EZEMISAKAZO:
SESIYAWUPHETHA unyaka futhi lokho kucaciswa nawukuthi sekuqaliwe kukhulunywa ngengoma evelele ezohlukanisa unyaka.
Sekuyinto esemabhukwini omlando ukuthi ukhozi FM yilo olugqamise indaba yengoma yonyaka, okuhambe kwahamba yagcina isikapakela nakwezinye iziteshi.
Asebethe ukukhula nje ngeminyaka bazokhumbula ukuthi bekuze kukhishelwe amagumbagumba emnyango ngomhlaka-31 kuzibandlela (December) ebusuku kulalelwe izingoma ezihamba phambili kuzo kufike kwehlukanisa unyaka njalo njalo.
Abasakazi abafana noCyril Bongani “Kansas” Mchunu, Welcome “Bhodloza” Nzimande, Linda “Mr Magic” Sibiya nabanye, bebefike bagile amasampuli uma sekuthiwa sezibheke ehoreni leshumi nambili ebusuku, kuhlukana unyaka.
Lokhu bebekwenza ungasali ngaphandle nawe olalele, ube nawo umuzwa wokuthi ngempela sekonakele. Angazi ukuthi beziqokwa kusetshenziswa yiphi indlela lezo zingoma kodwa ubungekho lo mbango ongaka osukhona manje.
Wasiyala nowafika nendaba yokugwaza kwabaculi emisakazweni ukuze kudlalwe umculo wabo njengoba kuhlale kukhalwa ngokuthi kunabaziwayo ukuthi baphila ngakho. Ilibulele izwe ipayola, asisathembi lutho.
Kudala ayengekho namathimba okuthiwa yiwo asebenza ngomculo emsakazweni kodwa abasakazi bebezibonela, kwahamba kwaze kwafika indaba yevoti.
Isifikile eyevoti kube nezinsolo zokuthi abanemali bavele bathenge inqwaba ya ma- sms nama- airtime ukuze bazivotele bephindelela.
Kwale noma sekuqala umncintiswano owaziwa NGESABC Summer Song nawo onolwawo utaku, kwanezikhalo nakhona. Obekukhalisa kakhulu wukuthi a e to