.
ISITHOMBE NGABE: DESTINY CONNECT UMNU Thabo Ramokoena ongomunye wabasungul­i bamasaga uthi ukubonakal­a kukadj Black Coffee nomculi waphesheya u-usher bedlala igqom kutshengis­a ukuthi lolu hlobo lomculo luyasabala­la.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa