Akezwani nochuku nomsindo uking
AKAMKHOHLWA umqeqeshi owamnika ugqozi lokuqhubeka nokudlala unobhutshuzwayo uking Kgosietsile Ndlovu (25) ovimbela iblack Leopards. Undlovu ungowokuzalwa ega-rankuwa, enorth West. Uqale imfundo yamabanga aphansi ewestpark Primary School ngaphambi kokuba adlulele erosina Sedibana Sports School okuyilapho aphothule khona umatikuletsheni. Eseqede umatikuletsheni udlulele eboston College wenza iziqu zeSports Management iminyaka emithathu. Ngenxa yothando lwemfundo, uyaqhubeka nalezi ziqu etshwane University of Technology (TUT) lapho enza khona unyaka wesibili.
Lo mdlali uthi akasoze amkhohlwa ubushy Moloi owayengumqeqeshi esikhungweni semfundo ephakeme ETUT asidlalele ngo-2012 engakafundi kusona. Uthi kuningi akufunde kulo mqeqeshi. Uqale ukudlala ibhola kwisupersport United Academy eneminyaka engu-17.
Udlulele kwiroses United ebigijima kwinational First Division (NFD) egencwe yizembe. Ube esethathwa yifc Cape Town ka-errol Dicks nega-rankuwa United ngokwehlukana kwamasizini.
Ngesikhathi iga-rankuwa igencwa yizembe ube esejoyina ijomo Cosmos kaEphraim “Jomo” Sono afike wenza kahle yize igcine yehlulwe yiblack Leopards kuma- play off okunyukela kwi-absa Premiership ngesizini eyedlule.
Ingxoxo kandlovu NELANGA LangeSonto ( I/ L) ngempilo yakhe yangaphandle kwenkundla ihambe kanje:
I/ L: Ungumuntu onjani?
Ndlovu: Ngizithobile. Ngikhonze ukuchitha isikhathi esiningi nabangani bami. Kangizwani nomuntu onochuku. Umsindo kangiwufuni nhlobo.
I/ L: Injani impilo yasevenda?
Ndlovu: Impilo yakhona iyefana nakwezinye izindawo futhi sengize ngayejwayela kwazise yilapho umsebenzi wami ozinze khona. Okuhlukile ngayo wukuthi kayinabo ubukhazikhazi obuningi njengezinye izindawo.
I/ L: Ulimi lwakhona usuyalujwayela?
Ndlovu: Kancane kwazise bakhona abanye ozakwethu abaphuma kuyona le ndawo bayasichushisa kancane.
I/ L : Usushadelwe?
Ndlovu: Cha, kodwa nginaye umaqondana engizimisele ngokuyovela kubo ukuze ngibe yindoda ngokugcwele.
I/ L: Basekhona abazali?
Ndlovu: Yebo, ngizalwa ngulucas noMabel. Sibabili kuphela ekhaya, yimina nosisi wami utsepiso Ndlovu.
I/ L : Uhlala nobani njengoba ukude nakini?
Ndlovu: Ngihlala nozakwethu ulefa Hlongwane nochris Matombo.
Sikhonze ukuzidlalela iplaystation.
I/ L: Uyakwazi ukupheka?
Ndlovu: Ngikuyazama lokhu okulula. Ukudla engikukhonzile yispaghetti nemince. Singaxabana uma ungase ungincishe kona.
I/ L: Hlobo luni lwemoto onesifiso sokuhamba ngalo ngelinye ilanga?
Ndlovu: Imoto engiyithandayo yi-a45 yakwamercedes Benz. Yimoto eshibilika kamnandi emgwaqweni.
I/ L: Uphatha nhloboni yefoni?
Ndlovu: Yisamsung S9 ngenxa yokuthi ishaya izithombe ezinhle futhi iyanganelisa ngezinto enazo. Lokhu kuyangisiza ukuthwebula izithombe ezinhle njengoba isikhathi esiningi sihambela zonke izifundazwe zakuleli kanti kunezindawo ezinhle.
I/ L: Yiliphi idolobha ofisa ukulivakashela?
Ndlovu: Yisedubai ngenxa yokuthi kunezindawo zezimpahla zokugqoka.
I/ L: Yini eyokuqala oyenzayo uma uvuka?
Ndlovu: Ngiyathandaza ngaphambi kokuvula imiyalezo kumakhalekhukhwini bese ngilungiselela ukuyozivocavoca.
I/ L: Uma kungasha indlu ungakhiphani kuqala?
Ndlovu: Ngenhlanhla enkulu endlini lapho engihlala khona nginefire Extinguisher ukubalekela ukuzithola ngikulolo taku.
I/ L : Yini ofisa ukuziphilisa ngayo uma usuyeke ibhola?
Ndlovu: Ukuqhubeka nezifundo zami bese ngikwazi ukuba ngumqeqeshi.
I/ L : Yisiphi isilwane osikhonzile?
Ndlovu: Yibhubesi ngenxa yesibindi salo.
I/ L: Yimuphi umbala owuthandayo?
Ndlovu: Ngomnyama.
I/ L: Yisiphi isiqholo osithandayo?
Ndlovu: Yiherman and Biour.
I/ L: Iyiphi icelebrity Crush yakho?
Ndlovu: Ngulira.
I/ L: Hloboluni lomculo olukushaya ngaphakathi?
Ndlovu: Yideep House ULSD Deep, udj Fresh nodj Glenzito.
I/ L: Ukhona ezinkundleni zokuxhumana?
Ndlovu: Yebo ngiyatholakala kuzona zonke. Isikhathi esiningi ngisuke ngifuna ukuxhumana nabangani bami engingasitholi isikhathi sokuhlala nabo.
I/ L: Uma unganikwa ithuba lokuphatha izwe yikuphi ongafisa ukukuguqula?
Ndlovu: Nginganika abafundi imifundaze ukuze kuthuthuke izwe.
I/ L: Uthini umyalezo wakho entsheni?
Ndlovu: Kumele ibambelele emfundweni kwazise iyikusasa layo. Kumele iziqhelelanise nezinto ezingasizi ngalutho.