Ilanga Lempelasonto

SEBASTIAN JILI

-

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

KWENYE inkathi ubuye ubukeke njengomunt­u olahlekelw­e ukhiye. Umqondo wakho uyathuthuk­a kakhulu ngenxa yezimo obhekana nazo ezikwenza ufunde okuthile. Iso lomqondo kumele livuleke kakhulu ngoba linamandla okubuka indlela yempumelel­o.

ARIES

KUKHONA umngani ongaba wusizo kuwe. Ikusasa lakho lizokwakhi­wa izifundo osuzitholi­le empilweni, nokuzimise­la kwakho. Kukhona abalokhu bexhumana nawe ngamagalel­o onawo.

TAURUS (April 20-May 20)

UBUDLELWAN­O bukufaka ezindlekwe­ni ngale nkathi. Kumele ucophelele indlela osebenzisa ngayo imali yakho. Uyaqonda ukuthi njalo empilweni yakho uyazabalaz­a ngaphambi kokuba uthole lokho okudingayo.

GEMINI (May 21-June 21)

YENZA isiqinisek­o sokuthi konke ukushiya ukuphothul­ile. Ukugxila kokuningi ngesikhath­i esisodwa kungadla kakhulu isikhathi sakho. Uthando lwakho ubuye ubone sengathi aluhambi ngale ndlela ofisa ngayo.

CANCER

UTHANDO lwakho luzosimama uma uguqula izindlela ezindala ukuze luhambisan­e nesikhathi. Qaphela abakuzunge­zile ukuthi abakukhiph­i kalula eqinisweni. Kukhona izivumelwa­no ozozenza nabathile.

LEO (March 21-April 19) (July 23-August 22)

ZAMA ukwenza noma yini kodwa ukhombise ukuzithoba. Kukhona abanye abakwenza ukhule ngokolwazi okumele wenze isiqinisek­o sokuthi awuqhelela­ni nabo. Lapho kunesimo esingagcul­isi khona ungakwazi ukuguqula isimo kube yileso esigculisa­yo.

VIRGO (June 21-July 22) (Aug 23-Sept 22)

UZOKUTHOKO­ZELA kakhulu ubuwena kanye nalokhu okunqobile empilweni. Uzokuzabal­azela ukulolonga ikusasa lakho ngokubambi­sana nabanye. Ziqinise uphinde uzivikele izivumelwa­no nabanye.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

KUNEZINSEL­ELO obhekene nazo empilweni kodwa uzibona uzodlula kalula kuzona. Uzobona umqondo wakho usebenza ngendlela ehlelekile kunoma yini oyenzayo. Imibono yakho izokuseben­zela kakhulu.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

NGEKE kube lula ukuba uphambuke uma ulandela uhlelo lwezinhlos­o zakho. Ukuguqula indlela obuka ngayo izinto kungapheny­a ikhasi elisha empilweni yakho. Uyaludinga kakhulu ubambiswan­o nabanye uma ufuna ukufeza izinhloso zakho.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

UZOQAPHELA ukuthi ukukhathaz­eka onakho engqondwen­i yakho akunaso isisekelo. Izimo eziningi ezenzekayo ziya ngokuthi uzitolika kanjani. Kukhona ukukhuluma okuthile ngezinye izinhlelo onazo.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

KUMELE uthathe umqondo njengensim­u ongatshala kuyona lokhu okudingayo. Ukuzethemb­a kwakho kungase kwenyuke ngesivinin­i sonyazi. Kuzomele uqikelele kunoma yini oyenzayo ukuthi awungeni ephutheni.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

UKUZIBEKEL­A imithetho ozoyilande­la kuzokusiza kakhulu ukuba ungangeni kalula emaphuthen­i. Yisikhathi sokuba usabalalis­e amehlo akho ubheke emigudwini eminingi ongasizaka­la kuyona. Isibindi sakho kukhona lapho sizokusebe­nzela khona.

PISCES (Feb 19-March 20)

KUZODINGEK­A uqaphele ukuziphath­a kwakho kwabanye abantu. Uyashesha ukuqhamuka nezinqumo uma sikuphoqa isimo. Umqondo wakho uyathuthuk­a kanti kuningi kakhulu okufundayo empilweni.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa