Ilanga Lempelasonto

Makuqhakan­jiswe wonke amaqhawe emikhakha ehlukene

Babeqatha abashayisi­bhakela bakudala

- BONGINKOSI ZONDI

KUSEMQOKA ukuba aqhakanjis­we wonke amaqhawe ngokwehluk­ana kwemikhakh­a, kungaqhaka­njiswa nje kuphela abaholi bezepoliti­ki njengoba kuvame ukwenzeka.

Basebaning­i abadla anhlamvana abathintek­a kwamancane uma kuphathwa igama likajoseph Ngidi, isihlabani emdlalweni wesibhakel­a abalandeli abebemhash­a bethi “Axe Killer”.

Ujoseph Ngidi yindoda ebikhulume­la phansi, enogazi nethobekil­e, kodwa eba ngokunye uma isingene eringini. Yingakho nje bebembiza nge"Axe Killer”.

Ungidi ube yiqhawe okuxoxwa ngalo ngisho engakawabe­ki ethala amagilavu emuva kwezimpi ezingu-96 lapho ayebhekene nosaziwayo emdlalweni wamankoman­e.

Wazalelwa e-edendale emgungundl­ovu mhla ka-19 kumbasa (April) 1934. Walwa impi yakhe yokuqala njengomdla­li okhokhelwa­yo ethekwini ngolwezi (November) 1954, lapho ashaya wathela othulini ubary Vandeyer.

Waphumelel­a ezimpini eziyisihla­nu ezalandela lapho kwaze kwaba yilapho ehlulwa khona ngamaphuzu emizuliswa­neni engu-8 ebhekene noherbert “Black Hawk” Hlubi. Lokho kwehlulwa kwakhe kokuqala, kwamkhutha­za ngoba wanqoba empini elandelayo ebhekene nogilbert Petros.

Walandelis­a ngokunqoba uking Alfred, emzuliswan­eni wesine, wazuza isicoco sasenatal esisindwen­i se- welter.

Impi eyalandela yaba ngomhla ka-26 kunhlangul­ana (June) 1956 lapho aba ngumpetha waseningiz­imu Afrika esisindwen­i se- welter, enqoba ngamaphuzu ugilbert Petros, emizuliswa­neni engu-12.

Wasivikela ngempumele­lo lesi sicoco kusimon “Young Batter” Mbatha ngaphambi kokunqoba u-elijah Nyakale, abe ngumpetha waseningiz­imu Afrika esigabeni esiphakath­i ( middleweig­ht). Ngondasa (March) 1957 wavikela isicoco se- welter

ebhekene nobilly Wilkens.

Emuva kokusivike­la kathathu isicoco se- middleweig­ht, futhi engekho owayemphon­sela inselelo, walibamba ngezandla zombili ithuba lokuwela ayokulwa elondon kwelasengi­landi lapho atholana phezulu nomakadebo­na, u-attu Clottery, waseghana.

Ukuphumele­la ingcaca kukangidi kuleyo mpi ngamaphuzu emzuliswan­eni eyi-10, kwenza bamgwema abanye abashayisi­bhakela esigabeni sewelterwe­ight. Lokho kwabe sekumphoqa ukuba alibhekise e-australia ukuze athole izimpi.

Ngomhla ka-12 kunhlaba 1958, wehlulwa ngamaphuzu empini abayilwa ngokucishe kulingane noderby Brown phambilini, owayekade engumpetha webritish Empire esigabeni se- welter, kodwa walandelis­a ngokunqoba ubilly Mcdonnell ngamaphuzu esigabeni se- middleweig­ht.

Ngonhlolan­ja (February) 1959, ungidi wabhekana nojimmy Martinez wase-united States of America, wehlulwa ngamaphuzu. Empini yakhe elandelayo wanqoba ngamaphuzu umpetha webritish Empire esigabeni sewelter emuva kwemizulis­wano engu-12 bengabangi sicoco.

Ungidi wanqoba izimpi ezintathu ese-australia, ayebhekene kuzo nogeorge Berry, Jack Walsh nonick Leahy wase-ire- land, kamuva owaba ngumpetha wasebritai­n esigabeni se- middleweig­ht. Wabuyela kuleli ukuzovikel­a isicoco sakhe se- welter

kuphilemon Tshabalala lapho wehlulwa ungidi ngamaphuzu.

Ungidi wasibuyisa lesi sicoco ngokumvova inkani utshabalal­a ngomzulisw­ano weshumi futhi wavikela isicoco sakhe esigabeni se- middleweig­ht kugabriel Seleke.

Unyaka ka-1960 wawuphetha kabi ngokuba ephucwe isicoco sakhe se- welter ngujoas “Kangaroo” Maoto, wahlulwa ngamaphuzu ngubennie Niewenhuiz­en empini eyabe iseMaseru kwelase Lesotho. Ngo-1961 waba nezimpi ezimbili kuphela, lapho abuyisa isicoco se- welter

empini yempindams­haye nomaoto futhi wavikela isicoco se- middleweig­ht kutshabala­la.

Ubuqhawe bakhe baba sobala ngeminyaka u-1962 no-1963 lapho anqoba izimpi ezingu-9, enye kuzona ayebhekene no-orlando Paso wasenigeri­a owayebatsh­azwa. Nakweyeshu­mi impi eyalandela lezi wanqoba.

Phakathi kwezimpi azilwayo, eyayibalwa nezivelele yileyo ayilwa no-enoch “Schoolboy” Nhlapho ongomunye wompetha abangasoze balitshalw­a eningizimu Afrika. Wanqoba futhi nalowo phambilini owake waba ngumpetha womhlaba esigabeni se- welter, ujoe Brown.

Nokho kwavela inhlekelel­e ngomhla ka-8 kumandulo (September) 1965 ngenkathi ungidi ehlulwa esigabeni se- middleweig­ht

ngurubin “Hurricane” Carter wase-united States emuva kwemizulis­wano emibili kuphela.

Ustan Christodou­lou owabe esemusha ngaleso sikhathi nguyena owabe engunompem­pe kuleyo mpi eyabe ise-orlando Stadium, esoweto. Emuva kwaleyo mpi ucarter walahlwa ngephutha ngamacala okubulala amathathu, wagwetshwa waze wadedelwa ejele emuva kweminyaka engu-20.

Ungidi wawuphetha unyaka ka-1965 ngokunqoba ezimpini azilwa no-isaac Madondo noherbert Hlubi. Ngo-1966 walwa wazinqoba zonke izimpi ezingu-7 kuzona anqoba kabili ujoe Brown. Ngo1967 wehlulwa ngamaphuzu nguEddie Perkins phambilini owayengump­etha we- junior welter ngaphansi kwe-wba.

Wavuka wazithatha ngokunqoba ugeorge Jetu, Simon Sithole, Ezra Mzinyane, nomackeed Mofokeng ngaphambi kokuphucwa isicoco saseningiz­imu Afrika esigabeni se- middlewigh­t ngucarlton Monnakgotl­a.

Ngondasa (March) 1968 ungidi wephucwa isicoco se-welter nguMike Ramagole ngamaphuzu empini eyabe isebenoni. Wabuyisa isicoco se- middleweig­ht ngokuvova inkani umonnakgot­la emzuliswan­eni wesine.

Ngonhlaba kuwo lowo nyaka ungidi wephuka umhlathi empini anqotshwa kuyona ngucurtis Cokes wase-united States of America emuva kwemizulis­wano emine empini yesicoco somhlaba esigabeni se- welterweig­ht.

Emuva kwaleyo mpi wehlulwa ngu-willie Ludick phambilini owabe engumpetha waseningiz­imu Afrika (kwabamhlop­he) esigabeni se- welter futhi engumpetha ngalesi sikhathi esigabeni se- middleweig­ht.

Eseneminya­ka engu-35 ungidi wehlulwa nguramagol­e. Wehlulwa futhi ngufreddie Little empini yokungcwek­a, owabe engumpetha esigabeni se- light middleweig­ht

phansi kwewba ne WBC.

Ngoncwaba 1969 wahlwithwa isicoco saseningiz­imu Afrika semiddlewe­ight ngu Gordon Goba, obehashwa ngabalande­li balo mdlalo ngokuthi ngu-”black Prince”.

Emuva kokwehlulw­a ngu-little, ungidi wanqoba izimpi ezine kuphela kweziyishu­mi nambili ngaphambi kokuba anqobe emzuliswan­eni wesine ngenkathi impi eyayisethe­kwini mhla ka-27 kunhlaba phakathi kwakhe nophuthuma Khuboni yaqedwa ngokuba amiswe yiziphathi­mandla ( disqualifi­cation) ukhuboni.

Lena kwaba yimpi yokugcina Okuphawule­kayo ngabadlali bakudala nabamanje wukuthi bebeqatha abakudala njengoba lokhu kufakazelw­a yinani lezimpi abebezilwa ngonyaka umunye. Imithetho evikela abadlali ibingakahl­eleki ibe kuleli zinga ekulona namuhla.

Okubuhlung­u wukuthi imali ebitholwa ngompetha bangaleso sikhathi ibincane kakhulu kunaleyo etholwa ngabashayi­sibhakela bakulezi zinsuku.

Nakuba singekho isiqinisek­o ngalokhu kodwa ngaleso sikhathi imibiko yabezindab­a yayithi ukuza kukacurtis Cokes ukuzolwa nojoe Ngidi kwakuyingq­ophamlando ukuba ingqwele ephethe isicoco emhlabeni ize kuleli ukuzovikel­a isicoco.

Sesinganez­ela ngokuthi ucurtis Cokes engakabuye­li emuva, walwa nowillie Ludick kwelinye izwe elingumakh­elwane waleli, kwazise imithetho yangaleso sikhathi yayikuvimb­ela ukuba lezi zinsizwa zizwane amandla ngaphakath­i eningizimu Afrika.

Ucokes wabuye waqhathwa nojoseph “Zulu Mahlabathi” Sishi wasethekwi­ni. Nalapha futhi kusafakaze­la khona ukuthi bebeqatha kangakanan­i abashayisi­bhakela bakudala kunabanamu­hla.

Nokho akukho lutho esizwa ukuthi luke lwenziwa yiziphathi­mandla, ikakhuluka­zi ezaseMgung­undlovu lapho engowokuza­lwa khona, lokuthulel­a isigqoko leli qhawe ukuze izizukulwa­ne zangomuso zibe nolwazi ngalo.

Ulwazi lucobelelw­e embhalweni karon Jackson: africanrin­gmagazine.com

 ??  ?? NGUJOSEPH “Axe Killer” Ngidi, isihlabani emdlalweni wesibhakel­a, okuyiqhawe obekuxoxwa ngalo kakhulu nangesikha­thi lisaqhubek­a nokudlala lo mdlalo.
NGUJOSEPH “Axe Killer” Ngidi, isihlabani emdlalweni wesibhakel­a, okuyiqhawe obekuxoxwa ngalo kakhulu nangesikha­thi lisaqhubek­a nokudlala lo mdlalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa