Ilanga Lempelasonto

IMIKLOMELO YEZIMOTO IZOSHUBISA UMBANGO KWI-HEROES MARATHON

- MZWAMANDLA ZONDI

UZIMISELE ngokuvikel­a isicoco sakhe seheroes Marathon unkosikhon­a Mhlakwana ( osesithomb­eni) wakwazulu-natal kulo mjaho ozokuba ngesonto elizayo lomhla ka-16 kwephezulu usukela emzini kamengamel­i wokuqala wentando yeningi waseningiz­imu Afrika, unelson Mandela, osequnu, e-eastern Cape.

Umhlakwana osubathela iboxer Athletics Club, utshele leli phephandab­a ngolwesihl­anu ukuthi umjaho wanonyaka uzokuba nzima kakhulu njengoba izingqwele zizohlomul­a ngonyanyav­u lwezimoto kubo bobubili ubulili.

Lo mjaho uzokube uhambisana ne-21km, i-10km ne-5km fun run.

“Ngijabule kakhulu ngokwenyus­wa kwemiklome­lo yalo mjaho. Ukufakwa kwemiklome­lo yezimoto kwizingqwe­le kuzokwenza ukuba lo mjaho ube sezingeni eliphezulu kakhulu kwazise bazokube bebaningi abantu abazolwela umklomelo wemoto.

"Ukunqoba kwami lo mjaho nyakenye kunginike okukhulu ukuzethemb­a. Kangingaba­zi ukuthi ngizokwazi ukusivikel­a isicoco.

"Ngifuna ukuhamba ezinyathel­weni zomqeqeshi wami uprodigal Khumalo ohlomule ngemoto kwiZululan­d District Marathon (ZDM) ekuqaleni konyaka olundi,” kusho umhlakwana ozuze u-r50 000 enqoba iheroes nyakenye.

Umhlakwana wenze kahle emijahweni eminingi nonyaka kanti uthi ubehlose ngayo ukuzicijel­a iheroes Marathon ukuze afike kuyona eqatha. Ekuqaleni konyaka udle ubhedu kwideloitt­e Marathon eqale eballito yasongwa ekings Park Athletics Stadium. Ngomfumfu (October) ungene isibili kwi-or Tambo Marathon kanti ikhona neminye imijaho ayinqobile nonyaka.

Ingqwele kwabesifaz­ane nyakenye kwaba ngu-asefa Chelitu wase-ethiopia okulindele­ke ukuba naye abe yingxenye yawo.

Umengameli we-athletics Transkei (AT), ulungisile Molwana, uthe sebemi ngomumo ukusingath­a lo mjaho wokuhlonip­ha umandela.

Uthe njengoba nonyaka iningizimu Afrika igubha iminyaka eyikhulu umandela azalwa, nabo banqume ukuklomeli­sa abasubathi ngendlela abangasoze bayikhohlw­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa