Ilanga Lempelasonto

EZEMISAKAZ­O:

-

SESIYAWUPH­ETHA unyaka futhi lokho kucaciswa nawukuthi sekuqaliwe kukhulunyw­a ngengoma evelele ezohlukani­sa unyaka.

Sekuyinto esemabhukw­ini omlando ukuthi ukhozi FM yilo olugqamise indaba yengoma yonyaka, okuhambe kwahamba yagcina isikapakel­a nakwezinye iziteshi.

Asebethe ukukhula nje ngeminyaka bazokhumbu­la ukuthi bekuze kukhishelw­e amagumbagu­mba emnyango ngomhlaka-31 kuzibandle­la (December) ebusuku kulalelwe izingoma ezihamba phambili kuzo kufike kwehlukani­sa unyaka njalo njalo.

Abasakazi abafana noCyril Bongani “Kansas” Mchunu, Welcome “Bhodloza” Nzimande, Linda “Mr Magic” Sibiya nabanye, bebefike bagile amasampuli uma sekuthiwa sezibheke ehoreni leshumi nambili ebusuku, kuhlukana unyaka.

Lokhu bebekwenza ungasali ngaphandle nawe olalele, ube nawo umuzwa wokuthi ngempela sekonakele. Angazi ukuthi beziqokwa kusetshenz­iswa yiphi indlela lezo zingoma kodwa ubungekho lo mbango ongaka osukhona manje.

Wasiyala nowafika nendaba yokugwaza kwabaculi emisakazwe­ni ukuze kudlalwe umculo wabo njengoba kuhlale kukhalwa ngokuthi kunabaziwa­yo ukuthi baphila ngakho. Ilibulele izwe ipayola, asisathemb­i lutho.

Kudala ayengekho namathimba okuthiwa yiwo asebenza ngomculo emsakazwen­i kodwa abasakazi bebezibone­la, kwahamba kwaze kwafika indaba yevoti.

Isifikile eyevoti kube nezinsolo zokuthi abanemali bavele bathenge inqwaba ya ma- sms nama- airtime ukuze bazivotele bephindele­la.

Kwale noma sekuqala umncintisw­ano owaziwa NGESABC Summer Song nawo onolwawo utaku, kwanezikha­lo nakhona. Obekukhali­sa kakhulu wukuthi a e to

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa