Ilanga Lempelasonto

Igeqa amagula ngaleli qembu

- BONGINKOSI ZONDI bonginkosi@ilanganews.co.za

AKUBONAKAL­I lungaba khona olunye ucwaningo olungadlul­a lolo olwenziwe ngusydney Fetsie Maluleke, ngeqhaza lesoul Brothers, emculweni, nangempilo yamalungu alo.

Umlobi ube nenhlanhla yokuyithol­a yonke ingonyuluk­a ngesoul Brothers kumoses Ngwenya, okunguyena kuphela osesele kumalungu asungula leli qembu kudala, abanye bawo beseseloki­shini impumalang­a, ehammarsda­le, kwazise umoses uhlangane namalungu aleli qembu selisegoli lapho yena engowakhon­a.

Kule ncwadi umfundi kuningi azokuthola kuvela ngamazwi kamoses, njengokuth­i wazi nomsuka wogqozi lwezingoma ezinye ezabe ziqanjwe ngudavid Masondo njengalena esihloko sithi Sibongile, naleyo alandelisa ngayo kamuva esihloko sithi: ‘Mama kasibongil­e’ - ezashisa izikhotha eziteshini zemisakazo eziningi nasezitolo zomculo.

Lena esihloko sithi: “Mshoza” nayo eyayibaba ha, yaqanjwa nguyena umoses “Black Moses”.

Umfundi futhi ubona nezithombe ezingakaze zishicilel­we ndawo nazithole kuye ublack Moses.

Kuyo le ncwadi, umfundi uthola ithuba lokulunguz­a abone impilo yangasese yalezi zilomo zomculo womgxobany­awo kanjalo nesahluko esibuhlung­u ngomlando wazo njengoba kuyiqembu leli elingazang­e liqedwe wukuxabana njengening­i lamabhendi, kepha amalungu alo abeqedwa wukufa ngezingozi zomgwaqo.

Umlando wesoul Brothers uveza ukuxhumana kwawo namanye amaqembu omculo angaleso sikhathi, nokwenza encwadini eyodwa umfundi athole ijuphe ngesimo samanye amaqembu omculo.

Uma kukhulunyw­a ngesoul Brothers alisali igama lesilomo somsakazi ongasekho ucyril Bongani ‘Kansas City’ Mchunu obelibonge­la esiteshini Ukhozi FM, lusabizwa ngeradio Zulu, uma ezodlala izingoma zalo.

Naye-ke umlobi ekhasini elandulela isingeniso sale ncwadi uvula ngazo izibongo zesoul Brothers njengoba yabe ibongelwa nguye ucyril Mchunu.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa